Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ngabe Ukuthethelelwa Kuyasikhulula Ekulaleleni?

    Ngabe isoni esithethelelwe sesikhululekile yini manje ukuba seqe umthetho kaNkulunkulu? Uthi uPawulu: “Pho, siwenza ize umthetho ngokukholwa na? Qha, nakanye, kodwa siyawuqinisa umthetho.” Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?” UJohane uthi: “Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.” Ngokuzalwa kabusha, inhliziyo izwana noNkulunkulu, ihambisane nomthetho waKhe. Ngokwenzeka kwalenguquko kumuntu oyisoni, usedlulile ekufeni wangena ekuphileni, washiya isono nokuhlubuka wangena ekulaleleni nokwethembeka. Impilo yakuqala idlulile; impilo entsha yokubuyisana, ukukholwa kanye nothando, seyiqalile. Kanjalo- ke “umyalo womthetho uzogcwaliseka kithina” esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya.” Inkulumo yomphefumulo izokuthi: “Ngiyawuthanda umthetho waKho kangaka! Usuku lonke ngizindla ngawo,” (amaRoma 3:31; 6:2; 1 Johane 5:3; amaARoma 8:4; iHubo 119:97).IE 67.2

    Ngaphandle komthetho, abantu ngeke basibone ngempela isono, bangasiboni nesidingo sokuguquka. Abasiboni isidingo sabo segazi likaKristu. Ithemba lokusindiswa lamukelwa ngaphandle kwenguquko enhliziyweni noma empilweni. Kanjalo- ke kugcwele ukuguquka okungasuki enhliziyweni, nabaningi bazihlanganisa nebandla bengazange bazihlanganise noKristu.IE 68.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents