Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 8—UKULINGWA.

    EMVA koku bhapatizwa kuka Krestu wa holwa u Moyæ wa myisa ehlane ukuba aye ko lingwa u Satani.UUW 45.1

    Ekuyeni kwake ehlane wa holwa u Moya ka Nkulunkulu. Akaku memanga ukulingwa. Wa efuna ukuba ayekoba yedwa a cabange ngo msebenzi wake. Wa ezozi misa isibindi ngo mtandazo nokuzila ukuze aqede lendhlela yegazi a ezoyi hamba. U Satani wa yazi lapa u Msindisi eya kona, wa ese ya konake ukuba aye ko mlinga.UUW 45.2

    U Krestu wa nele wa puma e Jordan nje ubuso bakebwa kanyiswa ukukazimula kuka Nkulunkulu. Kodwa emva kokungena kwake ehlane lokukukazimula kwanyamalala. Izono zezwe zaba pezu kwake ubuso bake bwaba nokudabuka nokuhlupeka okunga zange ku zwiwe umuntu. Wa ehlupekela izoni.UUW 45.3

    U Adam no Eva babapule imiteto ka Nkulunkulu badhla umuti owe nqatyelweyo. Ukungalaleli kwabo kwaleta ukona nosizi nokufa emhlabeni. U Krestu weza ukuba eze kosi fundisa ukulalela. Emva kokuba esezile ehlane izinsuku ezi amashumi amane aka vumanga nokuzenzela ukudhla ukuba adede entandweni ka Yise.UUW 45.4

    Esinye sezilingo ezehlula abazali betu bokuqala kwaku isilingo sokutanda ukudhla. Ngokuzila kuka Krestu isikati eside kangaka wa ekombisa ukuti inhliziyo yokutanda ukudhla inga nqotywa.UUW 46.1

    U Satani ulingu abantu ukuba bazi nikele etweni ngokuba loko ku dangalisa umzimba kupuputekise umqondo. Abese azi ke ukuti uzoba kohlisa ababulale kakulu. Kodwa izenzo zika Krestu zisi fundisa ukuti zonke izifiso ezimbi zinganqotywa. Asi fanele ukuba sibuswe ukuhaha, itina esifanele ukubusa kona.UUW 46.2

    Wati lapa u Satani eqala ukubonakala ku Krestu wa fana nengelosi yokukanya. Wati uyi ngelosi evela ezulwini. Wa tyela uJesu ukuti akusiyo intando ka Tixo ukuba ezwe lokukuhlupeka. Wa emelwe ukukobisa nje ukuti uya vuma ukuhlupeka kube ukupela.UUW 46.3

    Kwati lapa uJesu eselwa nepango elikulu lokulamba wati kuye:—“Uma uyi Ndodana ka Tixo yisho kulawa matye ukuba abe yizinkwa.”UUW 46.4

    Kodwa njengokuba uMsindisi wa eze kokuba, isibonelo setu wa emelwe ukuzwa ukuhlupeka njengati; wa enga fanele ukwenza isibonakaliso ukuba azisize ngaso. Izibonakaliso zonke wa ezenzela ukuba zisize abanye. Ekuyalweni uSatani upendula uti:—Kulotyiwe ukuti, umuntu akapili ngesikwa sodwa, kodwa anga pila ngamazwi onke apuma emlonyeni ka Nkulunkulu.UUW 46.5

    Ngaloko wa kombisa ukuti kuyinto enkulu ukuba silalele izwi lika Tixo kunokuba sizi funele ukudhla. Bonke aba- lalele izwi lika Nkulunkulu banesitembiso sokuti bayo tola zonke izinto ezidingekayo kulo kupila, banesetembiso sokupila okuzayo futi.UUW 46.6

    U Satani we hluleka ukunqoba uKrestu ngesilingo sokuqala esikulu; wati epinda wa e myisa esicongweni setempele e Jerusalem wati:—UUW 47.1

    Uma uyi Ndodana ka Tixo ziponse pansi ngokuba ku lotyiwe, uya kuyala izingilosi zake ngawe; ziya kupata ezandhleni zazo funa uquzuke etyeni.UUW 47.2

    USatani lapa wa landela Imibhalo njengo Krestu. Kodwa lesi isitembiso akusiso esalabo abazi yisa engozini ngamabomu. UTixo aka mtyelanga uJesu ukuti akaziwise etempeleni. UJesu wala ukukwenza ukuba atokozise u Satani ngako. Wati:UUW 47.3

    “Kulotywe futi ukuti; unga yi lingi i Nkosi u Nkulunkulu wako,”UUW 47.4

    Si fanele ukwetemba ukuti u Baba wetu osezulwini uyakusi londoloza; kodwa masi ngaze saya lapa engasi tumi kona. Singaze sakwenza ase nqabela kuko.UUW 47.5

    Kukona abati akusiyo i ngozi ukweyisa uNkulunkulu ngoba u nomusa u lungile ukutetelela. Kodwa ukuqangela nje loku. U Nkulunkulu uyo batetelela bonke aba funa intetelelo, abadela izono. Kodwa labo abaketa ukunga. mlaleli, akanakuba busisa.UUW 47.6

    Manje-ke uSatani wa ese bonakala enjenga loku enjalo,—eyi nkosana yamandhla obumnyama. Wa yisa uJesu esicongweni sentaba ende kakulu, wa mbonisa yonke imibuso yomhlaba. Ukukanya kwe langa kwa kupezu kwe mizi emihle, napezu kwe zigodhlo ze marble (itye elihle kakulu elibushelezi), nase masimini ezitelo namavini. USatani wati: —“Uma uguqa lapa ungi konza ngo kunika zonke lezinto.”UUW 47.7

    UKrestu wa buka izwe isikatyana. Wa ese lifulatela. USatani wa elibeke pambi kwaka.izwe, ngendhlela ekangayo. Kodwa uMsindisi wa ebuka nga pantsi kobuhle obunga pandhle. Wa bona izwe lisezonweni nase bubini obukulu, lahluke ku Nkulunkulu. Konke loku kuhlupeka, kwa kuletwe ukuba badele uNkulunkulu bakonze uSatani.UUW 48.1

    UKrestu wa egcwele isifiso sokuba ahlenge abalahlekileyo. Wa fisa ukuba izwe alibuyisele ebuhleni balo obu ngapezu kobuhle balo base Edene. Wa etanda ukuba abantu aba beke esi kundhleni esi pakemeyo kanye no Nkulunkulu. Wa eba twalela ukulingwa. Wa ezoba umnqobi ukuze babe namandhla oku lingana nezingelosi bafanele ukwazeka ukuti ba amadodana ka Nkulunkulu.UUW 48.2

    Emyalweni ka Satani ukuba akonzwe uKrestu wa mpendula wati:—UUW 48.3

    Suka Satani; ngokuba kulotyiwe ukuti, wo konza iNkosi uNkulunkulu wako, umkonze yena yedwa. UMateu 4:3-10.UUW 48.4

    Okwa ku xutywe kulesi silingo sika Krestu sokugcina kwa ku yiloku. Ukutanda izwe, noku kanuka amandhla, noku zidhla kwe mpilo. Nako konke okwa hlukanisa umuntu nokukonza uNkulunkulu. USatani wati uza ku nika uKrestu izwe lonke uma ekotamela okuyi kona kuqamba ububi. Ngako uSatani uye asi vezele amatuba atolwa ngokwenza okubi.UUW 48.5

    Uya nyenyeza ati, Ukuze niqube kahle lapa ezweni konzani mina. Ninga kataleli kakulu ngeqiniso nango kwe tembeka. Lalelani okushiwo yimi, ngi yoni nika ingcebo no dumo no kutokoza.UUW 48.6

    Uma si lalela lomyalo sisuke si konza uSatani, esikundhleni soku konza uNkulunkulu. Kosi letela usizi no kubhubha ukupela.UUW 49.1

    UKrestu usesi bonise esiyo kwenza uma si lingwa. Wati lapa eti ku Satani “Suka,” umlingi wa engena kuwe nqaba lomyalo. Wa ese cindezeleke ukuba ahambe.UUW 49.2

    Elwa nenzondo no kutukutela, induna yabablubuki ya mshiya umblengi wezwe.UUW 49.3

    Impikisano yapela ngaleso sikashana. Ukunqoba kuka Krestu kwaku okupelele nje ngokwehluleka kuka Adam.UUW 49.4

    Ngako singase sizidele izi lingo sinqobe u Satani. I Nkosi iti kiti delani u Satani uyakusuka kini. Sondelani ku Tixo uyaku sondela kini. U Jacobe 4:7, 8.UUW 49.5

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents