Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukuphakamisa Igunya Labantu

    UKristu wayewubone ngaphambili umsebenzi wokuphakamisa igunya lomuntu ukuze libuse unembeza, okuyinto eyisiqalekiso kuyo yonke iminyaka. Izixwayiso zaKhe zokuthi akungalandelwa abaholi abayizimpumputhe zabhalwa ukuze zibe yisixwayiso ezizukulwaneni ezilandelayo.IE 77.2

    Ibandla laseRoma lithi yilungelo labefundisi kuphela ukuchaza imiBhalo. Nakuba imvuselelo yavumela iBhayibheli kubo bonke abantu, kodwa wona lowo mthetho owawuphakanyiswe yiRoma, uvimbela izigidi emabandleni amaProtestandi ukuba ziziphenyele iBhayibheli. Zifundiswa ukuba zamukele izimfundiso zalo ngendlela echazwa yibandla. Izinkulungwane azilokothi zamukele noma yini, noma isobala kanjani emiBhalweni, ephikisana nenkolo yabo.IE 77.3

    Abaningi bazimisele ukunikela imiphefumulo yabo kubefundisi. Bakushaya indiva okushiwo nguKristu. Kodwa empeleni, abefundisi abawenzi yini amaphutha? Singakwethemba kanjani ukuqondiswa yibona ngaphandle kokuthola eBhayibhelini ukuthi baphethe ukukhanya? Ukungabi nesibindi sokumela ukulunga kwenza abaningi balandele izifundiswa, ngaleyo ndlela baqine enkohlisweni. Bayalibona iqiniso lalesikhathi eBhayibhelini, bezwe amandla oMoya oNgcwele ekushumayelweni kwalo, kodwa bavumela abefundisi ukuba babasuse ekukhanyeni.IE 77.4

    USathane ubamba izigidi ngokuzibophela ngezintambo ezinhle kulabo abayiziatha zesiphambano sikaKristu. Lokhu kungenziwa umzali, umuntu wakwenu, oganene naye noma umphakathi. Abantu abasesandleni salaba abanaso isibindi sokulalela onembeza babo kulokho abafanele bakwenze.IE 78.1

    Abaningi bathi akubalulekile ukuthi umuntu ukholwa yini, kuphela-nje uma ephila impilo enhle. Kodwa impilo ibunjwa yinkolo. Uma iqiniso lifinyueleleka kodwa singalinaki, kufana nokuthi siyalenqaba, sikhetha ubumnyama kunokukhanya.IE 78.2

    Ukuthi bewungazi, akuzona izaba zokulandela inkohliso noma ukwenza isono uma ekhona amathuba okwazi intando kaNkulunkulu. Nango umuntu uyahamba, afike ekuphambaneni kwezindlela eziningi nomkhombandlela osho ukuthi indlela ngayinye iyaphi. Uma engawunaki umkhombandlela, athathe noma iyiphi indlela acabanga ukuthi iyona-yona, noma eqinisekile, kodwa ngokungangabazekik uzozithola endlelni okungeyona.IE 78.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents