Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Uhufakazi Obanele

    UNkulunkulu unikeze eZwini laKhe ubufakazi obanele ngobungcwele balo. Kodwa izingqondo zabantu azikwazi ukuqonda izinjongo zikaSomandla. “Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!” amaRoma 11:33. Nokho, singabona uthando olungenamkhawulo nomusa kuhlangene namandla angapheli. UBaba wethu osezulwini uzosambulela konke esidinga ukukwazi; ngokungaphezu kwalokho, siding ukwethemba isandla esinamandla wonke, inhliziyo egcwele uthando.IE 36.2

    UNkulunkulu ngeke asuse konke okuvimbela ukukholwa. Bonke ababheka izindawo lapho bengalengisa khona ukungabaza kwabo, bazozithola. Nalabo abangeke balalele ngaphambi kokuthi kususwe zonke izikhubekiso, ngeke bafinyelele ekukhanyeni. Inhliziyo engadaliwe kabusha ingubutha kuNkulunkulu. Kodwa ukukholwa kuphefumulelwe nguMoya oNgcwele, futhi kuzochuma uma kwamukelwa. Akukho muntu ongakhula ekukholweni ngaphandle kokuthi enze imizamo yokuzimisela. Uma abantu bezivumela ukuthi bakhononde, bazothola ukuthi ukungabaza kuyandlondlobala.IE 36.3

    Kodwa labo abangabaza babuye bangethembi isiqinisekiso somusa waKhe, bahlazisa uKristu. Bayizihlahla ezingenazithelo, ezisitha ezinye izitshalo ukukhanya kwelanga, zize zibune, zife ngenxa yethunzi elibandayo. Ekwahluleleni umsebenzi walabantu uyokuba ufakazi waphakade obalahlayo.IE 37.1

    Inye kuphela indlela engalandelwa yilabo abafisa ukukhululwa ekungabazeni. Esikhundleni sokubuza lokho abangakuqondi, abasebenzise ukukhanya osekukhanya endleleni yabo, kanjaloke bazothola ukukhanya okukhulu.IE 37.2

    USathane angaletha inkohliso efana ncamashi neqiniso ize ilahlekise labo abavuma ukukhohliswa, abafuna ukugwema ukuzinikela okufunwa yiqiniso. Kodwa akakwazi ukucindezela ngaphansi kwamandla akhe nowodwa umphefumulo ozimisele ngempela, noma ngabe kubizani, ukwazi iqiniso. UKristu uyiqiniso, Ukukhanya okuqiniseleyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.” “Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami,” Johane 1:9; 7:17.IE 37.3

    UNkulunkulu uyavuma ukuthi abantu baKhe balingwe ngezilingo ezishisayo, kungengoba ujabulela usizi Iwabo, kodwa ngoba kudingekile lokhu ukuze banqobe ekugcineni.IE 39.1

    Kwakungeke kuhambisane nenkazimulo yaKhe ukubavikela ezilingweni, ngoba injongo yokuvivinywa ukubalungisela ukumelana nobubi obuhehayo. Noma abantu ababi, noma amadimoni, angekwazi ukuvimba ubukhona bukaNkulunkulu ebantwini baKhe uma bevuma izono zabo, bezishiya, bebambelela ezithembisweni zaKhe. Sonke isilingo, esisobala nesifihlekile, singanqotshwa ngempumelelo, “Kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela, usho uJehova- Sebawoti,” Zakariya 4:6.IE 39.2

    “Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na?” 1 Petru 3:13. USathane wazi kahle ukuthi nomuntu obuthakathaka kanjani ohlezi kuKristu, unamandla angaphezu kwalawo emikhosi yobumnyama. Ngakhoke ufuna ukususa amabutho esiphambano enqabeni yawo enamandla, ngokuwalalela uyendle ukuze abhubhise bonke abazulela lapho ekhona. Singaphepha kuphela ngokwethembela kuNkulunkulu nokulalela yonke imiyalo yaKhe.IE 39.3

    Akukhu muntu ophephile usuku noma ihora ngaphandle komthandazo. Cela iNkosi ikuphe ukuhlakanipha kokuqonda iZwi laYo. USathane ungumpetha ekukhulumeni ngemiBhalo, eyihumusha ngeyakhe indlela, ngethemba lokusikhuba. Siding ukufunda ngezinhliziyo ezithobekile. Noma nje siding ukuhlala siqaphe amaqhinga kaSathane, sidinga ukuthandaza ngokukholwa sonke isikhathi sithi: “Ungasingenisi ekulingweni,” Mathewu 6:13.IE 39.4

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents