Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents

Ithemba Elikhulu

 - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Isahluko 10—Ukuhlengwa Okukhulu

    Ngesikhathi iapho imithetho yezwe isihoxisiwe ekuthini ivikele labo abahlonipha umthetho kaNkulunkulu, kuyokuba khona emazweni ehlukene, imizamo yokubabulala. Ngokusondela kwesikhathi esibhalwe emthethweni, abantu bayozama ukugadla ngobusuku obubodwa, ukuze kuthuliswe izwi elibakhuza ebubini.IE 101.1

    Abantu bakaNkulunkulu—abanye babo besemajele, abanye emahlathini nasezintabeni—bayobe bekhulekela ukuvikelwa yizulu. Abantu abahlomile, beqhutshwa yizingelosi ezimbi, bayobe belungisela ukubulala. Manje, ngesikhathi sokukhathazeka okukhulu, uNkulunkulu uyalamula: “Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingo kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala likalsrayeli. Ujehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka Iwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho,” (Isaya 30:29, 30).IE 101.2

    Izixuku zabantu ababi ziyobe sezilungele ukuhlasela abalungile, lapho kwehlela emhlabeni ubumnyama obungaphezu kobusuku. Ngaleso sikhathi uthingo Iwenkosazana luyobonakala esibhakabhakeni sengathi luzungeze amaqoqwana alabo abathandazayo. Izixuku ezithukuthele zima lapho zikhona. Ziyakhohlwa ngalabo ebezithi ziyababulala. Zibuka uthingo Iwesivumelwano sikaNkulunkulu, zifise ukucashiswa kuleyo nkazimulo.IE 101.3

    Abantwana bakaNkulunkulu bayokuzwa izwi lithi: “Bhekani phezulu.” NjengoStefane, owafela inkolo yakhe ekuqaleni kwebandla lobuKristu, babheka phezulu, babone inkazimulo kaNkulunkulu neNdodana yomuntu esihlalweni sobukhosi. (Bheka iZenzo 7:55, 56). Babona amanxeba aKhe, bezwe ukunxusa okuthi: “Baba ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona name lapha ngikhona,” (Johane 17:24). Kuyozwakala izwi lithi: “Bayeza, bengcwele bengangcolisiwe! Baligcinile izwi lokubekezela kwami.”IE 102.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents