Go to full page →

Kwenqatshwa Iqiniso Ngaba lihambisana Nesiphambano IE 33

Uma izimfundiso ezinikwa abantu zingaqinile ngokukaMoya nokuzidela, zamukeleka kangcono ebantwini. USathane ulungele ukugcwalisa okufiswa yinhliziyo yomuntu, anike inkohliso esikhundleni seqiniso. lyona ndlela lena inkambiso kaPhapha eyathola ngayo amandla phezu kwezingqondo zabantu, nangokwenqaba iqiniso ngoba lihambisana nesiphambano. IE 33.2

AmaProtestandi alandela leyo ndlela. Bonke abazifunela indlela elula ukuze bangaphambani nezwe bazozithola bebambe imfundiso yamanga esikhundleni seqiniso, (2 Petru 2:1). Lowo owethuswa yinkohliso ethile, uzokwamukela enye kalula. 2Encwadini ephelele okulhiwa yi Great Controversy, abafundi bazothola indaba yokuhlehla kwamaKristu kancane kancane, ezimfundisweni zeBhayibheli. IE 33.3