Go to full page →

Izingelosi Eziselusayo IE 23

Kukhona ingelosi eyelusa wonke umlandeli kaKristu. “Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.” UMsindisi, ekhuluma ngalabo abakholwa kuYena wathi: “Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini,” iHubo 34:7; Mathewu 18:10. Abantwana bakaNkulunkulu ababhekene nolunya benkosi yobumnyama, banesiqiniseko sokweluswa yizingelosi. Isiqiniseko esinje sinikezwe ngoba kukhona izithunywa ezinamandla zobubi esizohlangana nazo— izithunywa eziningi, ezizimisele, nezingakhathaii. IE 23.1