Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Kwafika Ukukhululwa!

    Phakathi kwamabili, uNkulunkulu ubonakalisa amandla aKhe okukhulula abantwana baKhe. Kuyobonakala ilanga likhanya ngamandla alo onke. Izibonakaliso nezimangaliso ziyolandela. Ababi bayobuka konke lokhu, bashaywe wuvalo ngesikhathi abalungile bebuka izibonakaliso zokusindiswa kwabo. Phakathi kwamafu ashayisanayo, kubonakala isikhala esisodwa senkazimulo engenakuchazwa, lapho kuphuma khona izwi likaNkulunkulu njengamanzi amaningi, lithi: “Sekwenzekile!” (iSambulo 16:17).IE 102.2

    Lelozwi linyakazisa izulu nomhlaba. Kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, “okungazange kube khona okunjalo, selokhu kwabakhona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka,” (iSambulo 16:18). Kusakazeka amatshe atshijile nxazonke. Ulwandle luyathukuthela. Kuzwakala ukuhayiza kwesiphepho sengathi yizwi lamadimoni. Ubuso bomhlaba buyagebhuleka. Kubonakala sengathi nezisekelo zawo ziyasiphuka. Amachweba, lezo zindawo ezifana neSodoma ngobubi bazo, agwinywa ngamanzi athukuthele. “IBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka Iwakhe oluvuthayo,” (iSambulo 16:19). Amatshe amakhulu esichotho enza umsebenzi wawo wokucekela phansi. Amadolobha aziqhenyayo awa phansi. Izigodlo zobukhosi lapho abantu befake khona izimali zabo, zibhidlika phambi kwamehlo abo. Izindonga zamajele ziyaqhephuka, abantu bakaNkulunkulu baphume.IE 102.3

    Amangcwaba ayavuleka, “Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okupOhakade.” “Nabo abamgwazayo,” labo ababehlekisa ngobuhlungu bokufa kwaKhe, nalabo ababemelene neqiniso laKhe kakhulu, bayavuswa ukuze babone abathembekile nabalalelayo behlonishwa.” (Daniyeli 12;2; iSambulo 1:7).IE 103.1

    Imibane eyesabekayo ibaneka njengomlilo emhlabeni. Ngaphezu kokuduma kwezulu, kunamazwi angaqondakali nasabekayo asho ukubhujiswa kwababi. Labo ababekade bezishaya izifuba, bengenandaba, benesihluku ebantwaneni bakaNkulunkulu abagcina imiyalo, manje bayathuthumela ngokwesaba. Amadimoni ayathuthumela ngesikhathi abantu becela umusa.IE 103.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents