USathane ubonisana nalabantu abanamandla. Bathi lempi engaphakathi komuzi ongcwele incane uma kuqhathaniswa neyabo, inganqotshwa. Abanamakhono bakha izikhali. Abakhuzi bempi baphaka amabutho ngezigaba zawo. IE 115.2
Ekugcineni, uyaphuma umyalo othi ayihlasele, leso sixuku esingenakubalwa siya phambili, impi engenakulinganiswa nawo wonke amabutho ayo yonke iminyaka, ehlangane. USathane uyabahola, amakhosi namabutho emshungwini wakhe. Ngohlelo Iwasempini, lamabutho athothelene ayaviva kulowomhlaba omazombezombe, kuyiwa emzini kaNkulunkulu. Ngezwi likaJesu, amasango eJerusalema eliSha ayavalwa. Amabutha kaSathane azilungisela ukuhlasela. IE 115.3
Manje uKristu ubonakala obala ezitheni zaKhe. Kude, ngaphezu komuzi ongcwele, phezu kwesisekelo segolide elibenyezelayo, kukhona isihlalo sobukhose. Kulesihlalo kuhlezi iNdodana kaNkulunkulu, izungezwe yizinceku zasembusweni wayo. Inkazimulo kaBaba uSimakade igubuzele iNdodana yaKhe. Inkazimulo yobukhona baKhe ichithekela ngaphandle kwamasango, igcwalise umhlaba ngokukhanya. IE 115.4
Abayobe besondele kakhulu esihlalweni sobukhosi kuyokube kuyilabo abake basebenzela uSathane ngomdlandla, kodwa abahlwithwa njengezikhuni ezophulwe emlilweni, abalandela uMsindisi wabo ngokuzinikela okukhulu. Kuyolandela labo abakha izimilo ezinhle phakathi kwezimo zamanga nokungethembeki, abahlonipha umthetho kaNkulunkulu ngesikhathi izwe lonke lithi awusasebenzi, nezigidi zabadala nabancane, abafela inkolo yabo. Buqamama, kukhona “isixuku esikhulu esingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemendeni, nabantu, nezilimi sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,” (iSambulo 7:9). Impi yabo seyiphelile, banqobile. Ihlamvu lesundu liluphawu lokunqoba, ingubo emhlophe imele ukulunga kukaKristu osekungokwabo manje. IE 116.1
Kuso sonke leso sixuku akukho noyedwa othi usindiswe ngoba elungile. Akushiwo lutho ngezinhlupheko abadlule kuzona; ingqikithi yakho konke ukubonga ithi: “Ukusindisa okukaNkulunkulu kanye neWundlu. IE 116.2