Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukubuyiselwa Kweqiniso

    Ukuvuselelwa kweSabatha ezinsukwini zokugcina kwaprofethwa kulsaya: “Usho kanje uJehova, uthi: Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso oyami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami kwami ukuba kwambulwe. Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho, ogcina iSabatha engaloni, osibamba isandla sakhe ukuba singenzi nakuphi okubi Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova....ukumkhonzauJehova nokulithanda igama likaJehova ukuba babe yizinceku zakhe bonke abaligcina iSabatha, bangaloni, nababambelela esivumelwaneni sami, yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yamiengcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka,” (Isaya 56:1,2,6,7).IE 82.1

    Lamazwi asasebenza kulezinsuku zobuKristu, njengoba sibona endimaneni 8. Lapho kukhonjwa ukubuthwa kwabezizwe yivangeli, lapho izinceku zaKhe zishumayela izindaba ezimnandi kuzo zonke izizwe. IE 82.2

    UNkulunkulu uyala ngokuthi: “Namathelisa umthetho phakathi kwabafundi bami,” (Isaya 8:16). Uphawu (okokunamathelisa) lukaNkulunkulu lutholakala emyalweni wesine. Kuyo yonke imiyalo eyishumi, yilona kuphela ogqamisa igama nesikhundla soMniki-mthetho. Mhla iSabatha liguqulwa nguPhapha, 1Lokhu kuguqulwa kuchazwe esahlukweni 3 encwadini I The Great Controversy. uphawu Iwasuswa emthethweni. Abafundi bakaJesu banxuswa ukuba balubuyisele ngokuphakamisa iSabatha njengesikhumbuzo soMdali nesibonakaliso segunya laKhe.IE 82.3

    AmaProtestandi manje athi ukuvuka kukaKristu ngeSonto kwalenza laba yiSabatha lamaKristu. Kodwa lokho kuhlonishwa kweSonto akushiwongo uKristu noma abaphostoli baKhe. Ukugcinwa kweSonto kwaqala ngaleyo “mfihlakalo yokungabi namthetho” (2 Thesalonika 2:7) eyayisiqalile ukusebenza nasezinsukwini zikaPawulu. Kunganikezwa sizathi sini senguquko engavunyiwe yimiBhalo na? IE 82.4

    AmaProtestandi ayavuma ukuthi “ iTestamente eliSha lithule du, mayelana nokuhlonishwa kweSabatha (iSonto, usuku lokuqala Iweviki) noma imiyalo eqonde-ngqo mayelana nokugcinwa kwalo. 2George Elliott, The Abiding Sabbath, p. 184.IE 84.1

    “Kuze kube yisikhathi afa ngaso uKristu, akukho nguquko eyenziwa osukwini”; futhi “ngokomlando obhaliwe, abaphostoli abazange banikeze myalo othi akuyekwe iSabatha losuku Iwesikhombisa, kugcinwe usuku lokuqala Iweviki.” 3A. E. Waffle, The Lord’s Day, pp. 186-188.IE 84.2

    AmaKhatholika ayavuma ukuthi ukuguqulwa kweSabatha kwenziwa yibandla lawo, futhi bathi amaProtestandi atshengisa ukuvuma igunya lamaKhatholika ngokugcina kwawo iSonto. Kuthiwa: “Ezikhathini zomthetho omdala, umGqibelo kwakuyilona suku olungcwelisiwe; kodwa ibandla ngokuyalwa nguJesu Kristu, nokuholwa nguMoya kaNkulunkulu, selifake iSonto esikhundleni somGqibelo; manje-ke singcwalisa usuku lokuqala, hhayi olwesikhombisa. ISonto selisho usuku IweNkosi.”4Catholic Catechism of Christian Religion.IE 84.3

    Kunomyalo othi: “Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo.” Labo uNkulunkulu ababiza “ngabantu baMi” badinga ukukhuzwa ngeziphambeko zabo, abantu abacabanga ukuthi bahamba ngokulunga emsebenzini kaNkulunkulu. Kodwa isixwayiso salowo ohlola izinhliziyo sithi banyathela phansi imiyalo yaKhe. (Isaya 58:1,2).IE 84.4

    Kanjaloke, umprofethi ukhomba umyalo olahliwe, athi: Ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo; ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona. Uma ulubuyisa unyawo Iwakho kulo iSabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku Iwami olungcwele, ulibize iSabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize: khona uyakuzijabulisa kuJehova,” (Isaya 58:12-14).IE 85.1

    “Isikhala” senziwa emthethweni kaNkulunkulu mhla iSabatha luguqulwa yizikhulu zamaRoma. Kodwa sesifikile isikhathi sokuba isikhala sivalwe.IE 85.2

    ISabatha lagcinwa ngu Adamu esemsulwa, e-Edeni; waligcina futhi ngemuva kokuwa kwakhe kodwa eguqukile, esexoshiwe ensimini yase Edeni. Lagcinwa yiwo wonke amalunga kusukela kuAbela kuye kuNowa, uAbrahama, noJakobe. Ngesikhathi uNkulunkulu ekhulula ulsrayeli, wamemezela umthetho waKhe kubona.IE 85.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents