Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    O Adamu Ababili Bayahlangana

    Ngesikhathi abasindisiwe bamukelwa emzini kaNkulunkulu, kuzwakala indumiso enkulu. O-Adamu ababili sebezohlangana. INdodana kaNkulunkulu seyizokwamukela uyise wesizwe sethu— eyamdala, wona, okungenxa yesono sakhe ukuthi uMsindisi unamanxeba okubethelwa. Uma uAdamu ebona amanxeba ezipikili, uziphonsa ezinyaweni zikaKristu ngokuzithoba. UMsindisi uyamphakamisa, amnxuse ukuba aphinde abuke ikhaya lase Edeni ayesehlukene nalo isikhathi eside kangaka.IE 109.2

    Impilo ka Adamu yayigcwele usizi. Lonke iqabunga elibunayo, sonke isilwane okwakwenziwa ngaso umhlatshelo, lonke ichashaza lesono ebantwini, kwakumkhubuza ngesono sakhe. Kwaba khona ukuzisola okubuhlungu njengoba wayebona imiphumela yesono sakhe. Waguquka esonweni sakhe ngokwethembeka, wafela ethembeni lovuko. Manje, ngenxa yenkono yokubuyisana, uAdamu usebuyiselwe esikhundleni sakhe.IE 109.3

    Ehamba egcwele intokozo, ubona izihlahla lapho ayeke wazithokozisa khona, ezithelo zazo wayezikha engakaweli esonweni. Ubona imivini ayeyikhulisa ngezandla zakhe, izimbali ayekade ethanda ukuzinakekela. Ngempela I Edeni ibuyile!IE 109.4

    UMsindisi umholela emthini wokuphila, amtshele ukuthi akadle. Ubona izigidi zazezizukulwane zakhe ezisindisiwe. Alahle umqhele wakhe ezinyaweni zikaJesu, amange. Udlala ihabhu, izindonga zasezulwini zinanele ngeculo lenjabulo, zithi: “Lifanele iWundlu elahlatshwayo,” (iSambulo 5:12). Umndeni ka Adamu uphonsa imiqhele ezinyaweni zoMsindisi, ukhuthama ngokudumisa. Izingelosi zakhala mhla uAdamu ewa, zathokoza mhla uJesu evula ingcwaba ukuze bonke abakholwa kuYe baphile. Manje sezibona umsebenzi wosindiso sewufeziwe, zihlanganise amazwi azo ngokudumisa.IE 109.5

    Phezu kolwandle Iwengilazi “esengathi ixutshwe nomlilo” kubuthene labo “abathole ukunqoba phezu kwesilo nomfanekiso waso, kanye nophawu Iwaso, nesibalo segama laso.” Abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane “Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu,” (iSambulo 15, 2, 3). Abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane kuphela abalaziyo leloculo, ngoba yiculo lamava abanye abangazange babe nawo. “Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi.” Laba abahlwithwa kwabaphilayo, bayizithelo “zolibo kuNkulunkulu neWundlu,” (iSambulo 14:4, 5). Badlula esikhathini sokuhlupheka esasingakaze sibonwe selokhu kwaba khona isizwe; babekezelela usizi Iwesikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, bema benganamlamleli ngesikhathi sokuthululwa kwezinhlupho zikaNkulunkulu zokugcina. “Bageza izingubo zabo zaba mhlophe egazini leWundlu.” “Nasemlonyeni wabo akufunyaniswanga amanga; kabanasici.” “Kabasayikulamba, kabasayikoma; kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zone emehlweni abo,” (iSambulo 7:14; 14:5; 7:16,17.IE 110.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents