Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 6—IZINSUKU ZOKULWA.

    OTISHA baba Juda benzela abantu imiteto eminingi, ba funa ukuba benze izinto eziningi uNkulunkulu aye ngazange ezisho. Na bantwana ba be melwe uku yifunda ba yilalele le miteto. Kodwa uJesu aka linganga ukufunda okwaku shiwo ilabo otisha. Wa eqapelisisa kakulu ukuba angaze akulume ngokweyisa ngabo, kodwa yena wa funda Imibhalo, wa lalela imiteto ka Nkulunkulu. Wa evama ukusolwa ngoba engenzi o kwenziwa abanye. Abe seba kombisa akutata e Baibelini, oku yindhlela elungileyo.UUW 37.1

    Ngaso sonke isikati uJesu wa yenza abanye batokoze. Ngokuba wa enomusa etambile, otisha ba beti bazo menza enze aba kwenzayo. Bahluleka. Kwa kuti uma beti kuye akalalele imiteto yabo, abuze ukuti i Baibeli lifundisa ukutini. Okushiwo yilo wati uyo kwenza.UUW 37.2

    Loku kwa batukutelisa laba befundisi. Babazi nje ukuti imiteto yabo ipambene ne Baibeli, kodwa noko ba dinwa ukuba uJesu ale ukuyilalela. Ba msola ku bazali bake. O Josefa no Mary babe cabanga ukuti labo otisha ba abantu abalungileyo, uJesu wa hlupeka kakulu uku solwa okwa kulukuni ukuba akwetwale.UUW 37.3

    Abafowabo baka Jesu babe vumela otisha laba, namazwi abo bati afanele ukulalelwanjengezwi lika Nkulunkulu. Bamsola uJesu ngokuzibeka nga pezu kwa baholi babantu.UUW 38.1

    Labo otisha babeti ba lungile kunabo bonke abantu, babe nga hlangani na bantukazana. Abampofu na bangefundile babeba dela. Nabagulayo naba hlupekayo babeba yeka nje bengena temba bengena ntokoziso.UUW 38.2

    UJesu wa ebonisa ukutanda kubo bonke abantu. Wa yelinga ukusiza abahlupekayo bonke, aye hlangana nabo. Imali wa enayo iyingcozana, kodwa wa evama ukudela ukudhla kwake ukuze asize abanye. Kwakuti uma abafowabo be kuluma kabi ku bantu abampofu ababi, uJesu aye kubo labo, ayo kuluma amazwi omusa nawo kubanika isibindi. Kwa kuti abalambileyo nabomileyo abanike indebe ya manzi aqandayo. Avame nokubanika ukudhla okwa ku suke ku okwake.UUW 38.3

    Konke loku kwa ku bacunula abafowabo. Ba msongela ba linga ukumesabisa. Kodwa wa quba njalo enza oku shiwo uNkulunkulu.UUW 38.4

    UJesu waye hlangana nezilingo eziningi. USatani wa ehlala ehlomele ukumnqoba. Uma uJesu wake wenziwa nje ukuba ake enze into embi ibenye, nokuba akulume izwi libe linye nje loku cunuka, wa engeke abe uMsindisi wetu, futi izwe lonke laliyo lahleka. USatani waye kwazi-ke loku, ngako walinga kakulu ukuba onise uJesu. U Msindisi wa ye londwe izingelosi zase zulwini sonke isikati, noko impilo yake ya yi impi ende elwa namandhla obumnyama. Amuko kitina oyolwa nezilingo njengaye. Zonke izilingo wa ezi pendula nga mpendulo yinye ati: “Ku lotyiwe.” Wa enga vami uku kuza abafowabo uma benza okubi, wa ebatyela o kwashiwo uNkulunkulu.UUW 38.5

    INazareta lali umuzana o nezono, nabantwana nabasha, bonke ba be linga ukuba uJesu alandele izindhlela zabo ezimbi. Wa emuhle, enamile, be tanda ukuba babe naye. Kodwa izenzo zake ezi lungileyo zazi batukutelisa. Babe vama ukumbiza ngokuti igwala, ngoba ala ukuba ahlanganyele nabo ekwenzeni okwe nqatyelweyo. Babe vama ukumnximfela, beti, wazisa kakulu nangezinto ezi ncane. Kuko konke loku wa ependula ati: Ku lotyiwe, “Ukumeseba uJehova ku uku hlakanipa ; nokudeda ebubini ku ukuqonda.” UJoba 28:28.UUW 39.1

    UJesu wa engaze anga wa lwela amalungelo ake. Kwakuti uma epatwe kabi aku bekezelele ngesineke, ngokuba wa evuma, ega nkononi, umsebenzi wake wa wenziwa ube lukuni ngo kunga dingeki. Noko wa engaze anga pela isibindi, ngoba wa yazi ukuti uNkulunkulu uya mumamatekela.UUW 39.2

    Izikati zake zoku tokoza wa ezi tola eyedwa noku datyuliweyo no Nkulunkulu. Kwakuti uma se ku pele umsebenzi wake, atande ukuya endhle ezigodini eziluhlaza, aye kozindhla, atandaze ku Nkulunkulu, nga seduze kwe zintaba noma pakati kwe miti yehlati. Wa yelalela u zangqwashi ehlabelela, uMdali wake nezwi lake be se li hlabelela nalo igama lokudumisa ne lokubonga. Wa ye bingelela ukukanya kokusa ngezwi loku hlabelela. Ukusa kwa ku vama ukumfunyanisa ese ndaweni etile enge namsindo, ecabanga ngo Nkulunkulu efunda iBaibeli noma etandaza. Uma ese suka kulezi zikati zake ezi nokutula, wa ye buyela ekaya ayo kwenza imisebezi yake, futi enze isibonelo somsebenzi we sineke.UUW 39.3

    Kwa kuti lapa ekona ku ngati ukuba kona kwake kusondeza izingelosi. Umoya wokupila kwake oku cwebileyo noku ngcwele, wa u zwiwa yibo bonke abantu. Wa ebamba pakati kwabangenasu nababi nabangahlonipiyo, engo ngalimaziyo nonga ngcolile; napakati kwabatelisi ababi nase beduke ngokukulu nama Samaria amabi namabuto aba bedeni nezi sebenzi eziyizi xofuxofu. Wa ye kuluma amazwi oku hauka lapa esuka e bona kona abantu abakateleyo kepa noko be cindezelwa ukuba ba twale imitwalo esindayo. Wa yi twala kanye nabo imitwalo yabo, abesedene e pinda izifundo aye zifunda kokudatyuliweyo, zotando nomusa nokulunga ku ka Nkulunkulu. Wa ba fundisa ukuba bazazi ukuti banamatalenta ayigugu okungati uma be wa sebenzisa kahle abazuzele imfuyo engunapakade. Wa ba fundisa ngezenzo zake ukuti isikati siyinto enkulu nokuti sifanele ukuba si citwe ekwenzeni oku usizo. Wa yenga dhluli muntu ati uyize kodwa wa yelinga ukuba amise isibindi abayi zi xofuxofu kakulu naba ngase tembisi luto. Wa yebatyela ukuti u Tixo U yabatanda njengabantwana bake nokuti bangaba njenga Ye ezimweni zabo.UUW 40.1

    Ngakoke uJesu Wa yesebenzela abanye nge ndhlela enga bonakaliyo kusukela ebuntwaneni bake. Lomsebenzi wawu ngenakwenziwa nawo yedwa wawo tisha abafundileyo, nabafowabo uqobo babe ngase bamenze ayeke. Isimo sempilo yake wasi hambisa ngengqondo enakekelayo ngokuba wa ezoba ukukanya kwezwe.UUW 40.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents