Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Lalivele Ligcinwa ISabatha Leqiniso

    Kusukela kulolo suku kuze kube namhlanje, iSabatha lalivele ligcinwa. Nakuba “umuntu wesono” waphumelela ekunyatheleni ngezinyawo usuku olungcwele lukaNkulunkulu, nokho abantu abathembekile ababecashe ezindaweni ezifihlakele, babelihlonipha. Kusukela ngezinsuku zemvuselelo (Reformation), bakhona abathile kuzo zonke izizukulwane ababeligcina.IE 85.4

    Lamaqiniso aphathelene “nevangeli laphakade” ayolibeka obala ibandla likaKristu ngesikhathi sokubuya kwaKhe. “Naba abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu,” (iSambulo 14:12).IE 85.5

    Labo abathola ukukhanya maqondana nendawo engcwele5Bheka izahluko 23 no 24 ze The Great Controversy. kanye nomthetho kaNkulunkulu bagcwaliswa yinjabulo ngokubona ukusebenzisana kweqiniso. Baba nesifiso sokuthi ukukhanya kudluliselwe nakwamanye amaKristu. Kodwa amaqiniso ayengahambisani nezwe awamukelekanga kwabaningi ababezibiza ngokuthi balandela uKristu.IE 86.1

    Kwathi lapho beboniswa okufunwa yiSabatha, abaningi bathi: “Sasilokhu sigcina iSonto, obaba bethu babeligcina, nabantu abalungile abaningi baze bafa beligcina ngentokozo. Ukugcina iSabatha elisha kungasenza sibe lugweje emhlabeni. Isixuku esincanyana esigcina usuku Iwesikhombisa singenzani emhlabeni ogcina iSonto?” Ngendlela efanayo, amaJuda avikela ukuphika kwawo uKristu. Ngokunjalo, nangesikhathi sikaLuther, amaRoma athi amaKristu oqobo asafa enkolweni yamaKhatholika; ngakhoke leyonkolo yayanele. Umqondo onjalo wawuzokuba yisikhubekiso kuyo yonke inqubekela phambili ekukholweni.IE 86.2

    Abaningi babethi ukugcinwa kweSonto into eyayenziwa ngokubanzi ebandleni emakhulwini eminyaka. Ngokuphikisana nalokhu, kwavezwa ukuthi iSabatha nokugcinwa kwalo lalilidala kakhulu, lilidala ngangomhlaba uqobo Iwawo—laliqanjwe nguMdala weziNsuku.IE 86.3

    Bengenabufakazi baseBhayibhelini, abaningi bathi:IE 86.4

    “Kwenziwa yini ukuthi izikhulu zakithi zingaluqondi udaba IweSabatha? Bambalwa abakholwa yilento enikholwa iyona. Akunakwenzeka ukuthi nina nihamba ngakho, nokuthi bonke abantu abafundisiwe baphambukile.”IE 86.5

    Ukuchitha izinkulumo ezinjalo, kwadingeka kuphela ukucaphuna eBhayibhelini nendlela uNkulunkulu ayesebenza ngayo nabantu baKhe kuyo yonke iminyaka. Isizathu sokuthi akavami ukukhetha abantu abafundile nabanezikhundla ukuba bahole emsebenzini wemvuselelo ukuthi bethemba amabandla abo nezimfundiso zawo, bangasiboni isidingo sokufundiswa nguNkulunkulu. Abantu abafunde kancane bake babizwe ukuba bamemezele iqiniso, hhayi ngoba bengafundile, kodwa ngoba bayazehlisa, bavume ukufundiswa nguNkulunkulu. Ukuzithoba nokulalela kwabo kubenza babe bakhulu.IE 86.6

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents