Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 5—UKUNGCWALISWA.

    Isitembiso sika Nkulunkulu ilesi:— “Niyakungifuna ningifumanise, uma uiyakungifuna uge nhliziyo yonke yenu.”1Jer. 29. 13.IEK 37.1

    Yonke inbliziyo kufuneka ukuba inikelwe ku Nkulunkulu, uma kungenjalo akunakubakona ukupenduka kitina. esiyakubuyiselwa ngako emfanekisweni Wake. Ngeadabuko sihlubukile ku Nkulunkulu. UMoya Ocwebileyo usibonakalisa isimo setu emazwini anjengalawa: “Sifile ekuposiseni nasezonweni,” “Yonke inhloko iyagula, nayoyonke inhliziyo ipela amandhla,” “Akuzwakali luto kuyo.” Sibanjiwe esifeni sika Satana: “siyizigqili kuye zentando yake.”2Eph. 2. 1.; Isa. 1, 5, 6; 2Timoti 2. 26. U Nkulunkulu ufisa ukusipilisa, ufisa ukusikulula. Kodwa njengaloku loku kufuna ukupenduka kwempela, ukwenziwa kutsha kwasosonke isimo, kufanele sizinikele ngakokonke Kuye.IEK 37.2

    Impi yokulwa neziqu zetu iyona impi enkulu eyake yaliwa. Ukuzepula nokutela ngako konke onako entandweni ka Nkulunkulu ku impi enkulu; kodwa umpefumulo kufanelekile ukuba uzitobe ku Nkulunkulu ngapambi kokuba wenziwe mutsha ekucwebeni.IEK 37.3

    Umbuso ka Nkulunkulu awunjengokuba u Satane ewubonakalisa unjalo, ukuba usekwe ekutini umuntu avume nje ngobumpumpute engakwazi naloko akwenzayo kahle. Lona ngumbuso oqonde esazelweni uase ngqond weni yomuntu. Uti:—“Wozamanje sieamangisane,”1Isa. 1. 18. isimemo sika Nkulunkulu ke lesi kubantu abenzileyo. U Nkulunkulu ka isunduzi ngamandhla intando yezidalwa zake. Akanako ukwamkela ukukuleka kwenliliziyo engavumiyo, nokungenziwanga ngenqondo. Ukuvuma nje kokuqutywa kwenqabela konke ukukula kwesimilo nomcabango; kumenza umuntu ukuba abe into efana nomtshini oqutywayo. Icebolo Mdali alinjalo. Yena ufisa ukuba umuntu, oyena eyinhloko yawo wonke umsebenzi wake wokudala, akule afike esimweni esipakeme kunazozonke. Ubeka pambi kwetu ukupakama kwezibusiso atanda ukusiyisa kuzo ngawo u musa Wake. Uyasimema ukuba sizinikele Kuye ukuba abenako ukusebenza intando Yake pakati kwetu. Sekusalele kiti ukuba sikete noma siyavuma ukukululwa ebugqilini besono, ukuze sehlulelane amatuba obukosi namadodana ka Nkulunkulu.IEK 37.4

    Ekuzinikeleni ku Nkulunkulu kufanele ukuba sikulahle konke okusehlukanisa Naye. Kuugakoke U Msindisi eti:—“Noma kungaba ngumupi wenu ongakushiyi konke anako, akanako ukuba ngumfundi Wami.”2Luke 14. 33. Noma yini engasusa inhliziyo ku Nkulunkulu kufanele ukuba iyekwe. U Mamoni u yisitixo sabaningi. Ukutanda imali, ukufisa ukuceba. liketangwe legoli elisibopela ku Satane. Udumo nokuhlonipeka komhlaba kuyatandwa kakulu ngabanye abantu. Ukuzipilela nje ngokwenama, nokuhlala ngokukululeka kubobonke ubueala isona sitombe esikuleka abanye abantu. Kodwa ke lezi zibopo zobugqili kufanele zidatyulwe. Asinako ukuba ngabaka Nkulunkulu inxenye kuze kuti inxeye sibe abezwe. Asisibo abantwana baka Nkulunkulu uma singebona uqobo. Kukona nalabo abati bakonza u Nkulunkulu, abetembela emandhleni abo ukuba balalele beuze umteto Wake, ukuba batole isimo esilungileyo batole usindiso. Inhliziyo zabo azitintwangwa ukujula kotando luka Kristu, kodwa noko bafuna ukwenza imisebenzi yokupila kobu Kristu, njengaleyo u Nkulunkulu ayifuna kubo ukuze balifumanise izulu. Ubukolwa obunjalo abusizi Into. Lapo u Kristu ehleli enhliziyweni. umpefumulo uyakugcwaliswa utando Lwake, nokutokoza kobudhlelane nave, nga ngokuba kuyakwenza ukuba ubainbelele Kuye. Kuyakuti ngokuhlala ubambelele Kuye. Kuyakuti ngokuhlala ucamanga ngaye sonke isikati, kuti umuntu uqobo lwake azikohlwe. Utando ku Kristu ilona luyakuba ukuqambeka kwesenzo. Labo abalwaziyo utando luka Nkulunkulu oluqubayo, ababuzi ukuba kusweleke okungakanani okungahlangabe zana nezifiso zika Nkulunkulu; abaqondi bafume isigaba esisezantsi; kepa baqonda esimweni esipelelevo sokwenza intando yo Mhlengi wabo. Ngokufisa okukulu bavuma ngakokonke, babonise unakekelo olulingana nenani lomqondo abawuqondileyo. Ukuvuma u Kristu ngapandhle kwalolutando olujulileyo kufana nokukulumanje, ukwenza isiko nje elingahlabi mxwelo, nokusebenza nje umsebenzi onzima weze..IEK 38.1

    Uzwa sengati ku ukuzidela okukulu ukuba unikele konke ku Kristu? Zibuzeni lombuso:—“U Kristu wanikelani ngenxa yami?” INdodana ka Nkulunkulu yanikela konke—ukupila, notando, nokuhlupeka,—ngenxa yokuhlengwa kwetu. Kungenzekake ukuba siti tina, abangafanelwe lutando olukulu kangaka, sizibambe inhliziyo zetu Kuye? Yonke imizuzu yokupila kwetu sibe singabadhlelane naye ezibusisweni zomusa wake, nangenxa yalesi sizatu ke asinako ukuqonda kahle, ukujula kokungazi nenhlupeko esisindiswe kuyo. Singaba nako yini ukuba simbheke lowo owahlatywa izono zetu, kanti noko sibe sisenokwenza ngokupambene nokuzondana notando Lwake lonke nokuzinikela kwake? Uma sibheke ukuzitoba okungenamkaulo kwe Nkosi yokukazimula, singahonona yini ngokuba singangena ekupileni kupela, ngokuhlupeka nangokuzidela ?IEK 39.1

    Okubuzwa zinhliziyo eziningi ezizigabisayo iloku “Kungani ukuba kufuneke ukuba ngivume izono ngizitobe, ngapambi kokuba ngifumanise ukuqiniseka kwokwamkeleka kwami ku Nkulunkulu?” Nginikombisa ku Kristu. Wayengena sono nangapezu kwaloku Waye iNkosi yezulu : kodwa ngenxa yomuntu waba isoni ngenxa yesizwe. “Wabalelwa kanye nabakohlakeleyo, watwala izono zeningi wenza ukutetelelwa kwaba kohlakeleyo.”1Isa. 53. 12.IEK 40.1

    Kodwa ke singaba simnikeni uma sesinikele ngako konke? Inhliziyo engcoliswe isono ukuba u Jesu ayihlambulule, ayihlanze ngegazi yalo uqobo, noku yisindisa ngotando Lwake olungenamlinganiso. Kanti noko abantu bakucamanga ku yinto elukuni ukunikela ngako konke nginamahloni ukuzwa kukulunywa ngako; nginamahloni nawokukuloba.IEK 40.2

    Nkulunkulu akadingi ukuba sikuyeke loko esifanele ukuba sikugeine. Kukokonke akwenzayo uqapele inhlala —kahle yabantwana Bake. Ngifisa ukuba bati bonke abangamketanga u Kristu baboneukuti unokuningi okuhle abanikeza kona kunaloko abazifunela kona bona ngo- kwabo! Umuntu uyawulimaza kakulu impela umpefumulo wake uma ecamanga ukwenza ngokupambeneyo nentando ka Nkulunkulu. Akuko ukutokoza kwesiminya okungafumanisekayo endhleleni eyenqatyelwe Nguye—okwaziyo okuhle nokugcono, ohleze’—ceba okulungileyo ngabantu Bake. Indhlela yokweqa umteto i indhlela yosizi nokutshabalala.IEK 40.3

    Ku isiposiso ukuhlala nomcamango wokuti u Nkulunkulu uyatokoza ukubona abantwana Bake behulpeka. Lonke izulu lenanyiswa ukutokoza komuntu. U Baba wetu osezulwini akazivali indhlela zentokozo nakusipi sezidalwa zake. Izimiselo zobu Nkulunkulu zisibizela ukuba sehlukane nako konke ukwenza okungasiletela ukuhlupeka nokujabha, nokungasivalela umnyango wentokozo nezulu. U Msindisi wezwe lonke ubamkela abantu njengaloku benjalo, nazozonke inswelo zabo, ukungapeleli, nobuta ka taka; futi aka hlambululi esonweni kupela, anike ukutetelela ngenxa yegazi Lake, kodwa uyakwanelisa ukulangaza kwenhliziyo zabo bonke abavumayo ukulitwala ijokwe Lake, balwale umtwalo Wake. Kungumqondo Wake ukwamkelisa ukutula nokupumula kubobonke abeza Kuye ukufuna isiukwa sokupila. Ufuna ukuba senze leyomisebenzi kupela eyakusikokela, iholele izinyatelo zetu ekupakameni kwentokozo lapo abangalaleliyo bengenakufinyelela kona. Ukupila kweqiniso, nokwentokozo yompefumulo ukufaka u Kristu ngapakati oyena temba lokukazimula.IEK 41.1

    Baningi ababuzayo ukuti:—“Ngingenze njani uku zinikela ku Nkulunkulu?” Uyafisa ukuzinikela Kuye; kepa ubutakataka esimilweni, u isigqili soku nga baza, ubuswa ngamasiko okupila kwako esono. Izetembiso zako, nelizwi lako lokuqinisa kunjengeutambo yomhlabati. Awukwazi ukubusa imicamango yako, umqondo wako, nokutanda kwako. Ukwazi ngezitembiso zako ozapulileyo nezitembiso ezikulahlekeleyo uku ncipisa ukutemba kwako eqinisweni lako; kukwenze ukuba uzwe sengati u Nkulunkulu akanakukwamkela; kodwa ke akufanelekile ukuba udele. Into efunekayo kukuqonda isiminya sentaodo yako. Lawo ngamandhla abusayo endabukweni yomuntu, amandhla okuzimisela. namandhla okuketa.. Konke kumi pezu kwesenzo esiqondileyo sentando. Amandlila okuketa u Nkulunkulu uwanikile kubautu; ngawabo ukuba bawasebenzise. Awunako ukn ipendula inhliziyo yako; wena ngokwako awunako ukunikela ku Nkulunkulu ukutanda kwayo: kodwa ungaketu ukuba umkonze. Ungamnika intando yako azeke yena asebenze kuwe ukutanda nokwenza njengokwentando. Yake elungileyo. Ngokunjaloke isimo sako sonke siyakuletwa pantsi kokubuswa nguMoya ka Kristu; utando Iwako luyakugxumekeka Kuye, imicamango yako ihambe ngokuzwana Naye.IEK 41.2

    Izifiso, zokulunga nokucweba zilungile nje nazo ngeyazo indhlela; kodwa ukuba uma lapo awu nge sizeke ngaluto. Baningi abalahlekayo besafisa, betemba ukuba ngama Kristu. Abafiki entunjeni yokuvuma intando ka Nkulunkulu. Abeketi ukuba ngama Kristu.IEK 42.1

    Ngokusebenzisa kahle intando kungaqamuka ukupenduka kwempela ekupileni kwako. Ngokunikeza intando yako ku Kristu, uzihlauganisa na Mandhla angapezu kwabo bonke ubukosi nemibuso. Uyakuzuza amandlila avela ngapezulu ukukubamba ugxumekeke. ngokunjalo, nangokuhlala njalo uzinikela ku Nkulunkulu uyakwenziwa ukuba upile ukupila okutsha, yebo ukupila kokolo.IEK 42.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents