Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IBhayibheli Lilonke Liyisiqondiso

    Ngaso sonke isikhathi kufundwa iBhayibheli ngaphandle komoya womkhuleko novumayo ukufundiseka, ngisho nezindimana ezisobala zizohlanekezelwa. Abantu abanikwe konke okushiwo yiBhayibheli njengoba kunjalo.IE 32.1

    UNkulunkulu wanikeza ngezwi eliqinisekile lesiprofetho; izingelosi noKristu uqobo, zeza ukuzokwazisa uDaniyeli noJohane lezo zinto ezimele ukwenzeka masinyane,” iSambulo 1:1. Izianto ezibalulekile eziphathelene nokusindiswa kwethu azembulwanga ngendlela ezoxaka iphinde ilahlekise ofuna iqiniso ngenhliziyo yakhe yonke. IZwi likaNkulunkulu lisobala kubo bonke abalifunda benomthandazo enhliziyweni.IE 32.2

    Ngesiqubulo salokho abathi ukukhululeka komqondo1Ukwamukela ngokubanzi noma ukubekezelela imibono noma ngabe ayivumelani neBhayibheli. abantu bayaphuphuthekiswa, bangabuboni ubuqili besitha sabo. Siyaphumelela ukufaka imicabango yabantu esikhundleni seBhayibheli; umthetho kaNkulunkulu uchilizelwa eceleni; amabandla abe ngaphansi kobugqila besono kodwa ethi akhululekile.IE 32.3

    UNkulunkulu uvumele ukukhanya okukhulu ukuba kungene emhlabeni ngezinto ezitholwa yisayensi. Kodwa ngisho nabanobuchopho obukhulu kanjani, uma bengaqondiswa yiZwi likaNkulunkulu, bayalahleka emizamweni yabo yokuthola ubudlelwane phakathi kwesayensi nalokho esikwembulelwe.IE 32.4

    Ulwazi Iwabantu luyinxenye futhi aluphelele; ngakhoke abaningi abakwazi ukuhlanganisa imibono yabo ngesayensi nemiBhalo. Abaningi bagcina ngokwamukela okukhulunywayo nje bese bekuthatha njengamaqiniso esayensi, bacabange ukuthi iZwi likaNkulunkulu lidinga ukuhlolwa ngalokho abakubiza ngokuthi yisayensi, (1 Thimothewu 6:20). Ngenxa yokuthi bengakwazi ukuchaza uMdali nemisebenzi yaKhe ngemithetho yesayensi, umlando oseBhayibhelini bawubuka njengongathembekile. Labo abangabaza iTestamente eliDala neliSha bavame ukuthatha esinye isinyathelo esiqhubekela phambili, bangabaze ubukhona bukaNkulunkulu. Njengoba sebehlukene ne-ankori yabo, bashayiseka emadwaleni okungakholwa.IE 32.5

    Kuyiqhinga elikhulu likaSathane ukwenza abantu bahlale beqagela ngalokho uNkulunkulu angakwembulanga. ULusifa waba nokungeneliswa ngoba engembulelwanga zonke izinhloso zikaNkulunkulu, akaze akunaka lokho akwembulelwe. Manje ufuna ufuna ukufaka wona lowo moya ebantwini, abaholele ekuthini bangakunaki ukuyala kukaNkulunkulu.IE 33.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents