Go to full page →

Ubudlelwane Obungavunyelwe IE 57

Futhi uNkulunkulu wenqabela ukuzama ukuxhumana nemimoya yasebasishiya. “ imimoya yamadlozi,” njengoba lezivakashi ezivela kweminye imihlaba ibizwa kanjalo, kuthiwa eBhayibhelini “yimimoya yamadimoni.” (Bheka uNumeri 25:1-3; iHubo 106:28; 1 Korinte 10:20; iSambulo 16:14. Ukusebenzisana nayo kwakuhamba nesijeziso sokufa, (Levitikusi 19:31; 20:27). Kodwa ubulozi sebungene nakwezesayensi, kwahlasela amabandla, kwamukeleka nasezishayamthetho, ngisho nasezigodlweni zamakhosi. Lenkohliso enkulukazi kuse yilokho kuthakatha okwakugxekwa kwasendulo. IE 57.1

Ngokwakha isithombe esithi nabantu ababi kabi basezulwini, uSathane utshela umhlaba ukuthi: “Noma uyamkholwa uNkulunkulu noma awumkholwa, noma uphila ngendlela othanda ngayo; izulu yikhaya lakho.” IZwi likaNkulunkulu lithi: “Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube ngukukhanya, nokukhanya kube ngubumnyama,” (Isaya 5:20). IE 57.2