Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Isahluko 9—Ithemba Langempela

    Isithembiso sokubuya kukaKristu ukuzoqedela umsebenzi omkhulu wosindiso iyona ngqikithi yemiBhalo eNgcwele. Kusukela e Edeni, abantwana bokukholwa babelindele Othenjisiweyo ukuba ababuyisele eParadesi elabalahlekela. U-Enoke, owesikhombisa ngokuzalwa kusukela e Edeni, owahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi, ukuze yahlulele bonke,’’ (Juda 14,15). Ujobe ebumnyameni bokuhlupheka kwakhe wathi: “Kepha ngiyazi mina ukuthi uMhlengi wami ukhona; ekupheleni uyakuma othulini...IE 89.1

    Ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami, engiyakumbona uqobo Iwami; amehlo ami ayakumbona, kungabi njengomfokazi,” (Jobe 19:25-27). Izimbongi nabaprofethi baseBhayibhelini bakhulume ngokuza kukaKristu besebenzisa amazwi avutha umlilo. “Malijabule izulu, umhlaba uthokoze...ebusweni bukaJehova ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe,” (iHubo 96:11-13).IE 89.2

    U Isaya uthi: “Kuyakuthiwa ngalolosuku: Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe,” (Isaya 25:9).IE 89.3

    UMsindisi waduduza abafundi baKhe ngesiqiniseko sokuthi uyobuya futhi: “Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi...Ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa ngiya Ngiyobuya, nginamukele kimi.” “INdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo; kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke,” (Johane 14:2,3; Mathewu 25:31,32).IE 90.1

    Izingelosi zasiphinda kubafundi isithembiso sokubuya kwaKhe: “UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakubuya kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini,” (iZenze 1:11). NoPawulu wafakaza wathi: “Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu,” (1 Thesalonika 4:16). Umprofethi wasePatmosi wathi: “Bheka uyeza ngamafu; amehlo onke ayakumbona,” (iSambulo 1:7).IE 90.2

    Khona umbuso wobubi osewuqhubeke isikhathi eside, uyakunqanyulwa: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade,” (iSambulo 11:15). “INkosi uJehova iyakuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke,” (Isaya 61:11).IE 90.3

    Khona umbuso wokuthula kaMesiya uyosekelwa: “UJehova uyakuliduduza iSiyoni; aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge Edeni, noqwathule Iwalo lube njengensimu kaJehova,” (Isaya 51:3).IE 90.4

    Ukubuya kukaJesu kwakuyithemba labalandeli baKhe beqiniso kuyo yonke iminyaka. Phakathi kokuhlupheka nokushushiswa, “ukuqhamuka kukaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu” kwakulokhu “kuyithemba elibusisiwe,” (Thithu 2:13). UPawulu wakhomba uvuko olwaluzokwenzeka ekufikeni koMsindisi, lapho abafele kuKristu beyovuswa khona, bese behlwithwa kanye nabaphilayo, ukuhlangabeza iNkosi emoyeni. “Kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo. Ngakhoke duduzanani ngalawo mazwi,” (1 Thesalonika 4:17,18).IE 90.5

    Esiqhingini sasePatmosi, umfundi othandiweyo wezwa isithembiso esithi: “Bheka, ngiyeza masinyane,” impendulo yakhe izwakalisa umthandazo webandla othi, “Yebo, woza Nkosi Jesu,” (iSambulo 22:20).IE 91.1

    Kuzwakala ithemba leminyaka nokukholwa kwabangcwele namafelankolo abahlushwa befakazela iqiniso, bafakwa emajele, bashiswa bephila, balengiswa. “Ngenxa yesiqiniseko sokuvuka kwaKhe, ngokunjalo-ke nesakhe ekufikeni kwaKhe, umKristu othile uthi: “bakweyisa ukufa, batholakala bengaphezu kwakho.” 1Encwadini ephelele I The Great Controversy , abafundi bangathola indaba yama Waldenses kanye nabanye abavuseleli bamaProtestandi. AmaWaldenses ayebambelele kolokho kukholwa okunjalo. U Wycliffe, uLuther, uCalvin, uKnox, uRidley kanye no Baxter 2 Ukuze uthole imininingwane egcwele ngalesigijimi nalabo abaqala ukusimemezela, bona I Great Controversy , izahluko 17 no 18. nalezo ezilandelayo ezikhuluma kabanzi ngaloludaba. babheka ukubuya kweNkosi ngokukholwa. Lalinjalo ithemba lebandla ngesikhathi sabaphostoli, “nebandla elalisehlane” kanye nabavuseleli.IE 91.2

    Isiprofetho asigcini ngokusitshela ngendlela nenjongo yokubuya kukaKristu, kodwa sisho nezibonakaliso abantu abayokwazi ngazo uma selusondela lolosuku. “Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini,” (Luka 21:25). “Ilganga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo,” (Marko 13:24-26). UMambuli ngalendlela uchaza izibonakaliso zokuqala eziyokwendulela ukubuya kweNkosi: “Kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,” (iSambulo 6:12).IE 91.3

    UMsindisi waprofetha ngohlubuko oluyakuba khona masinyane ngaphambi kokubuya kwaKhe. Kulabo abaphila ngalesikhathi isixwayiso sikaKristu sithi: “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka owalokhukuphila, lunizume lolosuku ningazelele.” “Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu,” (Luka 21:34, 36).IE 92.1

    Njengoba kubhekwe lolosuku olukhulu, iZwi likaNkulunkulu lenza ubizo ebantwini baKhe ukuba bafune ubuso baKhe ngokuguquka.IE 92.2

    “Luyeza usuku lukaJehova, ngokuba lusondele.” “Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani abantu, ningcwelise ibandla, niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne altare.” “Phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila, niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu,” (Joweli 2:1,15-17, 121, 13).IE 92.3

    Ukuze kulungiswe abantu ukuma ngosuku lukaNkulunkulu, kwakudingeka kwenziwe umsebenzi omkhulu wemvuselelo. Ngomusa waKhe wayesezothumela isigijimi sokuphaphamisa abazibiza ngabantu baKhe, abahole ukuze bazilungisele ukuza kweNkosi.IE 93.1

    Lesixwayiso sisibona kuSambulo 14. Lapho kunesigijimi esinxantathu okuthiwa simenyezelwa yizingelosi zasezulwini, kulandele ngokushesha ukubuya kweNdodana yomuntu ukuzovuna “isivuno somhlaba.” Umprofethi wabona ingelosi indiza “emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayele kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu, isho ngezwi elikhulu, ithi: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi,” (iSambulo 14:6, 7).IE 93.2

    Lesigijimi siyinxenye “yevangeli laphakade.” Umsebenzi wokushumayela ubekwe ezandleni zabantu. Izingelosi ezingcwele ziyahola, kodwa ukumenyezelwa kwevangeli kona kwenziwa yizinceku zikaKristu emhlabeni. 3.IE 93.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents