Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 5—UBUNTWANA BUKA JESU.

    UJesu ebuntwaneni bake wakulela emzaneni osezintabeni Wa eyindodana ka Nkulunkulu, wa engase abe nekaya lake noma yipi lapa ayetanda kona. Waye ngase abe udumo kuzo zonke izindawo. Kodwa akayanga ezindhlini zezi cebi nase zigodhlweni za makosi. Wa keta ukuhlala naba. mpofu e Nazareta.UUW 29.1

    UJesu ufuna abampofu ukuba bazi ukuti uzi qonda kahleizilingo zabo. Use wa twala konke abamelwe ukukutwala.UUW 29.2

    IBible liti ngo Jesu esemncane, “umtwana wa kula wabanamandhla emoyeni, wa gcwala ukuhlakanipa; nomusa ka Nkulunkulu waba pezu kwake.” “UJesu wakula eku. hlakanipeni, nango mzimba, watola umusa ku Nkulunkulu naku bantu.” ULuka 2 : 40, 52. Ubucopo bake bwa bubuhle busebenza. Wa e tshetsha ukuqonda, ebonakala enesu, e hlakanipile ngoku dhlula ubudala bake. Noko izindhlela zake za zi njenge zo mntwana. Wakula engqondweni nase mzimbeni, nje nge zinye izingane.UUW 29.3

    Kodwa uJesu wa engafani nezinye izingane kuko konke.Wa obonakalisa umoya omnandi woku ngazazisi. Izandhla zake ezivumayo zazi hlala zi lungele ukusebenzela abanye. Wa enesineke eneqiniso. Ekumeleni ukulunga wa eqine— njengetye, wa ye ngaze anga yeka ukuba atambe ahlonipe, ahlonipe bonke abantu. Ekaya noma yipi, wa yeba njengo msebe welanga otokozisayo.UUW 29.4

    Wa yeba nesu, abe nomusa kwa bagugileyo nabampofu. Wa yeba nomusa nase zilwaneni ezingakulumiyo. Wa yepata kahle inyoni elimeleyo, nazo zonke izilwane ezipilayo zazi tokoza kakulu eseduze.UUW 30.1

    Ngesikati sika Krestu abaJuda babe nakekele kakulu uku fundisa izingane zabo. Izikole zabo zazi nga hlangene mezindhlu zokusonta, noma inezindawo lapa kusontelwa kona, aba fundisayo, otisha babe bizwa ngokuti abefundisi oku ukuti abantu aba bhekeke ukuba babe aba fundileyo kakulu. UJesu waye ngayi kulezi zikole ngoba zazi fundisa izinto eziningi ezazi amanga. Esikundhleni sokuba kufundwe izwi lika Nkulunkulu kwaku fundwa iziga zabantu, futike zazi vama ukuba zibe ezi pambene nokwa fundiswa u Nkulunkulu ngaba profeti.UUW 30.2

    U Nkulunkulu uqobo lwake wa fundisa u Mary uku fundisa umntwana wake. U Mary waye fundisa u Jesu Izibhalo Ezingcwele wazi funda, wazi fundisisa yedwa.UUW 30.3

    UJesu waye tanda futi ukufunda ngezinto ezimangalisayo ezenziwa uNkulunkulu emhlabeni nasesi bhakabhakeni. Kulencwadi yokudatyuliweyo wa bona imiti ne zitombo, nezilwane, nelanga, nezinkanyezi. Wa ezi bhekisisa zonke izinsuku, wa linga uku funda izifundo kuzona, wa qonda izizatu zezinto. Izingilosi zazi naye zamsiza ukuba azi ngezinto ezi ngo Nkulunkulu. Ngako-ke wa eti ekula ngobude nanga mandhla abe e kula ekwazini nase kuhlakanipeni.UUW 30.4

    Zonke izingane zinga zuza ukwazi njengo Jesu. Si fanele ukuba sicitele isikati setu ekufundeni konke oku yi qiniso. Amanga ne zingwane kwane kungeke kusize ngaluto. Iqiniso lodwa eli sizayo nalo-ke siyo lifumana e Zwini lika Nkulunkulu nase misebenzini yake. Uma si funda lezi zinto izingilosi ziyo sifundisa ukuziqonda. Siyo bona ukuhlakanipa uoku lunga kuku Baba wetu ose zulwini. Imiqondo yetu iyo qina ne zinhliziyo zetu zi cwebe sibe njengo Msindisi wetu.UUW 31.1

    Yonke iminyaka uJosefa no Mary babe kupukela e Jerusalem, baye kodhla idili le pasika. Kwati lapa uJesu ese neminyaka eyishumi nambili bahamba naye.UUW 31.2

    Kwaku yindhlela enhle. Abantu babe hamba pantsi, noma bakwele ezinkabini hasezi mbongolweni, kutate izinsuku eziningi. Abantu ababeya kulelidili babe suke be vela kuzo zonke izindawo zalelozwe, nezakwa manye amazwe, ababe puma ndawonye babe hamba ndawonye be isixuku esikulu. Idili laliba lapa se kuzopela uMarch, noma ise kuqaleni kuka April. Kwa ku ise kwe twaseni kwe klobo e Palestine (e Kanani) izwe li kazimula izimbali, li tokoza ngoku hlabelela kwe zinyoni. Babeti be hamba abazali bebe betyela abantwana babo nge zinto ezi mangalisayo uNkulunkulu aye zenze ku Israel nge sikati eside esi dhlulileyo. Ba vame ukuhlabelela kanye-kanye ezinye zezi hlabelelo zika David ezi mnandi.UUW 31.3

    Nge sikati sika Krestu inkonzo yabantu ku Nkulunkulu yase ibanda isi umkuba nje. Base be cabanga ngokuzi jabulisa nje bona, kuno kulunga kwake kubo. Kodwa kwaku ngenjalo ku Jesu. Wa etanda ukucabanga ngo Nkulunkulu. Wa fika e tempeleni qede wa gqolozela abapristi benza umsebenzi wabo. Wa guqa kanye naba konzayo uma sebe guqa be tandaza, nezwi lake lali hlabelela kanye nabo e magameni okudumisa.UUW 31.4

    Zonke izinsuku kusasa nakusihlwa kwaku nikelwa icwane elatini. Loku kwakutsho ukufa ko Msindisi. Umtwana uJesu ebuka leso silwane esibulawa singe nacala wa fundiswa uMoya Oyingcwele ukuti sitini. Wazi ukuti Yena Eyi Cwane lika Nkulunkulu wa yemelwe ukufela izono zabantu.UUW 32.1

    UJesu wa yetanda ukuba ahlale yedwa nale micabango eyayi se kanda lake. Ngako ahlalanga nabazali bake e tempelini, bati begoduka wa enga seko kubo.UUW 32.2

    Ekamelweni elali kanye ne tempeli kwa kukona isikole esasi fundiswa abafundisi uJesu wa buye wa fika kona. Wa hlala ezinyaweni zaba fundisi abakulu kanye nabanye abafana, Wa lalela amazwi abo. AbaJuda babe ne miqondo eminingi eamanga ngo Mesiya. UJesu wa yekwazi loku kodwa aka ba pikisanga abantu aba fundileyo. Wa buza imibuzo ngo kwa bhalwa aba profeti nje ngo muntu otanda ukufundiswa. Isahluko sika Isaya samashumi ayisihlanu nantatu sikuluma ngokufa ko Msindisi, uJesu wa sifunda wa buza ukuti sitini.UUW 32.3

    Abafundisi babe ngenaku pendula. Baqala manje uku buza Yena uJesu ba mangala kakulu ngokwazi kwake Izibhalo. Babona ukuti u lizwa kakulu kunabo i Bible. Ba bona ukuti ukufundisa kwabo ku amanga, kodwa nako abaze ba vuma ukuba bakolwe okunga pand le kokwabo.UUW 32.4

    UJesu wa ezitobile etambile ngako abaze ba mtukutelela. Base befuna ukuba ahlale nabo ba mfundise uku casisela i Bible njengabo.UUW 32.5

    UJosefa ekupumeni kwabo e Jerusalema sebe goduka babe qapelisisile ukuba ba bone ukuti uJesu usele ngasemva. Bati nje u kwa banye aba yimihlobo yabo ababe hamba nabo. Kodwa kwati lapa sebezolala balahlekelwa isandhla sake esisizayo, ba sifuna kubo bonke ababe hamba nabo kodwa abamtolanga.UUW 33.1

    O Josefa no Mary be saba kakulu. Ba kumbula ukulinga kuka Herodi ukumbulala ese yingane, base besaba ukuti kukona okubi oku mehleleyo. Ba shesha ba buyela e Jerusalem nge zinhliziyo ezi dabukileyo; kodwa baze bamtola ngosuku lwesitatu.UUW 33.2

    Kwaba kukulu ukutokoza kwabo lapa bepinda be mbona noko u Mary wa cabanga wati u yena onecala ngoba waba shiya. Wati:—“Mntanami u kwenzeleni loku kitina? Bheka u yihlo nami sesi kade sikufuna sidabukile.”UUW 33.3

    “UJesu wapendula wati, Beni ngi funelani, beningazi yini ukuti ngifanele ngibe semsebenzini ka Baba na ?” ULuka 2 : 48, 49.UUW 33.4

    Wati uJesu e kuluma lawamazwi wa ekomba pezulu. Ebusweni bake kwa ku kona ukukanya okwaba mangalisayo. UJesu wayazi ukuti uyi Ndodana ka Nkulunkulu. Wa ekade enza umsebenzi u yise aye mtumele wona emhlabeni.UUW 33.5

    UMary aka wakohlwanga lamazwi nge minyaka engase muva wa qonda kahle ngokushiwo yiwo okumangalisayo.UUW 33.6

    O Josefa no Mary babe mtanda u Jesu noko bapunduleka nje ngoku mlahla kwabo. Base be kohlwe uwona msebenzi uNkulunkulu aye banike wona ukuba ba wenze. Ngoku wuyeka tisuku olu lodwa nje ba lahlekelwa uJesu. Nanamhla ku senjalo, baningi aba lahlekelwa uMsindisi benabangane babo. Uma singa tandi ukucabanga ngaye no kutandaza kuye, uma sikuluma amazwi ayize nangcolileyo, si sake size hlukanisa no Krestu. Uma engeko kiti siba nesizungu, sibe nosizi. Kodwa uma si tanda impela ukuhlala naye uya kuba nati. Umsindisi uhlala nabo bonke aba tanda ukuba ahlale nabo. Wenza amakaya ampofu abe mahle, ajabulise inhliziyo epansi.UUW 33.7

    Nokuba uJesu wayazi ukuti uyi Ndodana ka Nkulunkulu, waya ekaya e Nazareta no Josefa no Mary. Wa ze waba neminyaka eamashumi amatatu epansi kwabo. Yena owa yekade eyi Nduna yase zulwini, wa fika emhlabeni waba indodana e tandayo nelalelayo. Izinto ezinkulu ezazi letwe inkonzo yase tempelini ekanda lake, zazi fihlwe enhliziyweni yake. Wa linda kwaze kwa fika isikati sika Nkulunkulu sokuba aqale umsebenzi wake.UUW 34.1

    UJesu wa ehlala endhlini yesi sebenzi esasi umuntu ompofu. Wa wenza umsebenzi wake ngokwe tembeka nango kutokoza, esiza ukondhla umuzi wa kwabo. Wa nele wa kula nje wa esefunda umsebenzi, wa sebenza e shabhu lokubaza no Josefa.UUW 34.2

    Wa eharnba emigwaqweni egqoke izingubo e zimbi zezi sebenzi, eya emsebenzini noma ese buyaemzaneni omncane. Wa enga watati amandhla ake anga pezulu ukuba enze impilo yake ibe lula lapa emhlabeni.UUW 34.3

    UJesu wa enamandhla e mzimbeni nase kanda, ngoba wa esebenza ebuntwaneni nase busheni bake. Amandhla ake onke wawa sebenzisa ngendhlela yokuba ahlale epilile ukuze abe namandhla okwenza yonke imisebenzi kahle. Konke aye kwenza wa ekwenza kahle. Nokupata izibazo wa efuna uku kugogoda. Ngokwenza kwake wa e fundisa ukuba si kutale, senze umsebenzi wetu kahle, na ngokunakekela, nokuti umsebenzi owenziwe kanjalo u nodumo. Abantu bonke bafanele ukutola into abangayenza eya kuba usizo kubo na kwabanye abantu. UNkulunkulu wa sinika umsebenzi ukuba ube isibusiso, uyajabula nga bantwana abasiza abazali babo nge misebenzi yendhlu nge nhliziyo eyenamileyo. Abantwana abanje ba puma emakaya baye koba izibusiso kwabanye.UUW 34.4

    Abasha abalinga uku tokozisa uNkulunkulu kuko konke aba kwaziyo, abenza okulungileyo ngoba kulungile, baya kuba usizo ezweni. Ngokwetembeka endaweni epansi bazenza ukuba ba fanele izikundhla ezipakemeyo kunalezo.UUW 35.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents