Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Uluther Utshengisa lndlela Yokuthola Ukuthethelelwa Nosindiso

    Isifiso sokuthola ukuthula noNkulunkulu kwaholela uMartin Luther ukuba aphile impilo yasesigodlweni sesonto. Lapho wayedingeka ukwenza imisebenzi ephansi, nokuhamba enxiba, indlu ngendlu. Wayibekezelela lempilo yokuzithoba, ekholwa ukuthi idingekile ngenxa yezono zakhe.IE 66.1

    Waphila impilo yobuqotho, ezama ngokuzila ukudla, imilindelo, nokuzizwisa ubuhlungu, ukucindezela ububi bemvelo yakhe. Kamuva wathi: “Ukuba kukhona umfundisi owayengazuza izulu ngemisebenzi yakhe yobufundisi, kwakungaba yimina lowo...Ukuba lokhu kwakuqhubeke isikhathi eside kunalokho, ngangiyoqhubeka nokuzizwisa ubuhlungu noma ngabe ngiyafa.” 1J. H. Merle D’Aubigne. History of the Reformation of the Sixteenth Century, bk. 2, ch. 3. Ngayo yonke imizamo yakhe, umoya wakhe othwele umthwalo awukutholanga ukukhululeka. Ekugcineni wazithola esephelelwa yithemba.IE 66.2

    Sekubonakala ukuthi konke kuyize, uNkulunkulu wamvusela umngane. UStaupitz wavelela ingqondo kaLuther iZwi likaNkulunkulu, wamnxusa ukuba angazibuki yena kodw abheke kuJesu. “Esikhundleni sokuzizwisa ubuhlungu ngenxa yezono zakho, ziphonse ezingalweni zoMsindisi. Themba Yena, ukulunga kwempilo yaKhe, inkonzo yokubuyisana ngokufa kwaKhe....INdodana kaNkulunkulu...yaba umuntu ukuze ikunike isiqiniseko sothando lwasezulwini....Mthande Yena owakuthanda kuqala.”2Ibid., bk. 2, ch. 4. Amazwi akhe amthinta kakhulu uLuther. Wafikelwa ukuthula emoyeni wakhe owawukhathazekile.IE 66.3

    Kamuva, izwi likaLuther lezwakala epulpiti limemezela isixwayiso. Weneka phambi kwabantu ububi besono, wafundisa ukuthi kungenzeke ukuthi umuntu ngemisebenzi yakhe anciphise icala lakhe noma agweme isijeziso. Ayikho enye into ngaphandle kokuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa kuKristu, okungasindisa isoni. Umusa kaKristu awuthengwa: uyisipho sesihle. Wayala abantu ukuba bangazithengi izincwajana okuthiwa ezokuxolela izono, kodwa kunalokho, babheke ngokukholwa kuMsindisi owabethelwa. Wabatshela ngendaba yakhe ebuhlungu, wanika abalaleli bakhe isiqiniseko sokuthi wathola ukuthula nenjabula ngokukholwa kuKristu.IE 67.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents