Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IHngelosi liyasiza

    Izingelosi zikaNkulunkulu nawomoya ababi zisobala eBhayibhelini futhi zixubene nomlando wabantu. Abaningi bacabanga ukuthi izingelosi ezingcwele “ezingomoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa” (Heberu 1:14) zingomoya babafileyo. Kodwa imiBhalo iphethe ubufakazi bokuthi akubona omoya babafileyo abangekho emzimbeni.IE 21.3

    Ngaphambi kokudalwa komuntu, zazikhona izingelosi, ngoba mhla kubekwa izisekelo zomhlaba “Izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula,” Jobe 38:7. Ngemuva kokuwa komuntu, izingelosi zathunywa ukuyoqapha umuthi wokuphila, kungakaze kube khona umuntu ofayo. Izingelosi ziphakeme kunabantu, ngoba umuntu wenziwa “waba ngaphansana kukaNkulunkulu.” IHubo 8:5.IE 22.1

    Uthi umprofethi: “Ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi.” Zilindile phambi kweNkosi yamakhosi— “izingelosi zakhe, ezenza okwezwi lakhe,” “izigidigidi zezingelosi,” iSambulo 5:11; iHubo 103:20, 21; Heberu 12:22. Njengezithunywa zikaNkulunkulu “zigijima njengombane,” indlela ezishesha ngayo. Ingelosi eyabonakala ethuneni loMsindisi “ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi,” yenza ukuthi abaqaphi bathuthumele ngokwesaba, “baba njengabafileyo.” Ngesikhathi uSaneheribi ehlambalaza uNkulunkulu esabisa nolsrayeli, “kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu labaseAsiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesihlanu,” Hezekeli 1:14; Mathewu 28:3, 4; 2 Amakhosi 19:35.IE 22.2

    Izingelosi zithunywa emsebenzini womusa kubantwana bakaNkulunkulu. Ku Abrahama, kwakuyizithembiso zesibusiso; eSodoma, kwakungukuhlenga uLoti ekubhujisweni; kuEliya owayebhekene nokufa ehlane; kuElisha, ngezinqola namahhashi omlilo ngesikhathi evinjezelwe yizitha zakhe; kuDaniyeli, ngesikhathi esemgodini wamabhubesi; kuPetru, ngesikhathi ebhekene nokufa ejele likaHerodi; kwababeboshwe eFilipi; kuPawulu ngobusuku besiphepho olwandle; ukuqaqa umqondoh kaKorneliyu ukuze amukele ivangeli; ukuthuma uPetru nesigijimi sosindiso kowezizwe—ngalezi zindlela ke, izingelosi bezithunywa ebantwini bakaNkulunkulu.IE 22.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents