Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    lyaqhmka INkosi yamakhosi

    Izwi likaNkulunkulu liyezwakala limemezela usuku nehora lokubuya kukaJesu. Ulsrayeli kaNkulunkulu umi elalele, ubuso babo bukhanyiswe yinkazimulo yaKhe. Masinyane, kubonakala ngasempumalanga ifu elincane, elimnyama. Yifu elizungeze uMsindisi. Abantu bakaNkulunkulu baligqolozela lisondela, laze laba yifu elikhulu elimhlophe, isisekelo salo kuyinkazimulo efana nomlilo odlayo, ngaphezu kwalo kukhona uthingo Iwesivumelwano. Manje uJesu akasezi “njengoMuntu wosizi,” kodwa ugibele njengomnqobi onamandla. Izingelosi ezingcwele, eziyisixuku esikhulu esingenakubalwa, ziza naYe, “izigidi ngezigidi zezigidi.” Amehlo onke ayakubona iNkosi yokuphila. Ekhanda laKhe kukhona umqhele. Ubuso bakhe bedlula ilanga lasemini ngenkazimulo. “Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhi elithi: iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi,” (iSambulo 19:16).IE 105.1

    INkosi yamakhosi yehla ngefu, yembethe ilangabi lomlilo. Umhlaba uyazamazama phambi kwaYo. “UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu. Ubiza izulu ngaphezulu kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe,” (iHubo 50:3, 4).IE 105.2

    “Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba; base bethi ezintabeni nasemaweni: Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni IweWundlu, ngokuba usuku olukhulu lolaka Iwabo selufikile; ngubani-ke onganamandla okuma na?” (iSambulo 6:15-17), Sekuphelile ukuhleka usulu, nezindebe ezikhuluma amanga zithule manje. Akuzwakali lutho ngaphandle kwezwi lomthandazo nomsindi wokukhala. Ababi bathandazela ukuba bangcwatshwe ngamawa kunokuthi babhekane naLowo abekade bembukela phansi. Lelo lizwi elifinyelela endlebeni yabafileyo, balazi kahle. Kukangaki ubumnene balo kubabizela ekuguqukeni. Kukangaki lizwakala ngokuncenga komngane, isizalwane, uMhlengi. Lelo lizwi livusa imicabango yezixwayiso ezinganakwanga nezimemo ezenqatshwa.IE 105.3

    Kukhona labo abahlekisa ngoKristu ngesikhathi edelelwa. Wathi: “Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu,” (Mathewu 26:64). Manje bambina enkazimulweni yaKhe; basozombona ehlezi ngakwesokunene saMandla. Nango uHerodi ozazisayo, owaklolodela isikhundla sikaJesu sobukhosi. Akhona lapho amadoda abeka umqhele wameva ekhanda laKhe, esandleni ambhinqa ngenduku yobukhosi yomhlanga—nalabo abamkhothamela ngokumbhinqa, abamphimisela ngamathe oyiNkosi yokuphila. Sebefuna ukumbalekela. Labo abashayela izipikili ezandleni zaKhe nasezinyaweni, babona lawo manxeba, bashaywe luvalo besabe.IE 106.1

    Abapristi nababusi bakhumbula izigameko zaseKhalvari ngokucacile, ukuthi babenqekuza amakhanda abo ngokujabula kwamadimoni; bememeza bethi, “Wasindisa abanye, Yena angezisindise,” (Mathewu 27:42). Isikhalo sabo sokungabi nethemba sizwakala kakhulu ukwedlula mhla babememeza eJerusalema bethi: “Mbethele, mbethele!” “UyiNdodana kaNkulunkulu!” Bafisa ukubaleka ebusweni beNkosi yamakhosi.IE 106.2

    Empilweni yabo bonke abenqaba iqiniso kukhona izikhathi lapho unembeza evuswa khona, lapho umphefumulo uhlushwa ngukuzisola okuyize. Kodwa kuyini lokho uma kuqhathaniswa nokuzisola kwangalolo suku! Phakathi nokwesaba kwabo, bezwa amazwi abangcwele bethi: “Bheka, lo, unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa,” (Isaya 25:9).IE 107.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents