Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukungmliselti Phakathi Kmingelosi

    ULusifa wasuka endaweni yakhe phambi kukaNkulunkulu wayotshala umoya wokungeneliswa ezingelosini. Esebenza ngendlela emangalisayo yomshoshaphansi, wafihla okuyiyona njongo yakhe ngempela, ezenza ozithobile kuNkulunkulu, wazama ukufaka umoya wokungeneliseki maqondana nemithetho ebusa izidalwa zasezulwini, ethi izibekela imigoqo engadingekile. Wathi, njengoba izingelosi zingcwele ngokwemvelo, aziyekwe zilalele izinhliziyo zazo. UNkulunkulu akenzanga ubulungiswa kuyena ngokunika uKristu inhlonipho enkulu kangaka. Wathi akahlose kuziphakamisa, kodwa wayefuna nje ukutholela bonke abasezulwini inkululeko ukuze bafinyelele ezingeni eliphakeme lokuphila.IE 8.3

    UNkulunkulu wambekezelela isikhathi eside uLusifa. Akehliswanga esikhundleni sakhe esiphakeme nangemuva kokusabalalisa amanga kwezinye izingelosi. Izikhathi ngezikhathi wayethenjiswa intethelelo uma nje engaphenduka, azithobe. Imizamo enje, eyayingaphuma othandweni lukaNkulunkulu yenziwa ukutshingisa uLusifa iphutha lakhe. Kwakungakaze kube khona ukungagculiseki ezulwini ngaphambili. ULusifa uqobo Iwakhe, ekuqaleni akabuqondanga ubunjalo bemizwa yakhe. Njengoba ukungagculiseki kwakhe kwabonakala ukuthi akunasizathu, uLusifa waqiniseka ukuthi imithetho yasezulwini ilungile nokuthi ufanele ukuyivuma phambi kwezulu lonke. Ukuba wayekwenzile lokhu, wayengazisindisa yena nezingelosi eziningi. Ukuba wayevuma ukubuyela kuNkulunkulu, enelisekile yindawo ayinikiwe, wayezobuyiselwa esikhundleni sakhe. Kodwa ukuzikhukhumeza kwamvimbela ukuthi enze njalo. Waphikelela ngokuthi akukho sidingo sokuthi aphenduke, wazinikela ngokuphelele kulempikiswano enkulu noMdali wakhe.IE 9.1

    Onke amandla engqondo yakhe manje ayesezosetshenziselwa inkohliso, ukuzuza uzwelo Iwezingelosi. USathane wathi uphethwe ngendlela engafanele, futhi inkululeko yakhe iyanqundwa. Kusukela ekuhumusheni amazwi kaKristu ngendlela okungesiyo, waqhubekela emangeni aluhlaza, ekhomba iNdodana kaNkulunkulu ngomunwe ethi izama ukumlulaza phambi kwabo bonke abasezulwini.IE 11.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents