Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Okukhulumela Umuntu

    Izulu lonke labubona ubulungiswa bukaNkulunkulu bembuliwe. ULusfa wayekade ethe abantu abawele esonweni ngeke baze bafinyeleleke ngosindiso. Kodwa isijeziso somthetho sawela phezu kwaLowo olingana noNkulunkulu, kanjalo-ke umuntu wayekhululekile ukwamukela ukulunga kukaKristu, kuthi ngokuphenduka kwakhe nokuzithoba, abe nokunqoba amandla kaSathane.IE 16.1

    Kodwa uKristu akezanga emhlabeni ukuzosindisa abantu nje. Wezela ukuzotshengisa yonke imihlaba ukuthi umthetho kaNkulunkulu awuguquki. Ukufa kukaKristu kuyatshengisa ukuthi awuguquki nokuthi ubulungiswa nomusa kuyisisekelo sombuso kaNkulunkulu. Ekwahluleleni ekugcineni kuyokuba sobala ukuthi azikho izaba ngesono. Kuyothi lapho uMahluleli womhlaba ebuza kuSathane ethi: “Wawuhlubukelani kiMina?” umqambi wobubi ngeke abe nesizathu.IE 16.2

    Ngesikhathi uMsindisi ekhala ethi: “Kufeziwe,” kwaba yisiqiniseko sokufa kukaSathane. Impikiswano enkulu1 ebeyiqhubeka isikhathi eside kangaka, seyifike esiphelweni, ukusiphulwa kobubi kuqinisekile. Uma sekufika “usuku oluvutha njengeziko...bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolosuku oluzayo, usho uJehova-Sebawoti, lungabashiyeli mpande ngatsha,” Malaki 4:1.IE 17.1

    1Impikiswano eNkulu phakathi kukaKristu noSathane imaqondana nesimilo sikaNkulunkulu, ubulungiswa baKhe kanye nomthetho waKhe.IE 17.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents