Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 2—UJESU ELETWE E TEMPELINI.

    UJOSEFA no Mary babe abaJuda ba landela imikuba yesizwe sakubo. UJesu ese namasonto ayi situpa ubudala, bamyisa eNkosini etempelini eli se Jerusalem. Loku kwa ku umteto uNkulunkulu aye unike aba Israel no Jesu-ke wa ezo lalela konke. Ngako indodana ka Nkulunkulu uqobo, iNkosana yase zulwini isifundisa nge zenzo zayo ukuba si lalele.UUW 15.1

    Kwa ku letwa etempelini indodana yokuqala yazo zonke izindhlu kube ukupela. Kwa kwenzelwa ukukumbuza okukade kwenzeka.UUW 15.2

    Kwati lapa abantwana baka Israel be izigqili e Gibite u Jehova wa tumela u Moses ukuba aye koba kulula. Wati ku Moses akaye ku Faro inkosi yase Gibite ati, U Jehova uti: “U Israel uyindodana Yami yamazibulo futi nayo; ngitike kuwe, yeka indodana Yami ihambe ukuba iye ko Ngikonza; uma wala ukuyi yeka ihambe ngo bulala indodana yako yamazibulo futi nayo.” Eks. 4 : 22, 23.UUW 15.3

    U Moses wayi hambisa lendaba wayiyisa enkosini. Kodwa u Faro wa pendula wati: “U ngubani lo Jehova ukuba ngilalela izwi Lake, ngiyeke u Israel ahambe ? Angi mazi u Jehova futi angi soze ngaba dedela aba Israel.” Eks. 5 : 2,UUW 15.4

    U Jehova wa esetumela izinhlupo ezinkulu pezu kwa base Gibiti. Esokugcina salezi izinhlupo kwaku ukubulawa kwamazibulo azo zonke izindhlu, kusukela endhlini yenkosi kuze kufike kweyopantsi kakulu kulelozwe.UUW 16.1

    UJehova wa tyela uMoses ukuti zonke izindhlu zakwa Israel mazi bulale icwane, zi beke elinye igazi ezinsikeni zeminyango yezindhlu zabo.UUW 16.2

    Loku kwaku yoba isibonakaliso ukuze kuti lapa ingilosi yokufa isibulala, izidhlule izindhlu zaba Israel zonke ibulale amaGibiti azidhlayo nanolaka kube ukupela.UUW 16.3

    Leli gazi “le pasika” kuba Juda, la li tsho igazi lika Krestu. Ngokuba kwa kuzoti ngesikatiesifaneleyo uNkulunkulu anike indodana yake etandekayo ukuba ibulawe njengoba necwane la li bulewe ; ukuze kuti bonke aba kolwa kuye ba sindiswe ekufeni okungunapakade. “UKrestu ubizwa ngokuti ipasika letu.” 1 Kor. 5:7. Ngokukolwa si ya hlengwa nge gazi lake. Ef. 1 : 7.UUW 16.4

    Na njengokuba zonke izindhlu ka Israel zazi leta ama dodana amazibulo etempelini ngaloko babe kumbula ukusindiswa kwa bantwana babo esifweni, nokuti bonke banga sindiswa ezonweni nase kufeni okungunapakade.UUW 16.5

    Umntwana owa eletwa etempelini wa e bekwa ezandhleni zompristi, apakanyiswe pambi kwe lati. Abe se nikelwa ku Nkulunkulu kanje. Ati uma ese buyiselwe kunina bese kubhalwa igama lake encwadini eyayi bhala onke amagama amazibulo aka Israel. Ngako-ke amagama abo bonke aba sindiswa nge gazi lika Krestu, ayaku bhalwa encwadini yokupila.UUW 16.6

    UJosefa no Mary bamleta uJesu ku mpristi njengo kwa ku funwa umteto. Zonke izinsnku kwa kufika abazali na bantwana babo, naku Josefa no Mary umpristi aka bonanga luto olwa hluke kwa banye. Babe abantu nje aba pantsi, aba pila ngo kusebenza. Nomntwana futi wa bona ingane nje enge nakuzisiza. Wa cabanga kancane umpristi ukuti wa e pete ezingalweni zake uMsindisi wezwe, uMpristi Omkulu we tempeli lase zulwini. Kodwa wa e fanele ukwazi; ngoba uma wa eli lalela izwi lika Nkulunkulu, uJehova wa e yo mfundisa lezi zinto.UUW 17.1

    Ngaso lesi sikati kwa ku kona etempelini izinceku zi ka Nkulunkulu ezi qinisekileyo ezimbili, u Simeon no Anna. Base beze ba guga bobabili bese msebenzini wake, waba bonisa izinto aye nge naku zibonisa abapristi aba zidhlayo naba zazi bona bodwa nje.UUW 17.2

    USimeon wa ese nikwe isetembiso sokuti akayi kufa aze abone uMsindisi. Wanele wambona nje uJesu etempelini wase azi ukuti wa engo tenjisiweyo. Ebusweni buka Jesu kwaku kona ukukanya okuncane kwase zulwini, u Simeon etata umtwana ezingalweni zake wadumisa u Nkulunkulu wati:—UUW 17.3

    “Jehova hambisa manje inceku Yako ngokutula nje ngezwi lako ; ngokuba amehlo ami abonile ukusindisa kwako ose ukulungise pambi kwabantu bonke; ukukanya koku kanyisa izizwe no dumo lwabantu bako aba Israel.” ULuka 2 :29-32.UUW 17.4

    “U Anna engena ngaso leso sikati wabonga naye futi kanjalo ku Jehova wakuluma ngaye kubo bonke ababe bheke ukuhlengwa kwe Jerusalem.” ULuka 2 : 38.UUW 17.5

    Ngakoke u Nkulunkulu uketa abantu abapansi ukuba babe ofakazi Bake. Bavama ukudhlulwa labo, izwe elibabiza ngokuti bakulu. Baningi abafana naba pristi nababusi baba Juda. Batanda kakulu ukuzi konza, bazi dumise ba cabange kancane ngoku konza u Nkulunkulu bamdumise. Ngalokoke akanakuba keta ukuba batyele abanye ngotando no musa wake.UUW 18.1

    U Mary unina ka Jesu wa zindhla ngoku profeta kuka Simeon okwa kukude. Wati lapa ebuka umntwana owa esezingalweni zake wakumbula okwakushiwo abelusi base Bethlehem, wa gcwala ukujabula koku bonga netemba elihle. Amazwi aka Simeon amkumbuza isiprofeto sika Isaya. Waese azi ukuti lawa mazwi amangalisayo ayeshiwo ngaye u Jesu ati:—UUW 18.2

    “Abantu ababe hamba ebumnyameni sebebonile uku kanya okukulu: abahlala ezweni letunzi lokufa basebe kanyiswe ukukanya. . . . Ngokuba sizalelwe umntwana, sipiwe i Ndodana; nokubusa, kuyakuba pezu kwamahlombe Ake: ne gama Lake liya kutiwa uMangaliso, uMluleki, uNkulunkulu Onamandhla, uBaba Omikade, iNkosi yo kutula.” Ulsaya 9:2-6.UUW 18.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents