Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Okuyiwona Msebenzi Wokuqala Nophakeme

    Akwanele ukuba nezinhloso ezinhle ekwenzeni lokho ocabanga ukuthi kulungile, noma okutshelwa ngumfundisi ukuthi kulungile. Umuntu akaziphenyele yena imiBhalo. Kukhona ibalazwe elikhomba zonke izimpawu zendlela eya ezulwini, asikho isidingo sokuqagela.IE 78.4

    Umsebenzi wokuqala nokuyiwona ophakeme womuntu wonke onengqondo ukuthi afunde emiBhalweni ukuthi liyini iqiniso, ahambe ekukhanyeni, futhi akhuthaze abanye ukulandela isibonelo sakhe. Sidinga ukuzenzela izinqumo ngoba siyoziphendulela phambi kukaNkulunkulu.IE 78.5

    Abantu abafundile, bezenza izihlakaniphi, bafundisa ukuthi imiBhalo inencazelo efihlakele engatholakali olimini olusetshenzisiwe. Laba bantu bafundisa inkohliso. Ulimi IweBhayibheli kumelwe luchazwe ngalokho elukusho obala, ngaphandle kwemifanekiso esethenzisiwe. Uma abantu bebengathatha iBhayibheli njengoba linjalo, bekungafezeka umsebenzi ongangenisa izinkulungwane ezizula enkohlisweni esibayeni sikaKristu.IE 78.6

    Izindimana eziningi ezedlulwa ngabafundile ngokuthi azibalulekile, zigcwele induduzo kulowo ofunde esikoleni sikaKristu. Ukuqondisisa iqiniso leBhayibheli akuyi ngokuhlakanipha umuntu aphenya ngakho iBhayibheli, kodwa kuya ngokuzimisela nokulangazelela ukulunga.IE 79.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents