Go to full page →

IZIHLOHO 11—ITUBA LOKUKULEKA IEK 86

Ngayo indabuko nangeziboniso, ngawo umusa Wake; nangawo amandhla o Moya Wake, u Nkulunkulu uyakuluma kitina. Kodwa lezi azanele; kufanele ukuba nati inhliziyo zetu sizikipele zonke Kuye. Ukuze sibe nokutola ukupila komoya, namandhla kufanele ukuba sibenobudhlelane uoBaba wetu oseZulwini. Imicamango yetu kufanele ukuba ibhekiswe Kuye; sicamange ngemisebenzi Yake, u musa Wake, izibusiso Zake; kodwa loku akusibo ubudhlelane naye ngokugcweleyo. Ukuze sibe nobudhlelane no NKulunkulu kufanele ukuba sibe nesikutshoyo Kuye ngokupila kwetu esikupilileyo. IEK 86.1

Ukukuleka ukuvula inhliziyo ku Nkulunkulu njengaloku sinoku ivula esihlotyeni setu. Kungesiko ukuti kufanelekile ukuba sazise ku Nkulunkulu loko esiyiko; kodwa kube ukuba sibe namandhla okuMamukela. Ukukuleka akumehlisi u Nkulunkulu kumlete kitina, kodwa kuyasenyusa kusiyise ku Yena. IEK 86.2

Ngesikati u Jesu esemhlabeni wafundisa aba fundi Bake uhlobo abangakuleka ngalo. Wabatyela ukuba inswelo zabo zemihla ngemihla bazibeke pambi kuka Nkulunkulu, inhlupeko zabo bazibeke pezu Kwake. Nalelo qiniso abanika lona lokuti izicelo zabo ziyakuzwiwa. nati futi Hinikiwe lona. IEK 86.3

U Jesu ngokwake, ekuhlaleni kwake pakati kwabantu, wayekuleka ngaso sonke isikati. UMsindisi wetu wa zenza munye nezinswelo zetu, nobutakataka betu, ngaloku waba sesikundhleni setu, wabangumceleli wetu, wazifunela ku Vise amandlila amatsha, ukuze eze elungele ukusebenza nezilingo. Ungumboniso wetu kuzozonke izinto. Ungumzalwane ebutakatakeni betu. “Kuzozonke izinto walingwa njengokuba silingwa”; kodwa njengongenacapaza isimilo sake sabaleka kokubi; wabekezela ubunzima obukulu nokuhlutshwa kompefumulo elizweni lesono. Ubuntu bake benza ukuba ukukuleka kube-umsebenzi uemfanelo. Wafumana ukutokoza nokujabula ebudhle laneni no Yise. Uma ke UMsindisi wabantu, i Ndodana ka Nkulunkulu wezwa ukusweleka komkuleko, kukangakanani ke kitina esibutakataka ukufanele ukuba sikuleke sonke isikati, tina abazimilo ezibi ezifayo? IEK 87.1

UBaba wetu oseZulwini ulindele ukubeka pezu kwetu ukugcwala kwezibusiso Zake. Kulituba letu ukupuza kakulu emtonjeni wotando olungapeliyo Akusiso yini isimangaliso ukuba sibe sikuleka kancane kangaka? U Nkulunkulu ulungile, futi Uyavuma ukuzwa imitandazo yesineke, yabantwana Bake abatobekileyo; kanti noko kukona ukungavumi kitina ukuba sise inswelo zetu ku Nkulunkulu. Izitunywa zezulu zingacamangani nga bantu ababutakataka njengati nje, abapantsi kwamandhla esilingo, uma inhliziyo kaNkulunkulu yotando olungapeliyo isikalela, ilungele ukubanika loko abangenamandhla okukucela nokukucamanga; kanti noko bakuleka kancane kangaka, banokolo oluncane kangaka? Izitunywa zezulu ziyatanda ukutoba pansi pambi kuka Nkulunkulu, ziyatanda ukuba seduze naye. Ukuba nobudhlelane naye zikucamangela ukuba iyona ntokozo engapezu kwazo zonke; kanti noko abantwana abasemhlabeni abalufuna kangaka usizo abangabelufumana kuNkulunkulu kupela, babonakala banelisiwe ukuhamba ngapandhle kokukanya koMoya Wake, nobulingane bo buso Bake. IEK 87.2

Ubumnyama bokohlakeleyo buyabavimbela labo abanqaba ukukuleka. Izilingo ezihletywa izita zabo ziyabahaula ukuba bone; lokukonke kuva ngoba bengawasebenzisi amalungelo abawanikwe ngu Nkulunkulu ekumt seni kwake ugobu Nkulunkulu ukukuleka. Kungani ukuba izintombi, namadodana ka Nkulunkulu benqabe ukukuleka, loku ukukuleka ku isihlutulelo esi.sesandhleni sokolo ukuvula izindhlu ezinkulu zase zulwini, lapo kulondolozwe kona inifuyo engabalisekivo yo Pezu konke? Ngapandhle koknkuleka okungayekiyo, nokulinda kwempela sisengozini yokuba sibe ngabanganakekeliyo, nabapambukayo endhleleni elungileyo. Isita siyafuna sonke isikati ukuvala indhlela eya esihlalweni somusa, ukuze singabinako ngokucela, ngesineke, nangokolo sizuze umusa namandhla okwenqaba izilingo. IEK 88.1

Kukona izimiselo ezitile esingalindela ngazo ukuba u Nkulunkulu asizwe apendule imitandazo yetu. Esokuqala salezi zimiselo esokuba sizizwe ukuba sifuna usizo oluvela Kuye. Utembisile ukuti “Ngiyakutela amanzi kulowo owomileyo nemisinga emhlabeni eyomileyo”1Isa 44. 3. Labo abalamba bomele ukulunga abafuna uNkulunkulu bangaqiniseka ukuba bayakwesuta. Kodwa inhliziyo kufuneka ivulekile emandhleni o Moya, ngapandhle kwalokoke izibusiso zika Nkulunkulu azinakwamkelwa. IEK 88.2

Inswelo yetu enkulu nayo ngokwayo iludaba, iyacela kabukali ngenxa yetu. Kodwa iNkosi kufanele ukuba incengwe ukuba isenzele lezizinto. Iti:—“Celaui niyakupiwa” Futi “Lowo onga yigcinanga eYake I Ndodana, kodwa wa yinikela ngenxa yetu sonke, angatini ukuba angati Ngayo futi asinike zonke izinto ngesihle?”1Matt. 7. 7; Rom. 8. 32. IEK 89.1

Uma sigcina i nkohlakalo ezinhliziyweni zetu, umasi bambelela nakusipi isono esazekayo. iNkosi a yinakusizwa; kodwa ukukuleka kokupenduka, nenhliziyo ezisolayo. kuyamkeleka ngaso sonke isikati. Uma zonke izono ezazekayo sezilungisiwe, singakolwa ukuba u Nkulunkulu uyakupendula izicelo zetu. Imisebenzi yetu ngokwayo a yinako ukusiyalela emuseni ka Nkulunkulu; ukuba namandhla kuka Jesu okuyakusisindisa; igazi Lake elingasi hlambululayo; kanti noko sinomsebenzi esifanele ukuwenza ovumelana nezimiselo zokwamkela usindiso. IEK 89.2

Esinyo futi isiqalo somkuleko osizayo lukolo “Lowo ozayo kuNkulunkulu kufanele ukuba, akolwe ukuti Ukona, nokuti ungumvuzi wolabo abamfuna ngesineke.” U Jesu wati kubafundi Bake “Lezozinto noma zi yini, enizifisayo uma nikuleka, kolwani ukuba niyakuzamkela, niyakuba nazo.”2Heb. 11. 6; Marko 11. 24. Siyalikolwa ke izwi Lake? IEK 89.3

Leliqiniso libanzi alinamkaulo, ukolekile Lowo olitembisile. Uma singazamkeli lezozinto esizicelayo, nangalesosikati esizicela ngaso, sifanele sihlale ngokukolwa ukuba i Nkosi iyezwa; nokuti futi iyaku ipendula imitandazo yetu. Siposisa kangangokuba, futi si izimpumpute zokuba, siti ngezinye izikati sicele izinto ezingasizo i zibusiso kiti ati ke u Baba wetu ose Zulwini otandweni apendule imitandazo yetu ngokusinika loko okuyakuba okulungileyo kakulu kitina,—loko ebesingakufunayo nati ngokwetu uma besite ngokukanyiswa kwapezulu saba nokubona zonke izinto njengaloku zinjalo. Uma imitandazo yetu ingati a ipendulwa. sifanele sibambelele esitembisweni; ngokuba isikati sokupendula siyakufika ngeqiniso, siyakusamkela isibusiso esisifuna kakulu. Kodwa umasiti imitandazo iyakupendulwa sonke isikati ngalevondhlela, ipendulwa kuleyonto kanye es ifunayo, ukuzicamangela nje. UNkulunkulu uhlakanipile kakulu ukuba aposise, futi ulungile kakulu angeze enqaba naloko okulungileyo kulabo abahamba ngokulungileyo. Musani ke ukwesaba ukumtemba noma ninga iboni masinyane impendulo yemitandazo yenu. Yeyamani, nitembe esitembisweni sake esiliqiniso “Celani niyakupiwa.” IEK 89.4

Uma sitata, amacebo etu ngokungabaza nangokwesaba, mhlaumbe silinga ukuba kusieaeele ukuba sibone zonke izinto kahle, ngapambi kokuba sibenenkolo, kuyakuvama ukudidekanje kupela kube kuningi. Kodwa uma siza ku Nkulunkulu seyame kuye ngokuziqonda ukuba asina mandhla, njengaloku sinjalo nempela siti ngokolo lokuzi toba simazise loko esikuswelevo, Yena onamandhla angenamkaulo, obona zonke izinto ekudalweni, nobusa zonke izinto ngeNtando nangezwi Lake, Uyakulalela, ngoba enamandhla okwenza njalo, kuko konke esikala ugako, uyakuvumela ukukanya Kwake kukanye ezinhliziyweni zetu. Ngomkuleko onesineke siyaletwa ebudhlelaneni bwemicamango nonamandhla a-nge nam-kaule. Singeze mhlaumbe sibe nabo ubufakazi obueacile ngaleso sikati bokuti ubuso bo Msindisi wetu butobele pezu kwetu ngomhau nangotando; kodwa loku kona kunjalo. Singeze mhlaumbe sakuzwa ukusitinta Kwake okubonakalayo, kodwa isandhla Sake sipezu kwetu ngotando nosizi nomunyu. IEK 90.1

Lapo sizakucela umusa nezibusiso ku Nkulunkulu sifanele ukuba sibe nomoya wotando nokutetelela ezinhliziyweni zetu. Singatini ukukuleka ngokuti “Sitetelele amacala etu, njengaloku sibatetelela labo abasonayo tina,”1Matt. 6. 12. kanti noko sibleli emoyeni wokungateteleli ? Uma silindele ukuba eyetu imitandazo izwiwe, sifanele ukuba tetelela abanye ngalo loluhlobo nakangangokuba silindele ngalo nati ukuba sitetelelwe. IEK 91.1

Ukwenza isineke ekukulekeni isona simiselo sabekwayo sokwamkela ukutetelelwa. Sifanele sikuleke njalo uma sitanda ukukula elukolweni nasekwazini. Sifanele sibe se “Mtandazweni sonke isikati ” uku “hlala e mtandazweni njalo silinde kuwo ngokubonga,”2Roma 12. 12; Kolose 5. 2. uPetro wabayala abakolwayo ukuba bahlale be “sile balinde emtandazweni.”31 Petro 4. 7. UPaule usiyala ati:—Kuzo zonke izinto ngokukuleka nangokunxusa, nangokubonga, ma zenziwe izicelo zenu kuNkulunkulu.4Phil. 4. 6. “Kodwa nina bataudekayo utsho ke uJuda, Nitandaze kuMoya o iNgcwele zigcineni otandweni luka Nkulunkulu.”5Juda. 20. 21. Ngokungayeki ekukulekeni, ilapo kukona inhlangano engapukiyo yompefumulo kanye noNkulunkulu, ngokunjalo ke ukupila okuvela ku Nkulunkulu kugelezela kokwetu ukupila; kusuke kokwetu ukupila kupupume ukuhlambululeka, nokucweba kuye ku Nkulunkulu. IEK 91.2

Kukona ukusweleka ukuba umtaudazo wenziwe ngesineke; makungabiko luto olunenqabelayo. Yenzani yonke imizamo ukuba kuvele ubudhlelaue pakati kwowako umpefumulo no Jesu. Funa wonke, amatuba okuba uye lapo kuvama kona ukwenziwa imitandazo. Labo, abafuna ubudhlelane no Nkulunkulu ngempela bayakubonwa enhlanganisweni zemitandazo, bekolekile emisebenzini yabo, bomile, befisa ukuzuza konke okungafunyaniswayo. Befisa njalo ukwenza ngcono onke amatuba okuba bazibonakalise lapo, lapo bangamkela kona imisebe yokukanya okuvela ezulwini. IEK 92.1

Sifanele ukukuleka nasemizini yetu; nangapezu kwako konke singawudembeseli umtandazo wangasese, ngoba loku kungukupila kompefumulo. Kungeuzeke nakanye ukuba umpefumulo ukule ngaso sonke isikati umtandazo udembeselwe. Umtandazo wase zi ndhlini noma owangasese yodwa ayanele. Uma sihlolile sisodwa umpefumulo kufanele ukuba uvulwe impela ukuba uhlolwe liliso lika Nkulunkulu. Umtandazo wangasese ufanele ukuzwiwa nguNkulunkulu ozwa imitandazo ukupela. Akuko ndhlebe enye engenamsebenzi efanele ukwamkele umtwalo wezicelo ezingangalezi. Emtandazweni ongasese umpefumulo ukululekile kukokonke okuzungezileyo, ukululekile nasovalweni. Ngokutula, kanti noko ngamandhla uyakupumela ku Nkulunkulu. Ayakubamnandi, abe angapeliyo amandhla avela Kuye obonayo ekusitekeni ondhlebe evulekele ukuzwa umtandazo ovelaenhliziyweni. Ngokolo, oluhle nolutambile, umpefumulo uba nenhlam gano noNkulunkulu, ubutele imisebe yamandhla okukanya kuka Nkulunkulu ukuba kuwuqinise kuwugcine empini yawo no Satana. UNkulunkulu u intaba yetu yamandhla. IEK 92.2

Tandaza egumbini lako; noma uhamba emsebenzini wako wemihla ugemihla, inhliziyo yako maihale ipakamisekele kuNkulunkulu. Kwaba ngohlobo olunje awati u Enoki wahamba noNkulunkulu. Lemitandazo etulileyo ipakaina njengepunga elimnandi pambi kwesihlalo somusa. USatana kanakumehlula ouhliziyo izinze kangaka ku Nkulunkulu. IEK 93.1

Akukosikati nandawo lapo, kungafanele kona ukuba sinikele izicelo zetu kuNkulunkulu. Akukoluto oluugasenqabela ukuba singazipakamisi izinhliziyo zetu ngomoya womtandazo onesineka. Pakati kwezixuku ezisemigwaqweni, pakati kokukulu ukupateka yimisebenzi singasitumela isicelo setu kuNkulunkulu, sinxuse ukukokelwa nga Pezulu, njengaloku enzenjalo uNehemiah ekwenzeni kwake isicelo sake pambi kweNkosi uAratekesesi. Ubudhlelane obusesite bungafunyaniswa noma sikupi. Sifanele iminyango yenhliziyo zetu siyivule sonke isikati, kuti izimemo zetu zenyyukele pezulu ukuba uJesu eze, ahlale njengesimenywa sasezulwini empefumlweni. IEK 93.2

Noma uraoya osizungezileyo ungomubi nongapilileyo asifanele ukuba sipefumule umkuhlane wawo, kodwa singapila ekucwebeni komoya wasezulwiui. Singa yivala yonke iminyango emicamangweui emibi nasezizindhlweni ezingacwebileyo, ngokupakamisa umpefumulo pambi kukaNkulunkulu ngomtandazo wesineke. Labo abanenhliziyo ezivulekele ukwamkela ukupaswa, nesibusiso sika Nkulunkulu bayakuhamba emoyeni ocwebileyo kunalowo wasemhlabeni baya kuhlala benobudhlelane obungapeliyo ne Zulu. IEK 93.3

Kufanele ukuba sibenemicamango ecaee ngapezu kwaloku ngo Jesu nokuqonda okugcwele ngapezu kwaloku ngenani lamaqiniso akanapakade. Ubuhle bokucweba bufanele bugcwalise inhliziyo zabantwana baka Nkulunkulu; ukuze ke loku kwenzeke, sifanele ukufuna izimau galiso zezinto zanga Pezulu. IEK 93.4

Umpefumlo maukitshwe wenyuswe ukuze uNkulunkulu asinike ukupefumula komoya wase Zulwini. Sifanele ukuba seduze kangaka ku Nkulunkulu ukuze kuti eziling weni zetu esingazilindele, imicamango yetu ipendukele kuye njengaloku imbhali ipendukela elangeni. IEK 94.1

Zonke iswelo zenu, injabulo zenu, intsizi zenu, inhlupeko zenu, nokwesaba kwenu kubekeni pambi kuka Nku lunkulu. Aninako ukumsindisa ugemtwalo; aninakum dinisa. Lowo okwazi ukubala inani lezinwele zenu, akanako ukulibala izintswelo zabant wana Bake. IEK 94.2

“I Nkosi inesihau esikulu inomusa otambileyo”1Jakobe 5, 11. Inhliziyo Yayo yosizi iyatinteka zinsizi zetu, noma sikuluma ngazo. Yisani kuye konke okuhlupa imicamango yenu. Akuko luto olukulu kakulu kuye ukuba alutwale, ngokuba Upakamisa imihlaba, ubusa zonke izindaba zalolonke ilizwe. Akuko luto olupete ukutula kwetu olungaba luncane kuye ukuba angaluboni. Akuko sahluko ekwazini kwetu esimnyama kuye ukuba angesifunde, akuko kudideka okulukuni kuye ukuba angekuhlaluse. Akuko ngozi engavelela nomncane wabantwana Bake, kungeko luvalo olungahlupa umpefumulo, akuko ntokozo ekanyisa, kungeko mkuleko opeleleyo opuma emlonyeni angase angawuboni u Baba wetu. Ose Zulwini, angeze futi autokozele masinyane Yena. “Upilisa inhliziyo eyapukileyo abope amanxeba azo.”1Izihlabelelo 14. 2, 3. Ubuzalwane obupakati kuka Nkulunkulu nompefumulo ngamunye buyabonakala bugcwele sengati awuko omunye umpefumulo pezu komhlaba onesikalo sonakekelo Lwake. Sengati awuko omunye umpefumulo awunikela i Ndodana Yake etandekayo. IEK 94.3

U Jesu wati “Niyakucela ngegama Lami; angitsbo ukuti ngiyakukuleka ku Baba ngenxa yenu, ngokuba uBaba ngokwake uyanitanda.” Nginiketile . . . ukuba kuti noma ngubani oyakucela kuBaba egameni lami, Uyakumnika.2Johane 16. 26, 27; 15. 16. Kodwa ukukuleka egameni lika Jesu ku yinto engapezulu kokufane nmuntu alipate lelogama ekuqaleni nasekugcineni kokukuleka. Kungukukuleka emcamangweni osemoyeni ka Jesu, uma sikolwa izitembiso Zake kufanele seyame emuseni Wake sisebenze imisebenzi Yake. IEK 95.1

UNkulunkulu akatsho ukuti noma ubani wetu makabe lilolo mhlaumbe abe ngumhamba wodwa, acatshe ezweni, ukuze sibenokuzinikela emisebenzini vokukuleka. Ukupila kwetu kufanele ukuba kube njengokuka Kristu pakati kwezintaba nezixuku. Lowo ongenzi luto kupela ukutandaza uyakuyeka masiyane ukutandaza, mhlaumbe umtandazo wake uyakupenduka ube lisiko nje elenziwayo. Uma abantu bezikipa pakati kwabantu, pakati komsebenzi wabantu abakolwayo, nokutwala isipambano; lapo sebeyeka ukusebenza ngesineke kuyo iNkosi, eyabasebenzela ngesineke yona, bayalahlekelwa ngumtandazo, bangabi nayo inkutalo yokuzinikela. Imitandazo ipen duka ibhekise ebantwini nakubo ngokwabo. Abanako ukukuleka ngenswelo zoluntu, mhlaumbe ukubumba umbuso ka Kristu, banxuse amandhla okungasetyenzwa ngawo lomsebenzi. IEK 95.2

Siyalahlekelwa umasenqaba ituba lokuba sihlangane udawonye, ukuqinisana sikutazane omunye nomunye enkonzweni ka Nkulunkulu. Amaqiniso eZwi Lake olahlekelwa nkukanya kwawo nobukulu bawo emcamangweni yetu. Inhliziyo zetu zipele ukukanyiseka, nokululekwa ngamandhla ake acwebisayo sibe se sehla emoyeni. Ezinhlanganisweni zetu njengamakolwa silahlekelwa okuningi ngokuswela usizi omunye komunye. Lowo ozivalela yedwa akasigcwalisi isikundhla ayeqonde ukuba eme kuso u Nkulunkulu. Ukulungisa okulungile kweziqalo zokuhlangana kwetu ezimilweni zetu kusiletela ukuba sibe nosizi omunye komunye, ku indhlela yokuham bisela pambili namandhla kiti emsebenzini ka Nkulunkulu. IEK 96.1

Uma amakolwa abengahlangana udawonye, akulumisane ngotando luka Nkulunkulu, nangamaqiniso amahle okusindiswa, inhliziyo zawo bezingakutazeka. futi akutazane. Singafunda zonke izinsuku okungapezulu ngoBaba wetu ose Zulwini sitole ukwazi okutsha ngomusa wake; kona singafisa ukukuluma ngotando Lwake; uma senzaloku inhliziyo zetu zifudumale sikutazeke. Uma besingacamanga sikulume ngapezulu ngo Jesu, sikulume kancane ngokwetu, singatola okungapezulu kobukosi bake. IEK 96.2

Uma besingacamanga ngo Nkulunkulu futi futi njengaloku sinobufakazi bokusinakekela Kwake, besifanele ukumgcina emcamangweni yetu izikati zonke. Sibonge Yena. Sikuluma ngezihlobo zetu, ngoba sizitanda; intokozo zetu, nensizi zetu zibopelelene nazo. Kanti noko kukona isizatu esingapezulu kakulu sokuba sitande u Nkulunkulu, kunokutanda izihlobo zetu zase mhlabeni bekufanele ukuba kube yinto eyandile ezweni ukuba senze Yena ukuba abe ngowokuqala emicamangweni yetu, sikulume ngokulunga kwake, sikulume ngamandhla Ake. Izipo ezicebileyo asinikele zona asizinikelwanga ukuba zibambe imicamango yetu notando lwetu kangaka ukuba singabi naluto esingalunikeza uNkulunkulu; zifanele ukuba sikumbuze Ngaye ngasosonke isikati zisibope ngezibopo zotando, nokubonga kuMsizi wetu wase Zulwini. Sihleli eduze kakulu nemihlaba ezikileyo yomhlaba. Masipakamise amehlo etu siwabhekise emasangweni avulekileyo endawo e ingewele yapezulu lapo kukanya kona ukukazimula kuka Nkulunkulu ebusweni buka Kristu, “onamandhla okusindisa kuze kubesekupeleni, labo abeza ku Nkulunkulu Ngaye.”1Hebere 7. 25. IEK 96.3

Kufanele simbonge u Nkulunkulu ngapezu “Ngenxa yobulungisa Bake, nangenxa vemisebenzi Yake emangalisayo kubantwaua babantu.”,2Izihlabelelo 107. 8. Imisebenzi yetu yokuzinikela akufanele ukuba kube eyokucela nokwam kela kupela. Masingacamangi njalo ngenswelo zetu, singacamangi neze ngaloko esikwamkelayo. Asikuleki kakulu, kodwa siyazonga ekubongeni. Singabamkeli ngaso sonke isikati bonmsa ka Nkulunkulu, kanti noko sibonga kancane; kanti noko simbonga kancane, ngaloko asenzela kona! IEK 97.1

Endulo i Nkosi yati kwaba kwa Israyeli, lapo behlangana beza ku ikonza, “Niyakudhla pambi kuka, Jehova u Nkulunkulu wenu, niyakutokoza kuko konke eniyakubeka izandhla kuko, nezindhlu zenu, lapo u Jehova u Nkulunkulu wenu enibusisela kona.”1Deut. 12. 7. Loko okwenzelwa ukudunyiswa kuka Nkulunkulu. kufanele kwenziwe ngokutokoza, ngokuhlabelela nangokubongal kungesiko ngokudana nangokuvilapa. IEK 97.2

U Nkulunkulu Wetu utainbile, u Baba onomusa. Umsebenzi wake akufanelekile ukuba ubukwe njengomsebenzi ohlupayo nowosizi. Kufanele ukuba kube ngokwenjabulo, ukukuleka e Nkosini, nokuba semsebenzini Wayo. U Nkulunkulu katandi ukuba abantwana bake, abenzela usindiso olungaka ukuba benze songati ulukuni futi uyacindezela. Ungumhlobo weqiniso; lapo bekuleka kuye utanda ukuba nabo, ukuze ababusise abaduduze; izinhliziyo zabo azigcwalise ngentokozo nangotando. I Nkosi ifuna ukuba abantwana Bayo baduduzeke enkonzweni yayo, bufumanise intokozo ngapezu kosizi emsebenzim wayo. Ifisa ukuba labo abeza enkonzweni yayo, beze nemicaniango emihle ngotando lwayo, noku nakekela kwayo. Ukuze bavuseleleke kuyoyonke imise benzi yemihla vonke, ukuze babenomusa wokuse benza ngobulungisa, nangokukolekileyo kuzozonke izinto. IEK 98.1

Kufuneka ukuba sizungeze isipambano. U Kristu Yena ebetelwe ufanele ukuba abe ludaba lokucatvangwa. lokukulunywa, nolwezimvalo zetu ezitokozileyo. Sifanele ukugcma emicamangweni yetu sonke isibusiso esisamkela ku Nkulunkulu; nalapo sesiqonda utando Lwake olukulu, sifanele ukuba sivume ukutembela konke esandhleni esabetelwa esipambanweni ngenxa yetu. IEK 98.2

Umpefumlo ungenyukela eduze kwezulu ngamapiko okubonga. UNkulunkulu uyabongwa, ngokuhlabelelanangengoma ezinknndhleni zangapezulu, nalapo sibeka ukubonga kwetu. sisondela ekubongeni kwemikosi yase Zulwini. “Lowo owenyusa izibongo udu misa u Nkulunkulu.”1Izihlabelelo 1. 23. Masize Kuye ngentokozo yokuzitoba, pambi ko Mdali wetu ngokubonga, nangezwi elimnandi.2Isaya 21. 3. IEK 99.1