Go to full page →

Uvuko Lwabantwana BakaNkulunkulu IE 107

Iphimbo leNdodana kaNkulunkulu libiza abangcwele abalele. Kuwo wonke umhlaba liyezwakala lelozwi, labo abezwayo bayaphila, beyimpi enkulu yezizwe zonke, nezilimi, nabantu. Baphuma endlini yeziboshwa okuyithuna, bembethe inkazimulo yokungafi, bethi: “Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi Iwakho na?” (1 Korinte 15:55). IE 107.2

Bonke baphuma emangcwabeni abo ubude babo bulingana nangaleso sikhathi babengcwatshwa. Kodwa bonke bavuswa benamandla nomfutho wabantu abasha. UKristu weza ukubuyisela okwakulahlekile. Uzoguqula imizimba yethu yesono ayenze ifane nowaKhe wenkazimulo. Lomzimba ofayo nobolayo, owawuke wangcoliswa yisono, uphenduka ube muhle ngokuphelele, ube nokungafi. Izibazi nokuxhwala kusala ethuneni. Abasindisiwe bayo “khula” (Malaki 4:2) bafinyelele ezingeni labantu ngaphambi kokungena kwesono. Izimpawu zokugcina zesiqalekiso sesono ezisekhona ziyasuswa. Abathembekile bakaKristu bayofana neNkosi yabo ngokomqondo, umphefumulo kanye nomzimba. IE 107.3

Abalungile abaphilayo bayaguqulwa “ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso.” Ngezwi likaNkulunkulu baphiwa ukungafi, bahlwithelwe ukuhlangabeza iNkosi yabo emoyeni kanye nabangcwele abavusiwe. Izingelosi “ziqoqa abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye,” (Mathewu 24:31). Abantwana abancane bayiswa ezingalweni zabazali babo. Izihlobo ezikade zehlukaniswa ukufa, ziyahlangana, zingeke ziphinde zehlukane. Zenyukela emzini kaNkulunkulu kanyekanye ngamaculo enjabulo. IE 107.4