Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Imiphumela Yokuyekelela Umthandazo Nokufunda iBhayibheli

    IBhayibheli alingalokothwa lifundwa kungathandaziwe. UMoya oNgcwele kuphela ongasenza sibone ukubaluleka kwezinto okulula ukuziqonda, noma ukusivimbela ekuhlanakezeleni amaqiniso alukhuni. Izingelosi zasezulwini zilungisa izinhliziyo ukuze ziqonde iZwi likaNkulunkulu. Sizothathekiswa ngobuhle balo, siqiniswe ngezithembiso zalo. Izilingo zivame ukubonakala sengathi ngeke sikwazi ukumelana nazo ngoba olingwayo akazikhumbuli izithembiso zikaNkulunkulu, ahlangabezane noSathane ngezikhali zeBhayibheli. Kodwa izingelosi ziyabazungeza labo abavumayo ukufundiswa, zizobakhumbuza amaqiniso adingekayo.IE 79.2

    “Uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona,” Johane 14:26. Kodwa izimfundiso zikaKristu zidinga ukuba sezifakiwe ezingqondweni ngaphambi kwesikhathi ukuze uMoya kaNkulunkulu asikhumbuzo zona ngesikhathi sokuhlupheka.IE 80.1

    Isiphelo sezigidi zabantu basemhlabeni sesizofezeka. Yilowo nalow mlandeli kaKristu kufuneka abuze ngokuqiniseka, athi: “Nkosi, ufuna ukuba ngenzeni na?” (Izenzo 9:6). Sidinga ukuthi sifune manje amava ajulile naphilayo ngokuphathelene noNkulunkulu. Asikho isikhathi sokuchithwa. Sisemhlabeni kaSathane. Ningalali nina balindi bakaNkulunkulu!IE 80.2

    Abaningi bayazincoma ngezenzo ezimbi abangazenzanga. Akwenele ukuthi bayizihlalhla ensimini kaNkulunkulu. Kudingeka bathele izithelo. Ezincwadini zasezulwini babhalwe njengabaqeda indawo. Nokho, inhliziyo enothando olubekezelayo isabancenga labo abangawunakile umusa kaNkulunkulu baze bawusebenzisa ngendlela embi.IE 80.3

    Ehlobo awubonakali umahluko phakathi kwezihlahla ezihlala ziluhlaza (ezingabuni), nezinye; kodwa ngokufika kobusika, lezo ezingabuni zihlala ziluhlaza ngesikhathi ezinye zilahlekelwa amahlamvu. Noma ungathola ukuphikiswa, noma ukungabekezelani kungazibonakalisa futhi, noma kungeza izinhlupho, abangazinikele ngokuphelele nabazenzisi baze balahle ukukholwa kwabo, kodwa umKristu woqobo uzokuma aqine, ukukholwa kwakhe kuqine, ithemba lakhe likhanye kakhudlwana kunasezinsukwini zokuthula.IE 80.4

    “Uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza, angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu, anganqamuki ukuthela izithelo,” (Jeremiya 17:8).IE 80.5

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents