Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Kunemibandela Echaziwe

    “Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.” Lesi sithembiso esalabo kuphela abomile. “Onqobayo uyakulidla ifa lalezozinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana yaMi,” (iSambulo 21:6,7). Kukhona imibandela. Ukuze sidle ifa lazo zonke izinto, siding ukunqoba isono.IE 45.1

    “Akuyikuba kuhle kwababi,” (Umshumayeli 8:13). Isoni “sizibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulelwa okulungileyo kukaNkulunkulu oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe,” “usizi nokubandezeka kuyakwehlela imiphefumulo yabantu bonke abenza okubi,” (amaRoma 2:5,6,9).IE 45.2

    “Akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.” “Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango, ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga,” (Efesu 5:5; iSambulo 22:14,15).IE 45.3

    UNkulunkulu ubatshengisile abantu indlela yaKhe yokubhekana nesono. “Ababi bonke uyakubabhubhisa.” “Abaphambukayo bayakubhujiswa bonke; isikhathi sababi siyakunqunywa,” (iHubo 145:20; 37:38). Igunya lombuso wasezulwini lizoluqeda uhlubuko, kodwa isijeziso siyohambisana nesimilo sikaNkulunkulu onomusa neshawu.IE 46.1

    UNkulunkulu akayiphoqi intando yomuntu. Akajatshuliswa ukukhonzwa kobugqila. Ufuna ukuthi izidalwa zezandla zaKhe zimthande ngoba efanele ukuthandwa. Ufuna ukuthi zimlalele ngoba zithakasela ukuhlakanipha kwaKhe, ubulungiswa baKhe nesihe saKhe.IE 46.2

    Izimiso zombuso wasezulwini zihambisana nomthetho woMsindisi othi: “Thandani izitha zenu,” (Mathewu 5:44). UNkulunkulu wehlisela ubulungiswa kwababi, enzela indalo yonke, ngisho nalabo abajeziswayo. Uyafisa ukubathokozisa. Ubazungeze ngezinto ezikhomba uthando IwaKhe, abalandele ngokunxusa komusa; kodwa balushaya indiva uthando IwaKhe, bawenze ize umthetho waKhe, benqabe umusa waKhe. Bazithola njalo izipho zaKhe, kodwa bayamdumaza obaphayo. UNkulunkulu ububekezelela isikhathi eside ububi babo, kodwa ngeke ababophele kuYe ngamaketanga, abacindezele ukwenza intando yaKhe.IE 46.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents