Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 10—UKU MAZI UTIXO.

    Ziningi izindhlela u Nkulunkulu afuna ngazo ukuba azeke kiti nokusileta ebndhlelaneni Naye. Indabuko iyakuluma ezingqondweui zetu ngokungayeki. Inhliziyo evulekileyo iyakuhlatyisiswa lutando nodumo luka Nkulunkulu njengokubonakaliswa kwalo imisebenzi yezandhla Zake. lndhlebe elalelayo ingezwa iqonde izindaba ezivela ku Nkulunkulu ziletwa yizozonke zendabuka Amasimu aluhlaza, imiti epakamileyo, imbali ezimqumbi, ifu elihambayo, imvula enayo, imifulana ebanga umsindo, udumo lwamazulu, konke kuyakuluma ezinhliziyweni zetu; kuyasimema ukuba sijwayelane Naye owazenza zonke.IEK 78.1

    UMsindisi wetu wazisonga izifundo Zake ezinqabileyo ngezinto zemvelo. Imiti, izinyoni, imbali zezigodi, izintaba, amacibi, namazulu amahle, njengazo zonke izigigaba ezisizungezileyo imihla yonke, zonke zablanganiswa namazwi eqiniso, ukuze izifundo Zake zibe nokukunjulwa ngokunjalo futi futi, noma umuntu esekutshiseni kwemisebenzi yaloku kupila.IEK 78.2

    U Nkulunkulu uyatanda ukuba abantwana Bake batokoze imisebenzi Yake, bajabule ebuhleni obubonakalayo ahlobisile ngabo ikaya letu elisemhlabeni. Ungumtandi wokuhle, nangapezu kwakokonke okubukeka kukuhle ngapandhle, utanda ubuhle besimilo. Uyatanda ukuba siqambe ukuklambuluka, nokutamba. nomusa otulileyo wezimbali.IEK 78.3

    Uma besingalalela, imisebenzi ka Nkulunkulu a idalileyo iyakusifundisa izifundo ezinqabileyo zokulalela nokwetemba. Ukususela ezinkanyezini, emkondweni wazo onganqamukiyo zikamba pakati komkati izizukulwane ngezizukulwane ngalezondhlela ezemiselwa zona, kuze kube kwencane into, izinto zendabuko ziya ilalela intando yo Mdali. U Nkulunkulu unakekele zonke izinto ekugcina konke akudalileyo. Lowo opakamisa amazwe angenakubalwa kangangobuningi bawo, njengokuba enakekela umzwilili ohlabelela ingoma yawo etobekileyo ngapandhle kokwesaba. Uma abantu beya emisebenzini yabo yemihla ngemihla; nalapo bekulekayo. Lapo belala pantsi ebusuku, nalapo bevukayo ekuseni; lapo o isicebi edhla idili lake esigodhlweni sake; nalapo o isihlupeki ebuta abantwana bake ebabutela isinkwana sake isingengakanani bonke laba babhekwe ngomusa ugu Yise ose Zulwini. Akuka zinyembezi eziwayo ezingabonwayo ngu Nkulunkulu. Akuko kumomoteka angakupauliyo.IEK 79.1

    Uma besingakukolwa loku ngeqiniso angaciteka onke amavuso angafunekiyo. Ukupila kwetu bekungeze kwagcwaliswa ukujabha njengaloko kunjalo manje; ngokuba zonke izinto noma zincane noma zinkulu besingaziyekela ezandhleni zika Nkulunkulu, ongadidakaliswa ukwanda kwezinhlupeko, ongembeswa ukusinda kwazo. Besingaba nentokozo yokupumuza imipefumulo, abaningi okungokwasemzini kubo loko kupumula.IEK 79.2

    Njengaloku ingqondo zenu zitokoziswa ubuhle bo mhlaba, camangani ngelizwe elizayo, elingasoze likwaxi ukufipaliswa isono nokufa; lapo ubuso bendabuko bungasoze busitwe litunzi lesiqalekiso. Imicamango ma ike ifanekise ikava labasindisiweyo, nikumbule ukuba liya kukazimula kakula ngapezu kwaloko eningakunikezwa yimicamango yenu.IEK 80.1

    Ezipiweni ezingafaniyo zika Nkulunkulu kokuda tyuliweyo, sibona izana nje lemisebe yokukazimula Kwake. Kulotyiwe ‘ ukuti’ “Iliso kalibonanga, nendhlebe ka izwauga; futi akungenanga nasenhliziyweni yomuntu ukuqonda izinto u Nkulunkulu azilungisele labo abamtandayo. Kodwa u Nkulunkulu uzibonakalisile kiti ngo Moya Wake.”11 Korinte 2. 9.IEK 80.2

    Imbongi, noqapela okudatyuliweyo, banezinto eziningi abangazikulumayo ngokudatyuliweyo; kodwa likolwa elibutokozayo ubuhle bezwe ngentokozo eyedhlula konke, ngoba libona imisebenzi ka Yise, libona nota ndo Iwake embalini, nasesihlahleni, nasemtini. Akuko namunye ongaqonda ngokugcweleyo okona kukulunywa intaba, isigodi, umfula, noma ulwandhle, ukuba zi isibonakaliso sotando luka Nkulunkulu kumuntu.IEK 80.3

    U Nkulunkulu ukuluma kiti ngemisebenzi Yake yomusa uangamandhla o Moya Wake pezu kwenhliziyo zetu. Ezigamekweni zetu, nakuloko okusihaqileyo, ekupendukeni kwezinto okuvamileyo imihla, nge mihla nje ngaloku sibonya, singafumanisa izifundo ezinqabileyo; uma inhliziyo zetu zivulekile ukuba siziqonde. U Mhlabe leli elandela umkondo wemisebenzi yomusa ka Nkulu- nkulu uti:— “UMhlaba ugcwele ukulunga kuka Jehova.” “Labo abahlakanipileyo, abayakuziqonda lezizinto; bona bayakuqonda umusa wotando ka Jehova.”1Mhiabeleli 33. 5; 107. 43.IEK 80.4

    U Nkulunkulu uyakuluma nati elizwini Lake. Lapo ke sibona kahle ukwambuleka kwesimilo Sake, nemisebenzi Yake kubantu nomsebenzi Wake omkulu wokusindisa. Lapa-ke kuvuleke pambi kwetu indaba zabasendulo nezaba profiti namanye amadoda acwebileyo. Babengabantu “belingwa njengati.”2Jakobe 5. 17. Siyabona ukuba benzenjani ukuzama kukokonke okunzima okufana nokwetu, ukuba benzenjani ukuwa ezilingweni, njengaloku nati senzile; kanti noko baqinisela benqoba ngawo uMusaka Nkulunkulu; njengaloku sibonayo-ke sitola ukusimama emizameni yetu yobulungisa. Njengaloku sifunda ngabakubonayo okunqabileyo, ngokukanya notanda, nesibusiso ababetokoziswa iko, nangemisebenzi aba yisebenzayo yomusa ababalelwa wona, umoya owabasusayo uveza ilangabi lokufuza ukucweba ezinhliziyweni zetu, nokufisa ukuba sibenje ngabo esimilweni,—sibenjengabo ukuze sihambe no Nkulunkulu.IEK 81.1

    U Jesu wati ngezi Balo eziNdala:—kukangakanani-ke ukuqiniseka kwezi Ntsha,—“Iyona eqinisa Ngami,”3Johane 5. 39. UMsindisi, Yena okugxumekeke Kuye amatemba etu okupila okupakade. Yebo. Lonke i Baibele lisityela ngo Kristu. Kususela endabeni yokudala,— ngokuba “ngapandhle Kwake akwenziwanga luto, olwenziwayo,”4Johane 1. 3.—kuze kube sesitembisweni sokugcina esiti, “Bheka ngiyeza masinyane,”5Isambulo 22. 12. Siyafunla ngemisebenzi Yake siyalalela i Lizwi Lake. Uma utauda ukwejwayelana no Msindisi, funda izi Balo ezi Ngcwele.IEK 81.2

    Gcwalisa yonke inhliziyo ngamazwi ka Nkulunkulu. Angamanzi apilileyo, acima ukwoma kwako okutshisayo. A isinkwa sokupila esivela ezulwini. U Jesu ushumayela uti,—“Ngapandhle kwokuba nidhle inyama ye Ndodana yesintu, nipuze igazi Layo, aninako ukupila kinina.” Ubuye azicaze ngokuti, “Amazwi engiwakulumayo kini, angumoya, angukupila.”,1Johane 6. 53, 63. Imizimba yakeka ngaloko esikudhlayo naloko esikupuzayo; njengaloku kunjalo ekongeni kwendabuko, kunjalo nokonga ezintweni zomoya; iloko esikucamangayo okunika isisusa, namandhla esimweni setu somoya.IEK 82.1

    Isisusa sokusindiswa ileso ezisitandayo kakulu nezitunywa zezulu ukubheka kusona; kuyakuba ukwazi okuhlakanipileyo, nesihlabelelo sabasindisiweyo kuzozonke izikati ezingapeliya zapakade. Akufanele yini ke sikucabangisise ngokunakekela sikupenyisise manje? Umusa ongapeliyo notando luka Jesu, umnikelo awenzayo ngenxa yetu kuswele ukucatyangwa ngomcamango ojulileyo. Sifanele sibukusise esimilweni so Msindisi wetu otandekayo no Mncengeli wetu. Sifanele ukucamangisisa ngodaba Lwake oweza kusindisa abantu Bake ezonweni zabo. Uma sicainanga ngokunjalo izindaba zase zulwini, ukolo lwetu notando, kuyakukula ngamandhla, nemitandazo yetu iyakwamkeleka ngokungapezulu ku Nkulunkulu, ngoba iyakuya iya ihlangana ngokuhlangana nokolo notando. Imitandazo yetu iyakuba nokwazi, itshise, ifudumale. Kuyakubakona ukutemba okukulu okungapeliyo ku Jesu, nokwazi okupilileyo kwemihla yonke kwamandhla Ake apilisayo kuze kube sekupeleni, kubobonke abeza ku Nkulunkulu ngaye.IEK 82.2

    Uma sicamanga ngakokonke ukupelela ko Msindisi, siyakufisa ukuba sipendulwe impela, senziwe batslia emfanekisweni wokucweba kwake. Kuyakuba kona ukulamba nokunxanela kwompefumulo ukuba sibenje Ngaye esimkulekayo. Oku ikona imicamango yetu ipezu kuka Kristu, kuyakuba ikona sibangeleka ukuba sikulume Ngaye kwabanye, simetule ezweni lonke.IEK 83.1

    INcwadi eNgcwele ka ilotyelwanga okwazi ukufunda yedwa, kepa yenzelwa abantu abapantsi. Amaqiniso amakuluafanele ukusindisa enziwa akanvya njengemini; abako abayakuposisa balahlekelwe indhlela yabo, ngapandhle kwalabo abalandela inhliziyo zabo, endaweni yentando ka Nkulunkulu epenywe yabasolubala kangaka.IEK 83.2

    Asifanele ukutata ukufakaza noma okukabani, bokuti isiBalo sifundisa loku naloku; kodwa sifanele ukuzifundela izwi lika Nkulunkulu ngokwetu. Umasivumela abanye ukuba basicamangele siyakubhatsha, namandhla etu angapeleli. Amandhla etu amakulu omcamango angabhatsha, abhatshiswe ukuswela ukusetyenziswa ezindabeni ezifanele onke amandhla emicamango yetu, futi ilahlekelwe ngamandhla okubamba inkulumo ezijulileyo zezwi lika Nkulunkulu. Umcamango uyanda uma usetyenziselwa ekufuneni umkondo wokuvumelana kwendaba ezilotywe e Baibeleni, ukufanisa isibhalo, kanye nesinyo isibhalo, nezinto zomoya uzifanise zodwa.IEK 83.3

    Akuko luto olungapezulu, nolufanele kakulu ukuqinisa umqondo njengolokupenya iziBhalo. A yiko enye incwadi enamandhla njengale ekupakamiseni imicamango, ukunika amandhla emqondweni, njengamaqiniso amakulu nabanzi eNcwadi ka Nkulunkulu. Uma izwi lika Nkulunkulu belifundwa njengokuba lifanele, abantu ngakuba banemicamango ebauzi, benesimilo esipakamileyo, benokugxila okumileyo kuloko abukuqondileyo, lokuke okungavamile.IEK 83.4

    Kodwa ke akuvamisi ukufumaniseka luto ekufundweni kwezibhalo ngamaputu. Umuntu anga ifunda a ipumele ngapaya, kepa ehluleke ukububona ubumnandi bayo, mhlaumbe ukuqonda izinkulumo zayo ezijulileyo nezifihlakeleyo. Ukufunda indawo ibenye, kuze kuqondakale kueace emcamangweni, kwambuleke icebo lokusindisa okukulunywa ngalo, kwendhlula kakulu kunokufunda izahluko eziningi ngapandhle komqondo oqondiweyo, futi akuko nesifundo esitolakalayo. ligeine kuwe i Baibele yako. Njengokufumanisa kwako ituba u if unde, izahluko uzibeke emcamangweni. Kuti noma uhamba emigwaqweni, ungafunda indawana ucamange ngayo ngalendhlelake u ihlalise emcamangweni wako.IEK 84.1

    Asinako ukutola ukuhlakanipa ngapandhle kokunakekela okukulu, nangokufunda ngokukuleka. Ezinye izindaba esi Balweni zilula kakulu ukuba zitihlakale; kodwa zikona ezinye okungeko olubala loko ezikukulumayo, okungeze kwabonwa ngokubheka-nje kodwa. Isi Bhalo sifanele ukuba sifaniswe nesinye isi Bhalo. Kufanele ukuba kubekona ukupenyisisa ngokunakekela, nokucamanga ngokukuleka. Ukufunda okunjeke kuya kuholeleka kakulu. Njengaloku umumbi wamatye anqabileyo ebona umtambo welitye elinqabileyo lifihlakele ngapantsi komhlaba, kuyakuba njalo ke nakulowo openyisisa ngesineke i Zwi lika Nkulunkulu, epenya ngati ufuna imfuyo elahlekilevo, ukufumanisa kwake amaqiniso a igugu elikulu kakulu, afihliweyo ekubonakaleni kulowo ofuna ngokunganakekeli. Amazwi anika umoya, alondolozwe enliliziyweni, ayakuba njengemifula egeleza ipuma emtonjeni wokupila. Noma inini i Baibele alifanele ukufundwa ngapandhle komtandazo. Ngapambi kokuba sivule amakasi ayo sifanele ukucela ukukanya ko Moya o iNgcAwele. siyakunikwa kona. Ekuzeni kuka Natanyeli ku Jesu U Msindisi wati:—“Bheka u mIsrayeli wempela, ekungeko kuye inkohliso!” U Natanyeli wati:—“Unga zelapi Xkosi na?” U Jesu wapendula wati:—“Nga pambi kokuba u Filipu akubize loku wawupantsi komuti womkiwane, Ngakubona.”1Johane 1. 47, 48. U Jesu uyakusibona sonke futi endaweni zetu ezifihlakeleyo zokutandaza, uma sifuna Yena ukuba ake ukukanya kwetu, ukuba sazi ukuti iqiniso yini. Izitunywa zezulu ezivela ezweni lokukanya ziya kuba nalabo abati ekutobekeni kwenhliziyo bafuna uku holwa kwa Pezulu.IEK 84.2

    U Moya o iNgcwele upakamisa udumisa u Msindisi. Ngumsebenzi wawo u Moya, ukunikela u Kristu, ukucweba kobulungisa Bake, nosindiso olukulu, esinalo ngenxa Yake. U Jesu uti:—“Uyakwamkela o Kwami, uyakukubonisa kini,”2Johane 16. 14. UMoya we qiniso kupela komfundisi osizayo ekufundiseni ama qiniso a Pezuulu. U Nkulunkulu abantu ufanele ukuba linganisa kanjani, njengoba anikela i Ndodana Yake ukuba ibafele, wemisa noMoya Wake ukuba ube ngumfundisi wabantu nomholi ongaye kiyo!IEK 85.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents