Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ingoii

    Abekho abasengozini enkulu njengalabo abaphika ubukhona bukaSathane nezingelosi zakhe. Abaningi balalela okushiwo yilemimoya, kodwa bona becabanga ukuthi basebenzisa ingqondo yabo. Njengoba sisondela ekupheleni kwesikhathi, lapho uSathane ezosebenza ngawo wonke amandla ukukhohlisa, ufaka ebantwini ukuthi asikho isidalwa esinguSathane. Umgomo wakhe ukuzifihla yena kanye nendlela asebenza ngayo.IE 27.1

    Lomkhohlisi omkhulu unovalo lokuthi sizowabona amaqhinga akhe. Ukuze afihle isimilo sakhe sangempela wenza nokuthi abonwe ngendlela ezokwenza abantu bahlekise noma banganaki. Uyajabula uma ethathwa njengento yokuhlekisa, edalekwe kabi, inxenye yisilwane nenxenye umuntu. Uyajabula uma igama lakhe lisetshenziswa kwezemidlalo namahlaya. Ngoba uzifihle ngobuqili obuphelele, kuvame ukubuzwa umbuzo othi: “Sikhona ngempela isidalwa esinjalo?” Kungenxa yokuthi uSathane usethubeni lokulawula izingqondo zalabo abangawazi amandla omthelela wakhe ukuthi uNkulunkulu usembulele iZwi laKhe thina mabutho aKhe ukuze sihlale siqaphile.IE 27.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents