Njengesenzo esiyisicoco kulenkohliso enkulu, uSathane uqobo uzozenza uKristu. Ibandla kade lalibheke ukufika noMsindisi ukuzogcwalisa amathemba alo. Manje umkhohlisi omkhulu uzokwenza kubukeke sengathi uKristu ufikile. USathane uzozibonakalisa njengesidalwa esikhazimula ngokuxhophayo, eyilokho iNdodana kaNkulunkulu echazwe ngakhona kuSambulo. (Isahluko 1:13-15). IE 99.1
Inkazimulo ayembethe ayinakulinganiswa nalutho olwake Iwabonwa ngabantu. Kuzwakala inhlokomo yokunqoba, kuthiwa: “UKrist ufikile!” Abantu bakhothama phambi kwakhe. Uphakamisa izandla zakhe, ababusise. Izwi lakhe limnene, futhi lizwakala njengomculo omtoti. Ngezwi lesihawu, ukhuluma amanye alawo maqiniso asezulwini ayekhulunywa nguJesu. Uphilisa izifo ezenza uKristu, athi uliguqulile iSabatha ukuze kuhlonishwe iSonto. Uthi labo abagcina usuku Iwesikhombisa ngcwele, bahlambalaza igama lakhe. Lena yinkohliso enamandla, nebahlulayo abantu. Izigidi zilalela izanusi bethi: “Amandla amakhulu kaNkulunkulu lawa.” (iZenzo 8:10). IE 99.2