Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IBhayibhlil Balenz Inganekwane

    Imimoya yamanga ezenza abaphostoli, iphikisana nalokho okwabhalwa ngabaphostoli besesemhlabeni. USathane wenza umhlaba ukuthi ukholwe ukuthi iBhayibheli liyinganekwane, incwadi efanele eyayilungile kudala, kodwa manje seyithathwa njengephelelwe yisikhathi. INcwadi ezokwahlulela abantu, ibekwa emthunzini; uMsindisi womhlaba wenziwa umuntukazana. Abakholwa yizibonakaliso zemimoya bazama ukwenza kubukeke sengathi akukho lutho oluyisimangaliso ngempilo yoMsindisi. Bathi ezabo ezimangaliso zedlula imisebenzi kaKristu.IE 57.3

    Ubulozi manje sebembatha ingubo yobuKristu. Kodwa izimfundiso zabo ngeke ziphikwe noma zifihlakale. Kumanje-nje, buyinkohliso eyingozi kakhulu, futhi engabonakali. Manje buthi bamukela uKristu neBhayibheli. Kodwa iBhayibheli lichazwa ngendlela eyanelisa inhliziyo engaguqukanga. Kugxilwa othandweni njengophawu lukaNkulunkulu okuyilona olukhulu, kodwa lululazwa lube umuzwa wezinkanuko nje. Ukukhuza kukaNkulunkulu isono, izimfuno zomthetho waKhe ongcwele, konke kubekwa esithe. Izinganekwane zenza abantu balahle iBhayibheli njengesisekelo sokukholwa kwabo. UKristu bamphika njengoba babenza ngaphambili, kodwa inkohliso abayiboni.IE 58.1

    Bambalwa abawaqonda kahle amandla enkohliso obulozi. Abaningi bangena kukho ngoba nje befuna ukubona ukuthi buyinto enjani. Yinto abangayicabangi nokuyicabanga ukuthi bangaze babuswe yimimoya. Kodwa banyathela emhlabeni lapho bengavunyelwe khona, kanti umbhubhisi usebenzisa amandla akhe phezu kwabo ngaphandle kwemvume yabo. Uma-nje beke banikela ngezingqondo zabo kuyena kwakanye, uzobabamba babe yizigqila zakhe. Ayikho enye into ngaphandle kwamandla kaNkulunkulu, ayimpendulo yomthandazo weqiniso, engakhulula lemiphefumulo.IE 58.2

    Bonke abagodle izono abazaziyo, bamema izilingo zikaSathane. Bazehlukanisa noNkulunkulu nokulondwa yizingelosi zaKhe, abanaso isiphephelo.IE 58.3

    “Lapho bethi kini: Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze—pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe wabafileyo ngabaphilayo na? emthethweni-ke nasebufakazini: impela lelizwi abalikhulumayo alinakho ukusa,” (Isaya 8:19,20).IE 58.4

    Ukuba abantu babevuma ukwamukela iqiniso mayelana nobunjalo bomuntu kanye nesimo sabafileyo, bebezobona ukuthi ubulozi amandla kaSathane nezimangaliso zamanga. Kodwa abantu bavale amehlo abo ukuze bangaboni ukukhanya. USathane ubabopha ngezihibe zakhe. “Ngenza yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe, ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga,” (2 Thesalonika 2:10,11).IE 59.1

    Labo abaphikisana nobulozi banyathela uSathane nezingelosi zakhe emsileni. USathane ngeke aze ahlehle ngaphandle kokuthi kungenelele izithunywa zasezulwini. j Ukwazi ukusho izindimana zeBhayibheli namhlanje njengoba wayekwazi nangezinsuku zikaKristu, futhi uzohlanekezela ezikushoyo. Labo abafuna ukuma ngalesikhathi sengozi mabazazele bona ubufakazi bemiBhalo.IE 59.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents