Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    TUsuku LweNKosi

    Umprofethi ulsaya wathi: “Ngalolosuku abantu bayakulahla kuwo amavukuzi nakuwo amalulwane izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, ukuze bangene emihumeni yamadwala nasemifantwini yeziwa ngokwesabkea kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo,” (Isaya 2:20, 21).IE 103.3

    Labo abadela konke ngenxa kaKristu manje baphephile. Batshengise ukwethembeka kwabo phambi komhlaba kuLowo owabafela, bedela nokufa. Ubuso babo obekukade buphaphathekile, bukhathele kungekudala-nje, manje sekukhanya ngokumangalisayo. Amazwi abo acula iculo lokunqoba, bethi: “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakhoke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nokuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo,” (iHubo 46:1-3).IE 104.1

    Ngesikhathi lawo mazwi okukholwa okungwele enyukela kuNkulunkulu, inkazimulo yomuzi wasezulwini iyakhanya emasangweni akhona. Khona kuyakuvela esibhakabhakeni isandla esibambe izibhebhe ezimbili zamatshe. Lowo mthetho ongcwele, owamenyezelwa eSinayi, uyabonakaliswa manje njengesilinganiso sokwahlulela. Amazwi acacile ukuze wonke umuntu akwazi ukuwafunda. Bayakhumbula manje. Ubumnyama bohlubuko nokukholwa okuyize kuyengulwa manje kuzo zonke izingqondo zabo.IE 104.2

    Ayikho indlela yokuchaza ukwesaba nokungabi nethemba kwalabo abanyathele phansi umthetho kaNkulunkulu. Ukuze bathandwe yizwe, bawuchilizela kude, bafundisa abanye ukweqa umthetho. Manaje sebelahlwa yiwona lowo mthetho ababewubukela phansi. Bayabona ukuthi abanazaba. Izitha zomthetho kaNkulunkulu zilibona ngenye indlela manje iqiniso nalokho ezazifanele ukukwenza. Babona sekwedlule isikhathi ukuthi iSabatha uphawu lukaNkulunkulu ophilayo. Bayabona sekwedlule isikhathi ukuthi bakhela esisekelweni esingaqinile. Babelwa noNkulunkulu. Abefundisi baholela abantu ekulahlekisweni, bethi babayisa eParadesi. Kukhulu kangakanani ukuziphendulela kwabantu abaphethe umsebenzi ongcwele, iyesabeka imiphumela yokungathembeki kwabo!IE 104.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents