Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Isahluko 5—Ithemba Eliyiza

    Imfundiso ethi umphefumulo awufi, eyathathwa ezinkolweni zobuhedeni, yaxutshwa nenkolo yobuKristu ngesikhathi sohlubuko olukhulu, isithathe isikhundla seqiniso lokuthi “abafile abazi lutho,” (Umshumayeli 9:5). Abantu abaningi bakholwa ngukuthi imimoya yabafile “omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa,” (Heberu 1:14).IE 53.1

    Inkolo ethi imimoya yabafile iyabuya ukuzokhonza abaphilayo,ihlahle indlela yobulozi besimanje-manje. Uma abafileyo bebusiswe ngolwazi oluphakeme kakhulu ukwedlula lolo ababenalo ngaphambili, kungani bengabuyeli emhlabeni ukuzofundisa abaphilayo? Uma imimoya yabafileyo izulazula phezu kwabangane babo emhlabeni, kungani ingakhulumi nabo? Kwenzeka kanjani ukuthi labo abakholwa wukuthi umuntu uyezwa noma efile benqabe “ukukhanyiselwa kwezulu” okulethwa yimimoya enenkazimulo? Nansi indlela ebonwa njengengcwele, uSathane asebenza ngayo. Izingelosi eziwile zibonakala njengezithunywa ezivela ezweni lemimoya.IE 53.2

    Inkosi yobomnyama inamandla okuletha ebantwini Okubonakala njengezihlobo zabo esezashona. Lokho kubukeka kufana ncimishi, ngendlela emangalisayo. Abantu abaningi bathoia ukududuzeka ekuthini izihlobo zabo ziyathokoza ezulwini. Ngaphandle kokusola ingozi, balalela “banaka omoya abadukisayo, nezifundisozamademoni,” (1 Thimothewu 4:1).IE 53.3

    Labo abaya engcwabeni bengazilungisele bathi bahlezi ngokujabula, futhi banezikhundla eziphezulu ezulwini. Ngesinye isikhathi lezivakashi ezithi zivela kwelemimoya zike zikhiphe izixwayiso eziyiqiniso. Bese kuthi ngokukhula kokwethenjwa kwazo, zikhulume izimfundiso ezidicilela phansi iBhayibheli. Ukuthi ngesinye isikhathi zike zikhulume okuyiqiniso, nangesinye isikhathi ziprofethe izigameko ezizayo, kwenza zibukeke sengathi zingethenjwa, nezimfundiso zazo zamanga zamukelwe. Umthetho kaNkulunkulu uchilizelwa eceleni, uMoya womusa ubukelwe phansi. Imimoya iphika ukuthi uKristu unguNkulunkulu, bambeke ezingeni elilingana nelabo.IE 54.1

    Nakuba kuyiqiniso ukuthi imiphumela yenkohliso izikhathi eziningi ithathwa njengokwangempela, zikhona nezigameko ezitshengisa ukusebenza kwamandla angaphezu kwawabantu, ukusebenza ngendlela ethe ngqo, kwamandla ezingelosi ezimbi. Abaningi bakholwa wukuthi ubulozi into yabantu nje. Uma sebezithola bebhekene ubuso nobuso nezehlakalo zamandla angaphezu kwawabantu, bazokhohliseka, bazamukele ngokuthi amandla amakhulu kaNkulunkulu.IE 54.2

    Ngokusizwa uSathane, izanusi zikaFaro zalingisa umsebenzi kaNkulunkulu, (bheka kuEksodusi 7:10-12). UPawulu uyafakaza ukuthi ukufika kweNkosi kuyokwandulelwa “ukusebenza kukaSathane ngawo wonke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, nangayo yonke inkohliso yokungalungi,” (2 Thesalonika 2:9,10). UJohane yena uthi: “Senza nezibonakaliso ezinkulu, size senze nomlilo uphume ezulwini, wehlele emhlabeni phambi kwabantu. Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze,” (Sambulo 13:13,14). Lapha akukhulunywa nje ngokulingisa okuyize. Abantu bakhohlisa yizimangaliso ezenziwa yizithunywa zikaSathane, hhayi ukulingisa.IE 54.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents