Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 1—UTANDO LUKA NKULUNKULU KU MUNTU.

    Imvelo neziboniso kufakazelana ngokufanayo ngotando luka Nkulunkulu. U baba wetu ose Zulwini ungumtombo wokupila, wokuhlakanipa, nowentokozo. Bheka izinto ezinhle nezimangalisayo zemvelo Cabanga ngokufaneleka kwazo oku mangalisayo kuzo inswelo, nentokozo, kungesiyo yomuntu kupela; kepa kuzo zonke izidalwa ezipilileyo. Ukukanya kwelanga,. nemvula ezitokozisa, zenze umhlaba ube mutsha, izintaba nolwandhle, namagceke konke kukuluma kiti ngotando lo Mdali. Ngu Nkulunkulu osutisa inswelo zemihla ngemihla zazo zonke izidalwa Zake. Emazwini amahle oMhlabeleli awati:—IEK 1.1

    Amehlo abo bonke alinde Kuwe,
    Wena ubuanika ukudhla ngesikati esifaneleyo.
    Wena uvula isandhla sako,
    Usutise imfiso yazo zouke izinto ezipilileyo. Izihla 145. 15, 16.
    IEK 1.2

    U Nkulunkulu wamenza umuntu wangewele ngokupeleleyo watokoza; nomhlaba omuhle njengokuvela kwawo esandhleni so Mdali wawungena Into olubolayo, nasitunzi sesiqalekiso. Ukwepulwa komteto ka Nkulun- kulu—nmteto wotando—okwaleta usizi, nokufa. Kanti noko pakati kokuhlupeka okuvezwa ukona, utando luka Nkulunkulu luyabonakaliswa. Kulotyiwe ukuti u Nkulunkulu wawulahla umhlaba ngenxa yomuntu.1Gen 3. 17. Ameva nezipunzi, ubulukuni nezilingo, okwenza ukupila kwomuntu ukuba kube okokuhlupeka nokusebenza, kwemiselwa ukuze alunge; nanje nge nxenye vemfundiso efunekayo ecebeni lika Nkulunkulu lokupakamisa ekutshabalaleni, nasekushoneni okwavezwa yisono. Izwe noma lawa, aligcwele izinsizi nenhlupeko lonke nokungatokozi. Emvelweni ngokwayo kukona izitunywa zetemba nokonwaba. Kukona izimbali pezu kwameva, nameva agcwele izimbali.IEK 1.3

    “U'Nkulunkulu ulu thando,” kulotyiwe loko kuzozonke izimbali ezimqumbi napezu kwazo zonke izindawo zotyani obumilayo. Izinyoni ezitandékayo zenza uku hlabela emoyeni ngengoma zazo ezimnandi nezi mbali ezilobeke kahle ngokufezekileyo zigcwalisa umoya ngepunga lazo elimnandi; imiti epakamileyo yebhati namakasi ayo anotileyo ahlala eluhlaza sonke isikati, konke kufakazelana ngako ukunakekela notando lobuzali luka Nkulunkulu wetu, nangayo imfiso yake ukuba atokozise abantwana Bake. Ilizwi lika Nkulunkulu libonisa isimilo sake. Yena ngokwake ulushumayela utando lwake olungapeJiyo nombau; ekukulekeni kuka Mosi uma eti, “Ngibonise ukukazimula Kwako,” INkosi yapendula yati, “Ngiyakukwenza konke ukulunga kwami kudhlule pambi kwako.”2Eksodusi 33. 18, 19. Loku kunguku khazimula kwakhe. I Nkosi yadlula phambi kuka Mose yamemezela yat hi'Ngicela ungikhombise inkazimulo yobukhosi yakho“Simakade waphendula wathi onomusa, nomhau, obekezelayo, ovamile ngokulunga neqiniso, ogcina umusa enkulungwaneni, otetelela inkohlakalo nokuposisa, nesono.”1Ekisodusi 34. 6, 7. Yena “utukutela kade, unomusa omkulu”2Jona 4. 2. “ngokuba yen a utokoziswa umusa.”3Micah 7. 18.IEK 2.1

    U Nkulunkulu ubope inhliziyo zetu kuye ngezibopo ezingenakubalwa ezulwini, nasemhlabeni. Ngazo izinto zemvelo, nangazo izibopo ezitambileyo nezijulileyo zomhlaba ezingenako ukwaziwa zinhliziyo zabantu, wafuna ukuzibonisa ngaloku kitina. Kanti noko loku kubonakalisa u Tando lwake ngokungapeleleyo. Noma bonke lobu ubufakazi benziwe. isita sokulunga sifipaze imicabango yabantu, ukuze babheke ku Nkulunkulu ngokwesaba, bacamange ukuba ulukuni akateteleli, U Satana udonsa abantu ukuba bacabange ngo Nkulunkulu njeugomuntu oqonde, kakulu ukupata ngomteto olukuni, ongumahluli opata kabi kalukuni, ocindezelayo kwabanamacala. Isita sifanisa u Mdali njeugomuntu olinde ngeliso elinesikwele ukubonisisa kahle amacala neziposiso zabantn ukuze abeke ukwa hlula kwake pezu kwabo. Kwaba ukususa leli tunzi elimnyama ngokubonakalisa elizweni utando olungapeliyo luka Nkulunkulu, ukuba u Jesu eze kuhlala pakati kwabantu.IEK 3.1

    iNdodana ka Nkulunkulu yeza ivela e Zulwini ukuba ize ukubonakalisa u Vise. “Akuko muntu owake waboua u Nkulunkulu nangasipi dsikati; I Ndodana eyodwa ezelweyo, esesifubeni sika Yise. Iyona eyashumayela Ngaye.”4Johani 1. 18. “Kungeko noyedwa owazi u Yise ngapandhle kwe Ndodana, uaku lowo eyakumbonakalisa kuye i Ndodana.”1Matt. 11. 27. Ekwenzeni komunye wabafundi isicelo sokuti, “Sibonise u Yihlo,” u Jesu wapendula wati, “Senginesikati eside kangaka nani, kanti wena Filipu awukangazi? Lowo ongibonileyo ubone u Baba; ntsho ngani kepa ukuti Sibonise u Yihlo?”2Johani 14. 8, 9.IEK 3.2

    Ukubonisa owayekutunyi we emhlabeni u Jesu wati, “iNkosi ingigcobisile ukuba ngishumayele indaba dungileyo kwaba mpofu; Yangituma ukupilisa abanenhliziyo ezidabukileyo, ukushumayela iukululeko kwabatunjiweyo, ngibuyise ukubona kulabo abazimpumpute, ngikulule labo abanemivimbo.”3Luke 4. 18. Lona— ke kwa kungumsebenzi wake. Wayehamba kuzozonke izindawo enza okulungileyo, epilisa bonke abacindezelwe ngu Satan. Kwakukona imizi impela lapo kwakungeko kona ukukala, nokugula kuyona noma inye indhlu; ngoba wabe edhlula kubo, wapilisa bonke abagulayo babo. Umsebenzi wake wafakaza ngokugcotywa kwake kwa Pezulu. Utando, umusa nomhau, kwabonakaliswa kuzo zonke izenzo zake ekupileni kwake, inhliziyo yake yaibafela ngo sizi abantwana babantu, watabata isimo sobuntu, ukuze afikelele entswelweni za bantu A babempofu nabatobekileyo babengesabi ukusondela kuye. Nabantwana abancane imbala babe sondela kuye. Babetanda ukukwela emadolweni ake, babheke kulobo buso bosizi obunomusa wotando. U Jesu wayengacindezeli nelilodwa ilizwi leqiniso; kepa wayelikuluma ngotando ngaso sonke isikati. Wayenza umusa omkulu kuko konke owayekwenza nabantu. Wayengakahlamezi, engakulumi ngapaudhle kokuba kuswelekile, ilizwi lonya, engazange anike buhlungu empefumulweni obutakataka. Akazange abekecala ebutakatakeni benyama. Wayekuluma iqiniso ngasosonke isikati. kepa elikuluma njalo ngotando. Wave kuneipisa ukuzenzisa, ukungakolwa, nokukohlakala; kodwa izinyembezi zaziba selizwini lake uma e kuza abantu ezilimazayo. Walikalela i Jerusalem umuzi owa eutanda owenqaba ukumamkela oyi Ndhlela, oyi Qiniso, noku Pila.IEK 4.1

    Babemenqabile ongu Msindisi, kodwa yena wababuka ngokudabuka okukulu. Ukupila kwake kwakungokokuzidela ezindhla ngokunakekela abanye. Yonke imipefumulo ya i pakeme emeblweni Ake. Wati kanti wayezipete ngokuhlouipeka kwa Pezulu, wazitoba ngokunakekela okukulu kubobonke abangamalungu endhlu ka Nkulunkulu. Wayebona imipefumulo ewile kubobonke abantu, okwakungumsebenzi wake ukubasindisa!IEK 5.1

    Sinjalo isimila sika Kristu njengokubonakala kwaso ekupileni Kwake. Lesi isimilo sika Nkulunkulu. Kusuka enhliziyweni ka Vise, imifulana yemihau ya Pezulu, ebonakaliswa ku Kristu igelezela kubantwana babantu. U Jesn ngu Msindisi otambileyo no nomhau, wave. “Ngu Nkulunkulu ebonekaliswe enyameni.”1Tim. 3. 16.IEK 5.2

    Kwakwenzelwa ukuba kuhlengwe tina okwati u Jesu wapila, wablupeka, wafa; waba ngu “Muntu enezintsizi ” ukuze sibe ngabadhlelane ndawonye nave ekutokozeni okupakade. U Nkulunkulu wavumela i Ndodana yake etandekileyo: igcwele umusa neqiniso, ukuza ivele elizweni lombuso o nge naku balwa ize elizweni eloniwe isono, lenziwa mnyama nge situnzi sokufa nokulahlwa. Wayivumelaukushiya isihlalo sotando Lwake, ukudunyiswa yizitunywa: ukuza kutwala ihlazo, ukweviswa, ukutobeka, inzondo, nokufa. “Ukushayelwa ukutula kwetu kwaba pezu Kwake; nangemivimbo Yake siyapiliswa.”1Isaya 53. 5. Mbheke esehlane. ese Getsemane, epezu kwesipambano. Indodana ka Nkulunkulu e nge nabala yatatela pezu kwayo umtwalo wesono. Yena owabe munye no Nkulunkulu, wakuzwa empefumul weni Wake ukwa-hlukana okubuhlungu okwabangwa isono pakati kuka Nkulunkulu nomuntu. Loko kwaveza emlonyeni ‘Wake ukukala okubulilungu kokuti, “Nkuluukulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyelani na?”2Matt. 27. 46. Kwakungumtwalo wesono, ukubona nokwazi ngobuningi baso obukulu, ukwaklukanisa kwaso umpefumulo ku Nkulunkulu,—kwaba iloku okwadabula inhliziyweni ye Ndodana ka Nkulunkulu.IEK 5.3

    Kodwa loku kuzinikela okukulu akwenzelwanga nkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyelani na?2Matt. 27. 46. kungenzelwanga futi ukumenza ukuba a tande ukusindisa. Siyapika “U Nkulunkulu walitanda kangaka ilizwe waza wanikela iNdodana Yake ezelwe yodwa.”3Johani 3. 16. U Yise uyasitanda kungasiko ngombango omkulu, kodwa wawenza umbango ngokuba wasitanda. U Kristu waba yonindhlela owayengati ngayo atele utando Lwake olungenasipelo elizweni eliwileyo. “U Nkulunkulu wave ku Kristu exolisana nezwe ukuba lize Kuye,”42 Kor. 5.19. U Nkulunkulu wahlupeka kanye ne Ndodana Yake. Ebuhlungwini base Getsemane—ukufa endaweni yoku- Nqunywa amakanda, nenhliziyo yotando olungapeli: kwarola inani lokusindiswa kwetu.IEK 6.1

    U Jesu wati, “Kungenxa yaloko engitandayo u Baba, ngokuba ngabeka pansi ukupila kwami, ukuze ngibuye ngikutate.”1Johani 10.17. Loko ku kuti U Baba wanitanda kangaka. nje ngokuba e ngitanda ngapezulu Mina. “Ekumeni kwami esikundhleni senu, nokunimela, ngokunikezela ngokupila kwami ukuze nginihlenge, ngokutata onko amacala enu, iziposiso zenu, ngitandisiwe ku Baba; ngokuba ngokuzinikela kwami u Nkulunkulu angalunga, kanti abengumlungisi walowo okolwa ku Jesu.”IEK 7.1

    Akuko muntu ngapandhle kwe Ndodana ka Nkulunkulu obenga lwenza lolusindiso; ngokuba nguye owayesesifubeni sika Vise owayengashumayela ngaye. Nguve kupela owaye azi ukupakama nokujula kotando luka Nkulunkulu owaye ngalubonakalisa. Akuko luto olungapansi kokuzinikela okungapeliyo okwenziwa ngu Kristu ngenxa yabantu abawileyo—okwakunga veza utando luka Vise ebantwini abalablekileyo.IEK 7.2

    “U Nkulunkulu wa litanda kangaka izwe, waza wanikela iNdodana Yuke e zelweyodwa.” Akainikelanga ukuze ihlale pakati kwabantu kupela, ukutwala izono zabo, ife ingumnikelo wabo; kepa wamnika esizweni esiwileyo. U kristu wazi hlanganisa nemfuneko nenswelo zabantu. Yena owayemunye noNkulunkulu uzihlanganisile nabantwana babantu ngezibopo ezinga sayi datyulwa. U Jesu “akanamahloni okubabiza ngokuti ngabazalwane.”2Heb. 2. 11. Umnikelo wetu, Ummeli wetu, u Mfowetu, etwele isimo setu sobuntu pambi kwesihlalo sokubusa sika Yise, emunye nesizwe asisindisayo kuwo onke amapakade angapeliyo,—iNdodaua yomuntu. Ekwenza konke loku ukuze umuntu apakanyiswe eknbubeni nase kutshoneni kwesono, ukuze akanye Iutando luka Nkulunkulu azuze inxenye ekutokozeni okucwebileyo.IEK 7.3

    Inani elakokelwa ukusindiswa kwetu umnikelo ongapeliyo ka Baba wetu wasezulwini ekunikeni iNdodaua Yake ukuba ize kufela tina, kufanele ukusinika imicabango epakamileyo yaloko esingaba iko ngenxa ka Kristu. Njengompostoli u Johane owatwasiswa wabona ukupakama, ukujula, nobubanzi botando luka Yise kuso isizwe esifayo, ugewaliswe ukudunyiswa, nenhlonipo, e.swele amagama afaneleyo—angabeka ngawo ubukulu nobuhle balolutando, ubiza izwe ukuba likubone “Bhekani uhlobo lotando u Yise alubeke pezu kwetu ukuze sibizwe ngokuti singamadodana ka Nkulunkulu.”1Johani 3. 1. Hai inani okumbeke kulo umuntu loku! Ngenxa yeziposiso amadodana abantu abangabantu baka Satana. Ngenxa yokolo emnikelweni owemiswayo ka Kristu ainadodana ka Adam angaba ngamadodana ka Nkulunkulu. Ngo kutata isimilo sobuntu u Kristu waba pakamisa abantu. Abantu abawayo babekwe endaweni, lapo, ngenxa yokuhlangana no Kristu bangaba nako ngokweqiniso ukulifanela igama lokuba “ngamadadana ka Nkulunkulu.”IEK 8.1

    Utando olunje, aluna kulinganiswa. Abantwana be Nkosi epezulu! Isetembiso esihle! Imbangi yokutetelelwa okukulu! utando olungena kulinganiswa luka Nkulunkulu ngenxa yelizwe elalingamtandi! Lomcabango unamandhla awehlulayo pezu kompefumlo, uleta umeabango ekwazeni intando ka Nkulunkulu. Ikona oku sibhekisisa isimo sobu Nkulunkulu ekukanyeni kwesi Pambano ngo kuba ikona oku sibonisa umusa, ukutamba, nokutetelelwa kuhlangene nokulingana no ku lunga, ngo kuba ikona sibona ngokuso bala ubufakazi obungabalekiyo botando olungenamkaulo, nomunyu owedhlula usizi lokukala kuka nina ngenxa yomntwana olahlekileyo.IEK 8.2

    “Zonke izibopo zobuntu zingafa,
    Isi Hlobo nesihlobo zingetembani.
    Onina bayeke ukwondhla ababo;
    Izulu nomhlaba ekupeleni kususwe,
    Kodwa akuko kupenduka
    Okungafikela utando luka Jehova.”
    IEK 9.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents