Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukufinyelela-ngqo kuNkulunkulu

    Isinyathelo ngasinye sokukholwa nokulalela sisondeza umuntu ekuxhumaneni okuseduze nokuKhanya kwezwe. Imisebe ekhazimulayo yeLanga lokuLunga ikhanya phezu kwezinceku zikaNkulunkulu, nazo zimelwe ukuyibonakalisa leyo misebe. Izinkanyezi zisitshela ukuthi kukhona ukukhanya ezulwini okuzikhanyisayo; ngokunjalo namaKristu ayatshengisa ukuthi kukhona uNkulunkulu esihlalweni sobukhosi onesimilo esifanele ukudunyiswa nokulingiswa. Ubungcwele besimilo saKhe sizobonakala kofakazi baKhe.IE 73.2

    Ngenxa yokulunga kukaKristu singafinyelela esihlalweni sikaSomandla. “ Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethusonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?” UJesu uthi: “Uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” “Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza.” “Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale,” (amaRoma 8:32; Luka 11:13; Johane 14:14; 16:24).IE 73.3

    Kuyilungelo lawo wonke umuntu ukuphila ngendlela ezothola ukunconywa nguNkulunkulu, ambusise. Akuyona intando kaBaba osezulwini ukuthi njalo sihlale ekulahlweni nasebumnyameni. Abukho ubufakazi bokuzithoba kweqiniso ngokuhamba ugobise ikhanda kodwa inhliziyo igcwele ukuzicabangela. Singaya kuJesu sihlanzwe, sime phambi komthetho ngaphandle kwehlazo nokudabuka.IE 74.1

    Ngenxa kaJesu, amadodana ka Adamu awele esonweni aphenduka “amadodana kaNkulunkulu.” “Akanamahloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu.” Impilo yomKristu imelwe ukuba eyokukholwa, ukunqoba nenjabulo kuNkulunkulu. “Unjabulo kaJehova iyinqaba yenu.” “Thokozani njalo. Khulekani ningaphezi. Kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani,” (amaHeberu 2:11; Nehemiya 8:10; 1 Thesalonika 5:16-18).IE 74.2

    Zinjena-ke izithelo zenguquko yeBhayibheli nokungcweliswa. Kungenxa yokuthi izimiso ezinkulu zokulunga ezisemthethweni azinakiwe ukuthi lezi zithelo zingavamile nje ukubonakala. Kungakho-nje ubonakala kancane kangaka umsebenzi ojulile kaMoya owawukhona ezimvuselelweni zakuqala.IE 74.3

    Siguqulwa ngokubuka. Uma lezo zimiso ezingcwele uNkulunkulu azembulele abantu ukuze babone ukuphelela nokulunga kwesimilo saKhe zinganakwa, nezingqondo zabantu zithathekiswa yizimfundiso zabantu nemiqondo yabo, kulandela ukwehla kokukholwa ebandleni. Kuphela-nje uma umthetho kaNkulunkulu ubuyiselwa endaweni yawo ewufanele, lapho kungaba khona imvuselelo yokukholwa nokufana noNkulunkulu efana neyakuqala phakathi kwalabo abazibiza ngabantwana baKhe.IE 74.4

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents