Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukungabaza IBhayibheli

    Izimfundiso zamanga emabandleni zisusa izikhonkwane ezabethelwa yiZwi likaNkulunkulu. Bambalwa abagcina ngokulahla iqiniso elilodwa vo. Abaningi balahla iqiniso lilandelwa elinye, baze bagcine bengasakholwa.IE 35.1

    Izimfundiso ezidumile zokukholwa ezilahlekisayo ziholele abantu abaningi ekuthini bangakholwa. Kungenzeke ukuthi umuntu amukele izimfundiso ezithunuka indlela abona ngayo ubulungiswa, umusa nokuphana. Njengoba lokhu kufanekiswa njengemfundiso yeBhayibheli, akavumi ukukwamukela njengeZwi likaNkulunkulu.IE 35.2

    IZwi likaNkulunkulu libukwa ngamehlo okungethembi ngoba likhuza liphinde lichithe isono. Labo abangavumi ukulalela elikushoyo bazama ukuchitha igunya lalo. Abaningi baphenduka abangakholwa ukuze besekele ukugwema kwabo okufanele ngabe bayakwenza. Abanye, abathanda kakhulu impilo yokutetemuka ngendlela yokungafuni lutho oluphathelene nokuzidela, bazakhela udumo lokuthi bahlakaniphile ngokugxeka iBhayibheli.IE 35.3

    Abaningi bakubona kuyinto enhle ukuba sohlangothini lokungakholwa, ukusola nokungethembeki. Kodwa ngaphansi kokubonakala sengathi ukuqiniseka, kuzotholakala ukuzigabisa nokuzethemba. Abaningi bathokoziswa ukuthola okuthile emiBhalweni okuzophica abanye. Abanye baqala ohlangothini okungelona, beqhutshwa nje ukuthanda impikiswano. Kodwa ngemuva kokuthi sebephimisele amazwi okungakholwa, bagcina behlangene nalabo abangenaNkulunkulu.IE 36.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents