Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    lzinkohliso Eziyingozi

    Phakathi kwezindlela ezinempumelelo enkulu zomkhohlisi omkhuiu, kukhona izimangaliso zamanga zabulozi. Uma abantu benqaba iqiniso, baba yizisulu zenkohliso.IE 33.4

    Esinye isiphosiso, yimfundiso ephika ubuNkulunkulu bukaKristu, ethi waqala ukuphila mhla ezalwa emhlabeni, hhayi ngaphambi kwalokho. Lemfundiso iphikisana nokwashiwo uMsindisi wethu mayelana nobudlelwane baKhe noYise, nokuphila kwaKhe engakazalwa emhlabeni. Ibukela phansi ukukholwa kokuthi iBhayibheli yisambulo esivela kuNkulunkuli. Uma abantu benqaba ubufakazi bemiBhalo mayelana nokuthi uKristu unguNkulunkulu, kuyize ukuphikisana nabo; ayikho ingxoxo, noma inesisindo esingakanani, engabenza babone. Abekho ababambelele kulenkohliso abangaba nesithombe sikaKristu seqiniso noma ngecebo likaNkulunkulu lokusindisa abantu.IE 34.1

    Enye inkohliso futhi ileyo ephika ukuthi uSathane ukhona ngempela; ethi leligama lisetshenziswa eBhayibhelini nje ukusho imicabango emibi nezifiso ezimbi zabantu.IE 34.2

    Imfundiso ethi ukubuya kukaKristu kusho ukufika kwaKhe emntwini ngamunye ngesikhathi sokufa, yindlela yokususa izingqondo ekufikeni kwaKhe ngempela ngamafu ezulu. USathane uthi: “Bhekani usendlini” (Mathewu 24:23-26). Abaningi badukile ngenxa yokwamukela lenkohliso.IE 34.3

    Futhi ososayensi bathi ayikho ngempela impendulo yomthandazo, lokhu kungasho ukwephulwa komthetho— isimangaliso, kanti ayikho into eyisimangaliso. Bathi indalo ilawulwa yimithetho emiyo. UNkulunkulu uqobo akenzi luthi oluphambene nalemithetho. Ngaleyo ndlela bafanekisa uNkulunkulu njengoboshwe yimithetho yaKhe—sengathi imithetho yaKhe ingavimbela inkululeko yaKhe.IE 34.4

    Kanti uKristu nabaphostoli baKhe abazenzanga yini izimangaliso? Yena lowo Msindisi usazimisele namanje ukulalela umthandazo wokukholwa njengalesikhathi esahamba phakathi kwabantu, ebonwa ngamehlo. Okwemvelo kubambisana nokwangaphezulu. Kuyinxenye yecebo likaNkulunkulu ukuphendula imithandazo yokukholwa ngokusinika lokho abengeke asinike kona uma singacelanga.IE 34.5

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents