Go to full page →

Imfundiso-ze Yokuhlushwa Okuphakade IE 43

lmfundiso-ze yokuhlushwa okuphakade idale ububi. Inkolo yeBhayibheli, egcwele uthando nokulunga, ithola ichashazi elimnyama lezinkolelo zamanga nokwembathiswa ngokwesaba. USathane upende isimilo sikaNkulunkulu ngemibala yamanga. UMdali wethu onomusa uyesatshwa, aze azondwe. Imibono eshaqisayo ngoNkulunkulu seyisabalele umhlaba wonke ngoba izimfundiso eziphuma epulpiti zidale izigidi zabantu abangakholwa nabangabazayo. IE 43.3

Ukuhlushwa okuphakade enye yezimfundiso zamanga, iwayini lobufebe (Sambulo 14:8; 17:2), iBabiloni eliphuzisa izizwe zonke. Abefundisi baKristu bayamukela lemfundiso-ze beyithatha eRoma ngokwamukela kwabo isabatha lamanga. 1. Uma sishiya iZwi likaNkulunkulu samukele izimfundiso-ze ngoba zazifundiswa obaba bethu, siwela ngaphansi kokulahlwa kweBabiloni; siphuza iwayini lobufebe balo. IE 43.4

Abantu abaningi bathatha inkohliso eya kolunye uhlangothi. Bayabona ukuthi iBhayibheli liveza uNkulunkulu enothando nesihe, kanjalo ke engeke aphonse izidalwa zaKhe esihogweni esivutha kwaphakade. Bebambelele ekuthini umphefumulo ngokwemvelo awufi, bathi bonke abantu bayosindiswa. Ngaleyo ndlela isoni singaphila ngokuzithokozisa, ngaphandle kokunaka imiyalo kaNkulunkulu, kodwa sithole ukwamukeleka nguYena. Imfundiso enjalo, ezakhela imibono yayo ngomusa kaNkulunkulu kodwa enganaki ubulungiswa baKhe, ithokozisa inhliziyo yenyama. IE 44.1