Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukutlhekisa Abthadda Ukungcebeleka

    Kulabo abathanda ukuzijabulisa, ukungcebeleka nokuphathelene nokujabulisa inyama, ubulozi abuzifihli kangako. Bathola okuhambisana nezifiso zabo. USathane uphawula izono umuntu ngamunye anobuthakathaka bazo, bese eqiniseka ukuthi awasweleki amathuba okwanelisa leyo mikhuba. Ufaka abantu esilingweni sokungangazithibi ukuze enze buthakathaka amandla omzimba, ingqondo nesimilo. Ukuze aphelelise umsebenzi wakhe-ke, imimoya ithi “ulwazi Iwangempela lubeka umuntu ngaphezu komthetho”; ukuthi “noma yini ekhona, ilungile”; ukuthi “uNkulunkulu akagxibhi”; nokuthi “zonke izono... zimsulwa.” Uma-ke abantu bekholwa ukuthi ukufisa iwona mthetho ophakeme, ukuthi inkululeko nguwathela wayeka, ukuthi umuntu uyophendula kuyena kuphela hhayi komunye umuntu, ubani ongamangala ngenkohlakalo egcwele yonke indawo? Izigidi zenza ngomdlandla okushiwo yizinkanuko. USathane ubamba ngenetha lakhe izinkulungwane zabantu abazibiza ngabalandeli bakaKristu.IE 56.1

    Kodwa uNkulunkulu usinike ukukhanya okwanele ukuba siwubone unoxhaka. Sona uqobo isisekelo sobulozi siphikisana nemiBhalo. IBhayibheli lithi abafileyo abazi luthi, nokuthi imicabango yabo ibhubhile; abanaseabelo entokozweni nasosizini Iwabasemhlabeni.IE 56.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents