Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 3—UKU VAKATSHELA KWE ZAZI.

    UNKULUNKULU wa e tanda ukuba abantu bakwazi ukufika kuka Krestu emhlabeni. Abapristi babe fanele ukuba babafundise abantu, ukuze ba hlale bebheke uMsindisi, kodwa-ke nabo babe nga kwazi ukufika kwake. Ngako uNkulunkulu wa tumela ingelosi ukuba iyo tyela abelusi ukuti uKrestu uzelwe, nalapa beyomfunyana kona.UUW 21.1

    Ngako yge sikati uJesu a letwa ngaso etempelini kwa ku kona aba mamkela ngo kuti ungu Msindsi. UNkulunkulu wa e pilise uSimeon no Anna baba netub elijabulisayo lokuba bafakaze ngokuti uJesu wa engu Mesiya owa etenjisiwe.UUW 21.2

    UNkulunkulu wa ye qonde ukuba bonke abantu bazi ukuti uKrestu usefikile njengokuba kwakwazi abaJuda. Ezweni elikude empumalanga kwaku kona izazi ezazi funda ngezi profeto zika Mesiya, ezazi kolwa futi ukuti ukufika kwake kwakusondele.UUW 21.3

    Aba Juda babeti laba abantu ba abahedeni; kodwa babe ngazi konzi izitombe. Babe kolekile betanda ukwazi iqiniso, benze intando ka Nkulunkulu.UUW 21.4

    U Nkulunkulu ubuka inhliziyo, wayazi ukuti laba abantu bangasebetenjwa. Babe sesimweni esincono sokwamukela ukukanya kwase zulweni kunaba pristi baba Juda ababe gcwele ukuzi tanda nokuzidhla.UUW 21.5

    Lezizazi zazi izihlakanipi. Zazi funde umsebenzi wezandhla zika Nkulunkulu kokudaliweyo, zaze za funda uku Mtanda kona lapo. Babe funde izinkanyezi bazi ukuhamba kwazo. Babetanda uku hlomela izinto zezulu lapa zi hamba ebusuku. Kwakuti uma kuke kwabonakala inkanyezi entya bajabulele uku bonakala kwayo ngokuti kukona okukulu okuzokwenzeka.UUW 22.1

    Ngalobo busuku okwafika ngabo izingelosi kubalusi base Bethlehem, izazi zazi bone ukukanya okuyisimangaliso esibhakabhakeni, kwaku uku kanya okwaku zungeze isixuku sezi ngelosi. Kwati lapa sekupelile loku kukanya za bona emazulwini okwa kufana nenkanyezi entya. Ngasona leso sikati zasezi cabanga ngesi profeto esiti “kuyaku puma Inkanyezi ku Jacob, kuya kupuma i Nduku ku Israel.” Imibalo 24:17.UUW 22.2

    Le nkanyezi ya yi bonisa ukuti uMesiya use fikile na ? Za hlosa ukuyilandela zi bone lapo izo zi holela kona. Ya zi holela e Judea. Kodwa kwati lapa sezifikile eduze no muzi wase Jerusalem, inkanyezi yaba lufifi ngangokuba zazi nga sena kuyilandela.UUW 22.3

    Zi cabanga ukuti abaJuda bayo zi hola ngoku tshetsha bezi yisa ku Msindisi, za ngena e Jerusalem zati, “upi yena ozelwe eyi Nkosi yaba Juda na? Ngokuba si yi bonile inkanyezi yake empumalanga, se si zomkonza.”UUW 22.4

    UHerodi e sezwile lezi zinto, wa hlupeka kanye ne Jerusalem lonke. Ese qoqe bonke abapristi abakulu na babhali ba bantu waba buza indawo lapa uKrestu eya kuzalwa kona. Bati kuye e Bethlehem lase Judea; ngokuba umprofeti wa bhala kanjalo.UUW 22.5

    UHerodi aka tandanga ukuba ezwe nge nkosi eyayi ngase ibuye itate isihlalo sake sobukosi. Ngako wa ese tata izazi ngasese esezi buzisisa isikati ezaqala ukubona inkanyezi ngaso. Waesebatumela e Bethlehem eti, “Hambani nifunisise kahle umtwana; niti nxa senimtolile nizo ngi tyela ukuba ngize ngiye komkonza nami.”UUW 23.1

    Izazi sezi zwile loku zahamba indhlela yazo. “Bheka inkanyezi ezazi yi bone empumalanga, ya hamba pambi kwazo yaze yema lapa kwa kukona umtwana.”UUW 23.2

    “Sezi fikile endhlini za bona umtwana omncane no nina uMary, zawa pantsi za mdumisa; sezi kipile impahla yazo zamkunga ngezipo, igolide ne nhlaka ne muru.” UMatew 2:2-11.UUW 23.3

    Izinto zabo ezazi zinhle kunazo zonke ababe nazo, izona abazi leta ku Msindisi. Ukuze senze njengabo nati. Baningi abanika izipo zabo ezihlotyeni zabo zasemhlabeni, kodwa ba ngabi nazo ezo mhlobo wabo wase zulwini obapa zonke izibusiso. Asifanele ukukwenza loku. Sifanele ukuleta okuhle kunako e sinako—isikati setu, imali yetu, notando lwetu. Singa munikelela nangoku nikelela ukuba sitokozise abampofu, nangoku fundisa abantu ngo Msindisi. Ngako singasiza ukusindisa labo abafelayo. Izipo ezinje uJesu uyazi mwamatekela azibusise.UUW 23.4

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents