Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ngokukholwa Kuphela

    Lomsebenzi ungafezeka ngokukholwa kuKristu kuphela, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu ohlala ngaphakathi. UmKristu uzolingeka ukuthi enze isono, kodwa uzoqhuba umzabalazo wokulwisana naso. Usizo lukaKristu ludingeka lapha-ke. Ubuthakathaka bomuntu buhlangana namandla ezulu, ukukholwa kukhamuluke kuthi: “Makabongwe uNkulunkulu osinike ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu,” (1 Korinte 15:57).IE 69.1

    Umsebenzi wokungcwaliswa uyaqhubeka. Uma isoni sithola ukuthula kuNkulunkulu ngesikhathi siguquka, lokho yisiqala sempilo yobuKristu. Manje sekudingeka “sidlule esifundisweni sokuqala,” sikhule “size sifinyelele ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu,” (amaHeberu 6:1; Efesu 4:13; Filipi 3:14).IE 69.2

    Labo abanokungcweliswa kwaseBhayibhelini bazobonakalisa ukuzithoba. Babona ukungafaneleki kwabo uma beziqhathanisa nokuphelela kukaSimakade. Umprofethi uDaniyeli wayeyisibonelo sokungcwaliswa kweqiniso. Esikhundleni sokuzibiza ngomsulwa nongcwele, lomprofethi ohloniphekile wazibandakanya nalabo abayizoni kwalsrayeli ngesikhathi enxusa phambi kukaNkulunkulu nengxa yabantu bakubo. (Daniyeli 10:11; 9:15, 18, 20; 10:8, 11).IE 69.3

    Ngeke kube khona ukuziphakamisa, ukuqhayisa ngokuthi abanasono labo abahamba ethunzini lesiphambano saseKhalvari. Bayabona ukuthi yisono sabo esabangela usizi olwephula inhliziyo yeNdodana kaNkulunkulu. Lomcabango uzobaholela ekuzithobeni. Labo abaphila eduze noJesu bazobubona ngendlela ecacile ubuthakathaka nokona komuntu. Ithemba labo kuphela lisekulungeni koMsindisi owabethelwa waphinde wavuka.IE 70.1

    Lokhu kungcweliswa okugqamile emabandleni manje kunomoya wokuzikhukhumeza nokunganaki umthetho kaNkulunkulu, okwenza kungabi okwaseBhayibhelini. Labo abakufundisayo bathi ukungcweliswa kuwumsebenzi wesikhashana, okuthi ngawo, “ ngokukholwa kuphela,” bafinyelele ezingeni lobungcwele obuphelele. Bathi: “ Kholwa nje, kuphela, uzothola isibusiso.” Akukho mizamo edingekayo kulowo owamukela lokho kungcweliswa. Khona manjalo, baphika igunya lomthetho kaNkulunkulu, bethi bakhululiwe ekugcineni imiyalo. Kodwa kungenzeka yini ukuba ngcwele ngaphandle kokuhambisana nezimiso ezigcizelela ubunjalo nentando kaNkulunkulu? IE 70.2

    Ubufakazi beZwi likaNkulunkulu liphikisana nalemfundiso elahlekisayo yokukholwa okungenamsebenzi. Akusiko ukukholwa lokho ukufuna ukwamukelwa yizulu ngaphandle kokugcina imibandela yokunikezwa komusa. Lokho kuwumbono wabantu. (Bheka kuJakobe 2:14-24). IE 70.3

    Akungabikho ozozikhohlisa ngokuthi angaba ngcwele kodwa ebe ephula nowodwa umyalo kaNkulunkulu. Isono esaziwayo sithulisa izwi lobufakazi likaMoya, sihlukanise umuntu noNkulunkulu. Nakuba uJohane ekhuluma kabanzi-nje ngothando, akangabazi ukwembula isimilo sangempela salabo abathi bangcwelisiwe kodwa bephila impilo yokweqa umthetho kaNkulunkulu. “Othi ngiyamazi, kodwa engagcini imiyalo yaKhe, ungumqambi-manga, neqiniso alikho kuye. Kepha ogcina izwi laKhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuYe impela,” 1 Johane 2:4,5. Lapha sithola ukuvivinywa kwalokho okushiwo yibo bonke abantu. Uma abantu belulaza imiyalo kaNkulunkulu, uma “ beqa owodwa kulemiyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo” (Mathewu 5:18, 19), sizokwazi ukuthi abakushoyo akunasisekelo.IE 70.4

    Ukuthi umuntu akanasono, kuwubufakazi bokuthi lowo osho njalo ukude nobungcwele. Akabuqondi kahle ubungcwele nobumsulwa baphakade bukaNkulunkulu, ngokunjalo nobubi besono. Ngokwanda kwegebe phakathi kwakhe noKristu, kanjalo uzozibona elungile. IE 71.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents