Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Abasindisiwe Basenkazimulweni

    Kuyo yonke iminyaka, abakhethiweyo nguMsindisi bebehamba ngendlela encane. Bahlanzwa emlilweni wezinhlupho. Ngenxa kaJesu, bathwala ukuzondwa, ukuhlanjalazwa, ukuzidela nokujabhiswa okubuhlungu. Babubona ububi besono, namandla aso, icala laso, usizi Iwaso; basibuka basizonde. Umcabango ngomhlatshelo omkhulu owenziwa ukuze kwelashwe isono, ubenza bazithobe, izinhliziyo zabo zigcwale ukubonga. Bathanda kakhulu ngoba baxolelwa kakhulu. (Bheka uLuka 7:47). Njengoba bahlanganyela ezinhluphekweni zikaKristu, bakufanele ukuhlanganyela enkazimulweni yaKhe.IE 110.2

    Izindlalifa zikaNkulunkulu zivela ezindaweni zokucasha, emikhukhwini, ezintabeni, ogwadule, nasemigedeni. Babekade beswele, bephatheke kabi, bezwiswa ubuhlungu. Izigidi zangena ethuneni zixhwalile ngobe zingafuni ukunikezela kuSathane. Kodwa manje abasaphathekile kabi, abasasakazekile, futh abasacindezelwe. Kusukela manje sebembethe izingubo ezinhle ukwedlula ezake zagqokwa yizikhulu zasemhlabeni, bathwele imiqhele yenkazimulo engaphezu kwayake yathwalwa amakhosi asemhlabeni. iNkosi yenkazimulo izesulile izinyembezi ebusweni bonke. Bahlabelela iculo lokubonga, elicacile, elimnandi nelihlangene kahle. Leliculo lenanela kulo lonke izulu: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu.” Bonke baphendule ngokuthi, “Amen, isibusiso,. nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu wethu kuze kuze phakade naphakade,” (iSambulo 7:10,12).IE 111.1

    Kulomhlaba sithola isiqalo-nje sendaba emangalisayo yosindiso. Ngezingqondo zethu ezincane singacabanga ngokuqiniseka ngehlazo nenkazimulo, ukuphila nokufa, ubulungiswa nomusa, okwahlangana esiphambanweni; kodwa noma siyinweba kangakanani ingqondo yethu, asikwazi ukubona ngokugcwele ukuthi kusho ukuthini .Ubude nobubanzi, ukudepha nokuphakama kothando olusindisayo, sikubona ngendlela efiphazekile-nje. Icebo losindiso ngeke liqondwe ngokugcwele ngisho noma abasindisiwe sebebona njengoba bebonwa, bazi njengoba baziwa; kodwa kuyo yonke iminyaka engapheli, kuyokwembulwa iqiniso Elisha njalo ezingqondweni zabo ezimangalisiwe nezithokozayo. Nakuba usizi, nobuhlungu nezilingo zasemhlabeni sekuphelile nembangela yakho isusiwe, abantu bakaNkulunkulu bayohlala bazi kahle ukuthi ukusindiswa kwabo kwabizani.IE 111.2

    Isiphambano siyokuba yingoma yabasindisiwe kuyo yonke iminyaka. Ngokubona uKristu osekhazimuliseweyo, babona uKristu obethelwe. Ngeke kube yinto ezokhohlwa ukuthi iNkosi yezulu yazithoba ukuze iphakamise abantu abawele esonweni, yathwala icala nehlazo lesono nokufihlwa kobuso bukaYise, kwaze kwaphuka inhliziyo yaYo, kwaphuma umphefumulo waYo ngenxa yosizi lomhlaba olahlekile. UMenzi wayo yonke imihlaba wabeka eceleni inkazimulo yaKhe ngenxa yothando ngomuntu— lokhu kuyohlale kuyisimanga kuyo yonke indalo. Kuyothi lapho abasindisiwe bebuka uMsindisi wabo bazi ukuthi umbuso waKhe ngeke ube nesiphelo, bayakhamuluka ngengoma, bathi: “Lifanele iWundlu elahlatshwa, lasisindisela kuNkulunkulu ngegazi lalo eliyigugu!”IE 112.1

    Imfihlakalo yesiphambano ichaza zonke izimfihlakalo. Kuyobonwa ukuthi Lowo onokuhlakanipha okungapheli wayengeke enze enye indlela yokusindiswa kwethu ngaphandle kokudela iNdodana yaKhe. Umvuzo walomhlatshelo yinjabulo yokugcwalisa umhlaba ngabantu abahlengiwe, abangcwele, abathokozayo, nabanokungafi. Kungako-ke ukubaluleka komphefumulo—kangoba uBaba aneliswe ngalentengo eyakhokhwa. UKristu naYe uqobo, ebona izithelo zomhlatshelo waKhe omkhulu, uyeneliswa.IE 112.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents