Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Isahluko 8—Ukuvikela Iqiniso

    Umsebenzi wethu wokukhonza uNkulunkulu wesekelwe phezu kweqiniso lokuthi unguMdali. “ Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu, ” (iHubo 100:3; 95:6.)IE 81.1

    KuSambulo 14, abantu kuthiwa abadumise uMdali, bagcine nemiyalo kaNkulunkulu. Omunye wemiyalo ukhomba kuNkulunkulu ngo, njengoMdali. “Kepha usuku Iwesikhombisa luyiSabatha likaJehova uNkulunkulu wakho....ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nacho konke okukukho, waphumula ngosuku Iwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku IweSabatha, walungcwelisa,” (Eksodusi 20:10,11). Mayelana neSabatha, uNkulunkulu uqhubekaathi “abe yisibonakaliso... ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu,” (Hezekeli 20:20). Ukuba iSabatha lalikade ligcinwa emhlabeni wonke, imicabango nemizwa yabantu yayizodonseleka kuMdali njengofanele ukukhonzwa nokudunyiswa, futhi kwakungeke kube khona okhona izithixo, umuntu ongakholwa kuNkulunkulu, noma ongenankulo nhlobo. Ukugcina iSabatha kuluphawu lokwethembeka kuNkulunkulu weqiniso. “Yena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi.” Kusobala ukuthi isigijimi esiyala abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu bagcine nemiyalo yaKhe sizobanxusa ngokukhethekile ukuba bagcine umyalo wesine.IE 81.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents