Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukunqotshwa MsSatHane

    Ababi babukela iNdodana kaNkulunkulu yethweswa umqhele sengathi bayaphupha. Ezandleni zaYo babona izibhebhe zomthetho abawudelelayo. Bezwa inhlokomo yokudumisa ivela kwabasindisiwe; kuthi lapho umculo omnandi ufinyelela ezixukwini ezingaphandle komuzi, bamemeza bonke, bathi, “Zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe.” Bakhothama, bedumisa iNkosi yokuphila. (iSambulo 15:3).IE 119.4

    USathane sengathi ubanjwe wugesi. Njengoba wayekade eyikherubi elisibekelayo, ukhumbula kahle lapho awa khona. Ezindaweni lapho ayekade ehlonishwa khona, manje uvaleleke ngaphandle ngunaphakade. Usebona omunye manje omi eduze noBaba, ingelosi ehloniphekile. Uyazi ukuthi lesikhondla esiphakeme salengelosi ngabe esakhe.IE 120.1

    Engqondweni yakhe kubuya umcabango wekhaya lakhe engakoni, ukuthula nokwaneliseka ayenakho engekahlubuki. Ubukeza umsebenzi wakhe wobubi ebantwini, kanye nemiphumela yawo—ubutha phakathi kwabantu, ukubulalana okwethusayo, ukuvukelwa kwamakhosi, udweshu, izimpi nokuchithwa kwemibuso. Ukhumbula imizamo yakhe yokuphikisana nomsebenzi kaKristu. Uma ebuka izithelo zomsebenzi wakhe, ubona ukwehluleka kuphela. Futhi nafuthi, ekuqhubekeni kwempikiswano enkulu, wehlulwa, wacindezeleka ukuthi aphakamise izandla.IE 120.2

    Inhloso yalomhlubuki omkhulu kwakusolokhu kuwukusola umbuso wezulu ngohlubuko Iwakhe. Uholele izigidi ukuba zikwamukele lokho. Ezinkulungwaneni zeminyaka lomqambi wesiyaluyalu wamukele inkohliso esikhundleni seqiniso. Kodwa manje sesifikile isikhathi lapho umlando nesimilo sikaSathane kuzovela obala. Ekuzameni kwakhe kokugcina kokwehlisa uKristu esihlalweni sobukhosi, nokushabalalisa abantu baKhe, athathe umuzi ongcwele, ubonakala obala. Labo abahlangene naye babona ukwehluleka kwemizamo yabo.IE 121.1

    USathane uyabona ukuthi ukuhlubuka kwakhe ayezikhethele kona kumenze lingamfaneli izulu. Usesebenzisa amandla akhe ukulwa noNkulunkulu; ubumsulwa nokuzwana kwasezulwini kungaba yizinto ezibuhlungu kakhulu kuyena. Uyakhothama, avume ukuthi isijeziso sakhe sifanelekile.IE 121.2

    Yonke imibuzo mayelana neqiniso nenkohliso kulempikiswano ende, manje seyiphendulekile. Imiphumela yokuchitha imiyalo yezulu seyisobala kuyo yonke indalo. Umlando wesono uyohlaia kuze kube phakade njengobufakazi bokuthi ngokuba khona komthetho kaNkulunkulu kukhona injabulo yazo zonke izidalwa azenzile. Indalo yonke, abathembekile nabangathembekile, basho ngazwi linye, bathi: “Zilungili, ziqinisile izindlela zakho, Wena Nkosi yezizwe.”IE 121.3

    Sesifikile isikhathi sokukhazimuliswa kukaKristu ngaphezu kwamagama onke. Ngenxa yenjabulo ayeyibekelwe—ukuletha abaningi enkazimulweni—wabekezelela isiphambano. Ubuka abasindisiwe bedalwe kabusha ngokomfanekiso waKhe. Kubona, ubona umphumela wokuhlupheka komphefumulo waKhe, agculiseke (Isaya 53:11). Ngezwi elafinyelela ezixukwini, abalungile nabangalungile, uthi: “Bheka, nampa abathengwa ngegazi lami! Ngahlupheka ngenxa yabo, ngafa ngenxa yabo.”IE 121.4

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents