Go to full page →

Abakulungele Ukungena Ezulwini IE 47

Labo abakhethe uSathane njengomholi wabo abakulungele ukungena phambi kukaNkuiunkulu. Ukuziphakamisa, inkohliso, ukuchanasa, isihluku, yizinto ezakha izimilo zabo. Bangangena kanjani ezulwini bahlale ngunaphakade nalabo abebebazonda emhlabeni? Iqiniso ngeke lize livumelane nomuntu wamanga; ubumnene ngeke benelise ukuzikhukhumeza; ubumsulwa abamukeleki kokhohlakele; uthando olungenakuzicabangela aluthandeki kumuntu ozicabangelayo. Izulu lingaba kanjani yintokozo kulabo abanake okwabo kuphela? IE 47.1

Kungenzeka yini ukuthi labo abanhliziyo zabo zigcwele ukuzonda uNkulunkulu, iqiniso nobungcwele, bahlanganyele namabandla asezulwini, bacule amaculo akhona okudumisa? Babephiwe iminyaka ngeminyaka yomusa, kodwa abazifundisanga izingqondo zabo ukuthi zithande ubumsulwa. Abazange bayifunde inkulumo yasezulwini. Manje sesedlule isikhathi. IE 47.2

Ukuphila impilo yokuhlubuka kuNkulunkulu kubenze abaze bafaneleka ukungena ezulwini. Ubumsulwa nokuthula kwezulu kungabalethela ubuhlungu; inkazimulo kaNkulunkulu ingaba umlilo ohashulayo. Bangafisa ukubaleka kuleyondawo engcwele, bakhethe ukufa, ukuze bafihlakale ebusweni baLowo owafa ukubasindisa. Ikusasa lababi bazikhethele lona bona. Ukungabi yinxenye yezulu, kuya ngokuzikhethela kwabo, futhi kungubulungiswa nomusa kaNkulunkulu. Njengamanzi kazamcolo, imililo yosuku olukhulu imemezela isinqumo sikaNkulunkulu sokuthi ababi abelapheki. Intando yabo bayisebenzisela uhlubuko. Uma seyiphelile impilo, sekungemuva kwesikhathi ukuguqula imicabango isuke ekoneni iye ekulaleleni, isuke enzondweni iye othandweni. IE 47.3