Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukuxoshwa Ezulwini

    USathane nababenaye basola uKristu ngohlubuko Iwabo bethi uma babengathethiswanga, ngabe abahlubukanga. Enkanini nokwedelela kwabo, bahlambalaza bethi bayasukelwa kulombuso wencindezelo, baxoshwa ezulwini. Bheka iSambulo 12:7-9.IE 13.3

    Umoya kaSathane namanje usashoshozela uhlubuko emhlabeni kulabo abangalaleli. Njengaye, nabo bathembisa abantu inkululeko uma beqa umthetho kaNkulunkulu. Namanje ukukhuzwa kwesono kudala inzondo. USathane wenza ukuthi abantu bazithethelele, bafune uzwela Iwabanye esonweni sabo. Esikhundleni sokulungisa amaphutha abo, bafaka umoya wokuthi kweyiswe lowo obakhuzayo, sengathi uyena obabangele inkathazo.IE 14.1

    Ngendlela efanayo anukubeza ngayo isimilo sikaNkulunkulu ezulwini, eyenza ukuthi uNkulunkulu abukwe sengathi ubusa ngesandla esilukhuni, uSathane wayengela abantu ekoneni. Wathi imigoqo engenabulungiswa ebekwe nguNkulunkulu iyona eholele ekuweni komuntu njengoba kwenzeka nakuyena.IE 14.2

    Ngokudingisa uSathane ezulwini, uNkulunkulu wayememezela ubulungiswa baKhe nodumo IwaKhe. Kodwa ngokona komuntu, uNkulunkulu watshengisa ubufakazi bothando IwaKhe ngokunikela ngeNdodana yaKhe ukuze ifele isizwe esiwile. Isimilo sikaNkulunkulu siyembuleka kulesenzo sokubuyisana. Impendulo enamandla evela esiphambanweni iyatshengisa ukuthi kungesolwe umbuso kaNkulunkulu ngesono. Ngeminyaka kaJesu emhlabeni, wembuleka lomkhohlisi omkhulu. Ukuhlambalaza kwakhe ngesibindi ethi uKristu akakhothame kuyena, ukumzingela kwakhe ezindaweni ngezindawo, efaka umoya ezinhliziyweni zabapristi noquqaba ukuthi bangalwamukeli uthando IwaKhe, nesiqubulo esithi: “Akabethelwe! Akabethelwe!”—konke lokhu kwamangalisa amazulu onke ngentukuthelo. Inkosi yobumnyama yasebenzisa onke amandla ayo nobuqili ukushabalalisa uJesu. USathane wasebenzisa abantu njengezithunywa zakhe ukwenza impilo yoMsindisi igcwale usizi nokuhlupheka. Imililo efuthelene ngaphakathi yomona nenzondo nokuziphindisela, yavuthela iNdodana kaNkulunkulu eKhalvari. IE 14.3

    Manje icala likaSathane iase lingenazaba. Wayesesibonakalise obala isimilo sakhe. Izinsolo zakhe zamanga kuNkulunkulu zase zibonakala njengoba zinjalo. Wayekade esole uNkulunkulu ngokufuna ukuziphakamisa ngokuthi izidalwa zaKhe azimthobele, waphinde wathi njengoba uMdali efuna wonke umuntu azidele, Yena akakutshengisanga lokho, akenzanga kuzinikela. Manje kwase kubonakala ukuthi uMbusi wamazulu wenza okuyiwona mnikelo omkhulu kunayo yonke eyayingenziwa uthando, “ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye,” 2 Korinte 5:19. Ukuze abhubhise isono uKristu wazehlisa, wazithobisa kwaze kwaba sekufeni.IE 15.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents